Now Reading
KwaZulu-Natal akusekho Hulumeni kepha yizigungu zabangani nemifelandawonye yamadlegwavuma
Dark Light

KwaZulu-Natal akusekho Hulumeni kepha yizigungu zabangani nemifelandawonye yamadlegwavuma


  • Kudalwa wukuhhohloka kwezinhlaka nenkohlakalo enqunu
  • Kukhonjwa emaqenjini nakoHulumeni bonke

Esimweni esejwayelekile amaqembu angumthombo lapho kukhiqizwa khona abaholi abasuke bezohola uHulumeni. Laba ngabantu okukholakala wukuthi ekuqokweni kwabo phakathi kokunye bayokwelusa ukubuswa nokuphathwa kwabantu nokuthi ekusebenzeni kwabo wonke umuntu uyobe elingana kungakhathalekile ukuthi wabavotela noma qha. 

Lesi yisimo esejwayelekile. Nokho siphila esimweni esingejwayelekile. Izinkomba zithi iKwaZulu-Natal njengeNingizimu Afrika yonke inenkinga yokuhhohloka kwezinhlaka zokubusa nokudalwa isikhathi esiningi yimibango yamaqembu kanye nenkohlakalo enqunu. Okunye okumqoka wukuthi lolu twayi luhlasele wonke amaqembu kanye noHulumeni ngandlela thile. 

KweleNdlovukazi uMthaniya iqembu elibusayo KwaZulu-Natal njengoba lenza kuzwelonke lizivumela lona ukuthi cishe zonke izinhlaka zeqembu zehlukene phakathi ngenxa yepolitiki yangaphakathi nokugcina ngokuchaphazela izinhlaka zikaHulumeni. Lokhu kugqame nakakhulu ngesikhathi le nhlangano esifundazweni ithelwa ngehlazo okhethweni lwangaphakathi kuzwelonke ngesikhathi okokuqala ngqa ingabi nabayimele ohlakeni olumqoka lokuhola iqembu. 

Kusuka lapho kwanda ukuxoshana nokuqashana ngoba othize esohlangothini oluthile. Uma eqala ukuba nguNdunankulu wesifundazwe uMhlonishwa uZikalala nowaginga uMnu uSenzo Mchunu wasolwa ngokusefa nokukhomba indlela bonke labo ababebukeka njengababesebenza noMchunu. 

Kusuka eHhovisini lakhe uNdunankulu kuye ezinhlakeni lapho iqembu linamandla kwaba sobala ukuthi abahluliwe bazodla inhlabathi ngoba bazokhishwa ezikhundleni ezithile kufakwe abaseka loyo ophumelele. 

Njengokwejwayelekile njalo uma kuba nalezi zinsolo kuba khona izitatimende ezikuphikisayo lokho.

Ulwembu olubathandele bonke 

Ukubonakala ngokuthi uZikalala wabe ethandele olwembini olwabe lumenza angabi namandla okuqoka abantu abathandayo kwabonakala ngesikhathi kukhona ukubhala ecisha ngokuthi ngobani abazokwenza isigungu sakhe saBaphathiswa nokwaphetha ngokuthi afake abantu okwabe kukholakala ukuthi ‘ngabezinhlangothi’ ezimbili olwaziwa ngokuthi luseka uZuma nalelo okwaziwa ngokuthi labe luseka uRamaphosa noMchunu owagingwa nguKhuzeni.  

Akulona ihaba ukuthi uKhuzeni kakutholanga konke aye kufisa ekuqokeni aBaphathiswa.  Omunye wabaholi be-African National Congress (ANC) nohlala emhlanganweni yesigungu sesifunda ukuqinisekisile lokhu: “UZikalala wasontwa ingalo waphoqeleka ukuthi afake abantu ukube kwakuya ngaye ngabe wabachitha ngoba wayazi ukuthi bazoba yingozi kuye kusasa. UNomusa Dube noPeggy Nkonyeni babeyaphi? Bangena ngenxa yengcindezi. Angikhulumi-ke ngamaqabane asemancane oJomo Sibiya nalo osanda kuhamba uHlomuka yinto nje efanayo,” kusho lo mthombo ongafisanga ukudalulwa ngoba ethi isimo simanzonzo eqenjini njengoba kuyokhethwa nje ngakho akafisi ukuba aziphose emanketshaneni ngokuphawula kwakhe.

Uqhubeke wathi lokhu kuphila lubhojozi yikho okuphoqe ukuba uKhuzeni azibambele mathupha. “Nani njengeBayede nake nabhala ngemibiko ethi kukhona abasola uKhuzeni ngokuthi ufuna ukwenza yonke into, kepha wena ungenzani uma wazi ukuthi upikwe nezipani ezingakuzwile nawe futhi ongazizwile?” kubuza umthombo. 

Ukukhuluma kuthi lolu lwembu oluthandele osopolitiki seluhhodloze ngisho ukusebenza kukaHulumeni nokuyinto okuthiwa empeleni kayiqalanga ngesikhathi sikaKhuzeni kepha kudlange kakhulu ngesakhe isikhathi. Ukwehlulwa kukaKhongolose okhethweni loHulumeni Bendawo kanye nemiphumela ede ivela ezinkomfeni zezifunda ziveza isithombe esithi abaholi laba kabasavotelwa ngenxa yenqubomgomo nokudepha abanakho ngezeqembu nombusazwe kepha okuba sobala sekuba ngumshungu wosiyodlani noma wosiyodlanini.

Lokhu kuqokana nokuqashana ngobuhlobo ngaphakathi nangaphandle kweqembu kuthiwa kwenabela nasebudlelwaneni bosopolitiki nebhizinisi njengoba kukholakala nokuthi amahalanjonjo asolwa ngokuba ngamathamelangozi nangosomabhizinisi nawo ambobo ekutheni ngubani  ozophatha emkhandlwini, emnyangweni noma eqenjini.  Lokhu kuqapheleka ngokudizelwa kwabathile ngesikhathi sokhetho kanye nokutholakala kwamathenda.  Konke lokhu kwenza ukusebenza kuHulumeni kungabi ngokwejwayelekile nokunomkhiqizo olindelekile.

Njengoba kwakunjalo kuphuma uMacingwane kungena uZikalala kukhona ukukhathazeka kwabanye abasebenza kuHulumeni ukuthi uma uZikalala engadliwa yivoti bayoba yini ngoba balindele ukuthi abafikayo bafake abantu babo emahhovisi ngisho nasemabhizinisini nabathi kufenyisa ukusebenza kwansuku zonke kukaHulumeni.

See Also

Nakwamanye amaqembu yiso leso 

Ngokuthola kwelaboHlanga lolu twayi nolwembu lungekhonjwe eqenjini elibusayo kuphela kepha nakwamanye amaqembu nakoHulumeni Bendawo ngesifanayo. Sikhulume nesisebenzi somunye wemikhandlu emikhulu ethathwe yiqembu eliphikisayo Inkatha Freedom Party (IFP) nongathandanga ukuba igama lakhe livele noveze lokhu akubize ngengcindezi yabaphathi abasha. “Uma kuthatha abe-IFP sabe sesazi ukuthi njengoba besisebenza neMeya endala nje kuyomele siqoqe ngoba Inkatha yayiza nabantu bayo. Empeleni ngoba siyazana abalandeli be-IFP esasisebenza nabo basitshela emehlweni ukuthi asiqoqe,” kusho yena.

Uqhubeke wathi lokhu yize kubuhlungu kepha kwejwayelekile futhi yena nabalingani bakhe abayi-ANC babekulindele.  “Bheka, khumbula nathi ekuqaleni sathatha ku-IFP nathi senza okufanayo. Uma sekwenzeka lokhu sasazi ukuthi bazobuyisa izinduku. Kuyimanje yonke into iyi-IFP, abashayeli beMeya, uMabhalane ngisho nemicimbi seyihlinzekelwa ngabanye abantu esinesiqiniseko ukuthi bayi-IFP. Nami ngiyiyo bengizokwenza okufanayo yipolitiki lena,” kuphetha yena.

Omunye umlandeli we-IFP osebenza kumasipala ophethwe yiNkatha nocele ukuba singalidaluli igama ngenxa yephalishi uthe noma eyilungu lokuqina leNkatha kuyiphutha ukuthatha ngokuthi konke kuhamba kahle. “INkatha mina ngiyayithanda futhi ngiyoze ngife ngiyiyo. Mina ngayijoyiniswa ngoZenzele Phakathi noMusa Zondi noZanele Magwaza.  Okubi manje wukuthi sekukhona iNkatha yabathile nabathile nokuyinto esihluphayo ngoba kukhona ukubandlululana kuqasheka abantu abazwana naloyo mholi. Yimbi le nto ngoba uMntwana akayifuni kodwa ikhona. Komasipala bethu siphenduka imilanjwana ngoba nje omunye wethu osemandleni uzizwa amandla ngokufaka abangani bakhe,” kusho lesi sisebenzi nesibuye sibe yilungu leqembu.

Iqembu elikhulu kwaphikisayo iDemocratic Alliance (DA) nehlala ibeka phambili ukubusa ngobuqotho nayo ike yazithola isolwa ngokuqasha abangani namalungu eqembu.  UMkhandlu iCape Town uke wasolwa ngokuqasha  inkampani yaloyo owayengumholi wayo uMnu uTony Leon, iResolve Communications.  Kwaba ngesifanayo nakuNational Freedom Party (NFP) eZululand ngesikhathi kunezinsolo zokuthi leli qembu lase liqasha abantu nezinkampani ezabe zihambisana nayo kwaze kwasolwa nokuthi indodana yomholi weqembu naye yabe ihlomula ngaleso sikhathi. 

Nokuyizinsolo leli qembu elabe liziqhelelanisa nazo.  Lo mkhuba nezinsolo akubukeki uzophela KwaZulu-Natal ngoba kulolu lwembu kuzungeziswa imali okuyiyo eyisilingo kubaholi, amaqembu, namalungu. Ungaphelile lo mkhuba ukuphazamiseka kokusebenza okuqotho ngaphandle kokungenelela kwabangani, izihlobo nabalingani ekusebenzeni kukaHulumeni kwansulu zonke.

Scroll To Top