Abasolwa: Omunye kuthiwa ngubaba we-COPE omunye woMkhonto Wesizwe
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Zombili lezi zinhlangano zethulwa ngomhla zili-16 kuZibandlela zidla emlandweni kaKhongolose
Kwabanye igama likaMnu uThabo Mbeki noMnu uJacob Zuma ngamanzi namafutha. Yize bona bengakaze bakusho lokho ( ukuthi kabazwani) kepha kwabanye laba bayinkukhu nempaka. Phezu komlando wabo eqenjini nasekusondelaneni nomholi othandwayo kuKhongolose, uMnu uOliver Reginald Tambo, isikhathi sedemokhrasi sibenze baqhelelana kokuningi.
Ngonyaka wezi-2007 ngaphambi kokwehlulwa kwakhe kwingqungquthela yeqembu nokwehliswa njengomengameli wezwe, uMbeki wasolwa ngabathile ukuthi wahlela ukuba kubunjwe iqembu elisha nelasebenzisa igama elinomlando omqoka kaKhongolose, iCongress of the People (COPE).
Leli gama lilunjaniswa nomhlangano omkhulukazi kaKhongolose nabadlelana nawo nomphumela kwaba wukwethulwa komqulu iFreedom Charter. Okwamatanisa kakhulu uMbeki neCOPE ngabantu abavela njengabaholi baleli qembu okunguMnu uMosiuoa Lekota, uMnu uMbazima Shilowa kanye noMnu uMluleki George.
Abe COPE mhla bethulwa babemi kwelokuthi bazobuyisela uKhongolose wasendulo ngoba lo owabe uholwa nguZuma wabe usunhlanhlatha. Inhlangano yabo bayethula ngosuku olumqoka kuKhongolose , umhla zili-16 kuZibandlela. Kuze kube namuhla uMbeki neCOPE abakaze bakuphike noma bakuvume ukulumbana kuka Mbeki neCOPE.
Ngasohlangothini likaMnu uZuma ukukhuluma okufakazelwe nayizinkulumo zakhe zakamuva kumkhomba ekusungulweni kwenhlangano entsha yezepolitiki, uMkhonto Wesizwe. Ekuwethuleni uMkhonto Wesizwe uZuma kananazanga ekutheni ngalenhlangano inhloso wukubuyisa uKhongolose wangempela esola lona awubize ngokaRamaphosa ngokusuka kuzimiso zikaKhongolose wayizolo.
UZuma noMbeki basho esidlangalaleni ukuthi ngeke bayikhankasele i-ANC eholwa nguMnu uRamaphosa. Bobabili bakhale ngokuthi loKhongolose usuphumile esipolweni. Umbuzo uthi ngabe lomkhokha uzoqhubeka yini lapho abaholi bakaKhongolose beyihlomisa ehlathini bakha amaqembu amasha ‘azolungisa’ uKhongolose emuva kokuba bona sebephumile esikhundleni?