Now Reading
OweChippa ugxeka iziphathimandla zePSL ngemuva kokuchitha isicelo sakhe 
Dark Light

OweChippa ugxeka iziphathimandla zePSL ngemuva kokuchitha isicelo sakhe 

Usekhwele wadilika kuPremier Soccer League (PSL) usihlalo weChippa United, uSiviwe ”Chippa” Mpengesi. 

IPSL ichithe isicelo seChilli Boys sokushintsha inkundla yasekhaya. Leli qembu elizinze esifundazweni sase-Eastern Cape lizobhekana nePolokwane City ngoMgqibelo ngo-3.30 emdlalweni weDSTV Premiership.

UMpengesi usekhiphe isitatimende lapho egxeka iPSL ngokwenzelela nokungayilandele imithetho yeligi yokushintsha izinkundla.

“Bantu base-Eastern Cape namaphethelo sizonithulela izindaba ezingezinhle neze ezithinta umdlalo wethu olandelayo esizowudlala nePolokwane City ebesihlele ukuthi ubanjelwe eBuffalo City Municipality Stadium. Lo mdlalo kumele udlalwe mhla zingamashumi amabili nantathu kuZibandlela futhi ubuzoba yingqophamlando ngenxa yokuthi bekuzobe kungokokuqala uMasipala waseBuffalo usingatha umdlalo wezinga lePSL eminyakeni eyesikhombisa eyedlule. Umdlalo ubuzohambisana nesasasa lamaholidi kaZibandlela,” kuchaza uMpengesi esitatimendeni.

Amaqembu avunyelwe ukubhalisa izinkundla ezintathu ngesizini. IChippa idlalela eNelson Mandela Bay Stadium okuyinkundla yayo yokuqala. Inkundla yayo yesibili iNelson Mandela Bay Stadium bese kuba yiSisa Dukashe Stadium.

“Ngemuva kokuthi umhlonishwa uRonnie Schloss ephasise ukusentshenziswa kwale nkundla senze konke okusemandleni ukwenza isiqiniseko sokuthi sishintsha imidlalo yethu isuke eNelson Mandela Bay iye eBuffalo City. Lokhu kubalwa nokusingatha izindleko zeqembu ebesizodlala nalo iPolokwane City zokulala ehhotela nendiza ebebezoyisebenzisa (usuka eGoli beza lapha). 

Ngemuva kokufaka umfutho ongaka iPolokwane isichithile isicelo sokushintshwa komdlalo ngaphandle kwezizathu ezibambekayo. Isinqumo sayo siphinde saphelezelwa ngesePSL sokungalandeli imigudu efanele uma kukhulunywa ngomthetho wokushintshwa kwemidlalo okuholele ekutheni umdlalo ubuyele enkundleni obekumele udlalwe kuyona phambilini (iNelson Mandela Bay Stadium),” kubeka isitatimende sikaMpengesi.

IChilli Boys yilona kuphela iqembu elisuka e-Eastern Cape elikulesigaba seLigi.

See Also

“Siyayiqonda indumalo ehambisana nalesi sinqumo ikakhulukazi ngenjabulo nokubamangange obekulethwa yilo mdlalo kule ndawo. Inhloso yethu bekuwukuletha injabulo, wukuqhuba isasasa lamaholidi kaZibandlela ikakhulukazi ngempelasonto kaKhisimusi. Ngicela namukele isixoliso sethu ngale sinqumo ebesingaphezu kukamandla ethu,” kuqhuba uMpengesi.

IChippa ihlezi endaweni yesishiyagalolunye ku-log.

“Lesi sinqumo esithathwe yiziphathimandla zePSL esikhombisa ukungabinobulungiswa kanjalo neqiniso elihamba nomgqigqo sidweba isithombe esicace bha sokuthi azifuni ukubona intuthuko endaweni yase-Eastern Cape. Ngaphezu kwazo zonke lezi zingqinamba sifuna ukukuqinisekisa ukuthi sizimisele ngokudlala yonke imidlalo yethu esele kumasipala waseBuffalo ngonyaka ozayo ukuqala umdlalo esizowudlala neCape Town City mhla ziyishumi nesikhombisa kuNhlolanja. Njengamanje sesigxile emdlalweni olandelayo osuzoba seNelson Mandela Stadium esibheke ukuqoqa kuwona amaphuzu amathathu. Siyabonga ngokuseseka futhi niqhubeke.” kusho uMpengesi.

Scroll To Top