Unyaka wezi-2023 ube oyimpumelelo kwezokusubatha KwaZulu-Natal
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Usekelamengameli weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) uMandla Mngomezulu, uthi lenhlangano ibe nonyaka omuhle kakhulu nonyaka.
UMngomezulu obenengxoxo ekhethekile nelaboHlanga ukuthi baningi abakuzuzile nonyaka beyi-KZNA, yize kukhona okubi okubehlakalele.
“Sibe nonyaka omuhle kakhulu siyisifundazwe iKwaZulu-Natal kwezokusubatha, abagijimi bethu bayadinga ukuthi bashawele elikhulu ihlombe. Bakwazile ukusimela kwimijaho eminingi okubalwa eyase-Africa naphesheya kwezilwandle, bebuya nezindondo ezehlukahlukene bephephezelisa ifulegi lesifundazwe neNingizimu Afrika” kusho uMngomezulu.
Okunye kokuningi kokubalwe uMngomezulu abaziqhenya ngakho beyi-KZNA, ukunqoba komfanyana oqhamuka endaweni yasemakhaya uMinenhle Myeni onqobe iWalk ASA ebangeni lika-10km. URuben Vesagies yena wanqlba ibamga lika-1500m.
Iqembu lokusubatha iPhantane AC, iqokwe njengeClub of the Year kuma KZN Sports Awards, kwathi uZakithi Nene yena waba iSport Personality of the Year kulandela uknqoba kwakhe iDiamond League phesheya.
IKwaZulu-Natal iphume endaweni yesine kumaCross Country, uJenet Mbbele wathola indondo yesiliva kwi-ASA Marathon Championships, uNwabisa Mjoli wathola iSiliva kuma-ASA 10km Championships, uTayla Kavanagh wathola iGolide kuma-ASA 5km Championships eGoli waphinda futhi wenza irekhodi elisha lika 15:50 kuma5km kuma World Championships.
“Izinga lokusubatha ngingasho ngaphandle kokungabaza ukuthi linyuke kakhulu, uma uliqhathanisa neleminyaka edlule. Siphinde sathatha ezemidlalo saziyisa ezindaweni zasemakhaya, okuyilapho esikholelwa ukuthi ikhona likhona. Okunye uma kubhekwa izikhathi ezisheshayo ezigijinywayo manje senze kahle, ubuke ukuthi kunomsubathi osemncane njengoMininhle ukwaze ukuba umpetha, ngokunjalo noTyla. UJenet Mbhele ubuye n negolide kwiComrades. Kuzokhumbuleka ukuthi kwagcina ngoFikile Mbuthuma ukuthola iGolide kwiComrade Marathon ongowoHlanga kwabesifazane” kubeka uMngomezulu.
Imidlalo yamaCross Country Championships nonyaka abanjelwe ePrince Mangosuthu Stadium oLundi, lesi siifundazwe sibe ngesokuqala ukuba nemijaho emthathu yamabanga amafushane enemklomelo emikhulu.
Kule mijaho kubalwa iHollywoodbets 10km ekhokhela izinkulungwane ezingama-R35 kumuntu onqobile kube bobubili ubulili, i-ABSA Run Your Series 10km yona ikhokha izinkulungwane ezingama-R30, kuthi iBoxer Super Run 5km yona ikhokha ezingama-R20.
Kuphinde kwaba nama Youth & Junior Track & Field ASA Championships eMsunduze Athletics Stadium, eMgungundlovu nePrimary Schools Track & Field Championships khona eMgungundlovu.
Eqhuba uthe: “Yize kube khona okuningi okuhle kodwa kukhona nonyaka okusiphule izinhliziyo kwi-KZNA. Okusiphathe kabi kube ukudlula emhlabeni kwengqwele yethu eKZN uMbuleli Mathanga, akuyena yedwa kodwa bakhona nabanye okuwuSiphosakhe Khumalo waKwaNyuswa noGarikai Madawo obezinze lana eNingizimu Afrika kodwa edabuka eZimbabwe” usho kanje.
Ezinye izingqinamba iKZNA ebhekane nazo ukungabi sesimeni esihle senkundla yezokusubatha, iKings Park Stadium kodwa umasipala omatasa nokuyilungisa. Okunye ukugqoza kwaxhasi nakho kuphazamise indlela yokusebenza.
UMngomezulu akagcini ngokuba usekela mengameli we-KZNA, kodwa uphinde abe isikhuli esiphezulu seXcel Running Club. Lekilabhu isungulwe ngowezi-2020, kodwa akungatshazwa ukuthi ifike kwezwakala.
Ebuzwa ukuthi yona ibe nonyaka onjani uthe: “IXcel Running Club ibe nonyaka omuhle kakhulu, konke lokho kwenziwe ukuzikhandla kwabasibathi bethu. Sibe nabasubathi abanjengoJenet, uThokozani Mbambo, uTebello Ramakongoane baliphakamisile ifulegi lekilabhu” usho kanje.
Ngeledlule lekilabhu ibinomcimbi wokuvala unyaka nalapho ikomelise khona abasubathi bayo abenze kahle okukhona uJenet, uRamakongoane nabanye.