Now Reading
Okungapheli Kuyahlola: ISantos ichazwa njengeqembu elikhiqiza onkulunkulu bebhola emhlabeni
Dark Light

Okungapheli Kuyahlola: ISantos ichazwa njengeqembu elikhiqiza onkulunkulu bebhola emhlabeni

Ayinantanga iSantos esanda kugawulwa yizembe ezingeni elikhokhelayo eligini enkulu yaseBrazil uma kukhulunywa ngokukhiqiza izihlabani zabadlali abahlonishwa umhlaba wonke emhlabeni.

Ngeledlule iSantastico igawulwe yizembe ngemuva kweminyaka eyikhulu neshumi nanye igijima esigabeni esikhulu kulandela ukuguqiswa yiFortaleza ngo 2-1.

Leli fu elimnyama ligubuzele leli qembu ngesonto eledlule phambi kwabalandeli balo eVila Belmiro. Ngemuva komdlalo kube nezidubedube zokushiswa kwezimoto nezindawo zokuhlala abalandeli bedinwe yilenhlekelele ebehlele.

ISantos yasungulwa ngowezi-1912 ngamadoda amathathu amagama awo nguRaimundo Marques, Mario Ferraz de Campos no-Argemiro kulandela izikhalo zokuthi idolobha lawo alimelekile ebholeni.

La madoda ayezifela ngezemidlalo ase ezala iSantos egcine ibalwa namaqembu ahamba phambili emhlabeni.

ISantos ikhiqize uPele noNeymar okungabadlali ababili abathandazwa sengathi nguNkulunkulu yonke indawo lapho abanyathela khona ezinkundleni zezemidlalo emhlabeni jikelele.

Namanje akekho umdlali webhola osafika ezingeni likaPele. Unqobe iNdebe yoMhlaba amahlandla amathathu neqembu lesizwe laseBrazil ngowe-1958 eSweden, ngowe-1962 eChile, nangowe-1970 eMexico. UPele odlule emhlabeni kulo nyaka usaphethe irekhodi lokuba ngumdlali omncane kunabobonke ukuphakamisa isicoco seNdebe yoMhlaba (17). Uphinde waphatha irekhodi lokuba ngumdlali onamagoli amaningi eqenjini lesizwe laseBrazil iminyaka engamashumi amahlanu. Irekhodi lakhe lephulwe nguNeymar naye osuka kuSantos.

Leli qembu lithathe isinqumo sokuthi akekho umdlali ozobeletha ishumi emhlane kuze kube yibuyela esigabeni esikhulu. Ishumi kuSantos laziwa ngoPele noNeymar.

UJomo Sono owadlala noPele eMelika waphinde wahambisa u-Arthur Zwane kuSantos esebenzisa ubudlelwano bakhe nalo Nkulunkulu webhola laseBrazil uvumile ukuthi akekho oyofana noPele neSantos emlandweni webhola.

USono ubexoxa nelaboHlanga engxoxweni ekhethekile ngokugawulwa yizembe kweSantastico.

“UPele angiboni ukuthi kukhona oyofika ezingeni lakhe. Wayeyinkunzi yomdlali. Abantu abafana naye bafika kanje emhlabeni. OPele ngabantu bekhethelo futhi abayisiphesheli esiphuma kuMdali. Kufana neqembu ayedlala kulona iSantos. Umlando walo ebholeni awusoze wabuna. Ukukhiqiza abadlali beqophelo likaPele, Neymar noRobinho akuyona into encane futhi ayilula neze,” kuchaza uSono naye iqembu lakhe elagawulwa yizembe esigabeni esikhokhelayo ngemuva kweminyaka ekhiqiza izibabuli zabadlali abafana noMark “Fiiiish” Fish, Helman “Midnight Express” Mkhalela, Edward “Magents” Motale noPhilemon “Chippa” Masinga bonke abadla isicoco se-Africa Cup of Nations (Afcon) neBafana Bafana ngo-1996.

ISantos ishaya ngezicoco ezingamashumi amabili nambili zePaulistaos okuyisicoco seligi yaseBrazil. Ngowezi-1998, iSantastico yazifaka emlandweni ebholeni lomhlaba.

Yabayiqembu lokuqala ukubhakuzisa enethini amagoli ayi-10 000.

“Izinto ezifana nalezi ziyenzeka ebholeni. Eminyakeni eyedlule iJuventus yahlaselwa yisiphepho esifanayo isolwa ngokugwazisa okwaholela ekutheni ingencwe yinkemba. Namhlanje iJuventus idlala ku-Italian Serie A. Konke kuzoncika ekutheni iSantos iqine kangakanani ngokomqondo. Uma besesimeni esihle ngokomqondo ngemuva kwale nhlekelele bazobuya. ISantos ayikwazi ukuvele ishabalale nje kalula kanjalo. Inomlando omude ebholeni lomhlaba okumele iwuvikele futhi ongasoze wahlikizwa ngumuntu. Kunenqwaba yamaqembu aseke adlala esigabeni esikhokhelayo kodwa akakaze akhiqize ngisho isihlabani esisodwa,” kubeka uSono.

Ngowezi-2013, iSantos yachazwa njengeqembu lesibili elihamba phambili eBrazil naseSouth America ngokubiza. Yaphinde yakleliswa endaweni yamashumi amathathu nesishiyagalombili emhlabeni uma kukhulunywa ngobiza.

Ngowezi-1956 kuya ku-1974, leli qembu lakhiqiza ubisi lwezikwati olwalushaya kwasani eBrazil ngale minyaka.

Lakhiqiza uPele, Zito, Pagao, Formiga, Helvio, Tite, noPepe. Ngalezi zinsephe neminyaka iSantos yayingabambeki. Ngama-60’s yanqoba izicoco eziyisishiyagalombili okubalwa neyisithupha zeligi. Baphinde bafaka isandla empumelelweni yeBrazil kweyeNdebe yoMhlaba.

“ISantos icishe ifane neCosmos. Ikhiqiza abadlali abanonhlonze neCosmos ibikhiqiza abadlali abanonhlonze. Igawulwe yizembe nathi sesike sagawulwa yizembe. Abalona iqembu elizonqoba inqwaba yezicoco neCosmos ibingadlile ngokunqoba izicoco njalo kodwa womabili amaqembu azokhiqiza ukhilimu wabadlali. Namanje uma ngibuka imidlalo yePSL wonke amaqembu anabadlali bakaJomo. Uma ngikhuluma ngokuqina ngokomqondo ngikhuluma ngento enjalo. Umlando weCosmos ngeke ushabalale. ICosmos iyohlale ikhona. Yinto efanayo neSantos,” kubeka uSono.

See Also

U-Arthur “10111” Zwane uke wadlala kuSantos ethunyelwa nguSono.

“KuSantos ngihambise u-Arthur Zwane noKennedy Napoli. Bobabili bebesuka kuCosmos. Ngahambisa labadlali ngenxa yobudlelwano bami noPele. UPele wayefuna ukubona umdlali odabuka e-Afrika edlala eBrazil. Sagcina sihambisa u-Arthur noKennedy. Bahlolwa ngemuva kwalokho bathathwa,” kuchaza uSono.

ElaboHlanga liphinde lakhuluma noMandla Mdunge owagijima kuSantos esuka kuStars of Africa kaFarouk Khan.

“ISantos ngeke uyiqhathanise namaqembu afana njengoKaizer Chiefs no-Orlando Pirates ngokwezinga laseNingizimu Afrika. Ngokwami bafana njengeqembu elinjenge-Arsenal. Badle kakhulu ngikukhiqiza abadlali abaseqophelweni eliphezulu kanti banosiko lwendlela abadlala ngayo. Ngeke banqobe izinkomishi amasizini onke. Bona bazonqoba izicoco lapho nalapho kodwa hhayi njengamaqembu amakhulu. ISantos yaziwa ngokuqhamuka nabadlali beqophelo eliphezulu,” kusho uMdunge owadlala noNeymar ngaphambi kokuthi ajoyine iBarcelona.

ISantos kushunqa uthuli uma ibhekene nezimbangi zayo iCorinthians, Palmeiras neSao Paulo.

“Iningi labadlali abaseqophelweni eliphezulu ebakhulisayo ibadedela besabancane ukujoyina amaqembu amakhulu phesheya kwezilwandle. Akulona iqembu elibheke izicoco njengoSundowns. Noma kunjalo kodwa bayiqembu elikhulu. Bakhiqize inqwaba yabadlali abakhulu. Izinkomishi banazo bona futhi ziningi kodwa akulona usiko lwabo ukuphakamisa izinkomishi amasizini wonke. Ngiyakhumbula nje uNeymar wadlala kuSantos wabhekana neBarcelona kuFifa Club World Cup. Wayevele esebheke kuyona iBarcelona,” kuchaza uMdunge.

Ngenxa yegalelo nesasasa leSantos ngeminyaka yama-60’s, leli qembu lazithola lihambela amazwe ayishumi nambili emazweni ahlukene ukuyodlala imidlalo yesihle ngenhloso yokubhula umlilo ngesikhathi kuqhubeka izimpi zobandlululo nombango wokulawulwa amazwe.

“ISantos isedolobheni elaziwa ngeSantos Beach. Ungacishe ulifanise neTheku. Baseduze neSao Paulo. Bona bafana naMaZulu oyiqembu elikhulu laseThekwini. Mina ngafika izinga liphezulu kakhulu. Nami kwakumele ngikhombise elami izinga. Abadlali baseBrazil banalento ebizwa ngosiko. Banesitayela sabo sokudlala esaziwa ngeBrazilian Culture. Bangincoma kodwa baphinde bangitshela ukuthi kumele ngiqonde isitayela sabo sokudlala.” kuphetha uMdunge.

Scroll To Top