Now Reading
Uwashiywa washiywa yimijaho ethe chithi saka ngalempelasonto
Dark Light

Uwashiywa washiywa yimijaho ethe chithi saka ngalempelasonto

Intaka ibekelwe amazolo kwezokusubatha kule mpelasonto. Mibili imiqhudelwano ezobe ibhekiwe  iKwaZulu-Natal,  i-Ethekwini Best of the Best Marathon neCapital City Marathon.

IBest of the Best Marathon exhaswe Amaravens AC izosukeka eKings Park Stadium isongwelwe khona, kuthi iCapital City Marathon isukele ePietermaritzburg City Hall iphelele eMsunduzi Athletics Stadium.

Yomibili kuzogijinywa amabanga afanayo, elama-42km, lika-21 nelika-10km. Okuhlukile inkece ezotholwa abazonqoba ngokuhlukana kwamabanga.

Kwi-Ethekwini Best of the Best Marathon ozonqoba ebangeni lama-42km uzogoduka nelizinkulungwane ezili-R15, kwelama-21km izinkulungwane eziyi-R4, kuthi ebangeni lika-10km kube u-R2 500.

Ngokusho komunye abahlela lo mqhudelwano uthe balindele abasubathi abayizinkulungwane ezintathu kuya phezulu. Okunye okugqamile ngawo ukuthi uNkosikhona Mhlakwana uzoba yinxusa kuwona, nyakenye uye owashaya intambo kuqala ebangeni lama-42km ngesikhathi esiwu (02:16:37).

Ebangeni lika-21km kwanqoba uTebello Ramakongoana ngesiwu (01:03:48), kwathi ebangeni le-10km kwaba uSibusiso Kubheka (28:59).

Kwabesifazane kwelama-42km kwaba uJanet Mbhele (02:40:59), kwelika-21km uNontokozo Mkhize (01:17:41), kwele-10km uTayla Kavanagh (32:51).

USimphiwe Ngcobo ongumhleli weCapital City Marathon, uthe bebelindele abantu abayizinkulungwane ezintathu, kodwa manje ngenxa yokwanda kwabantu abasabhalisela ukungena balindele abayizinkulungwane ezinhlanu.

See Also

Ozonqoba ebangeni lika-42km uzogoduka nelizinkulungwane ezili-R10, ebangeni lama-21km R2500 kwele-10km R1500.

Kwabesilisa abanqobile nyakenye kwelama-42km uPhumlani Dlamini (02:23:21), 21km uJobo Khatoane (01:05:12), 10km uSiyabonga Ndlovu (29:55). Kwabesifazane kwelama-42km uLisa Collett (03:04:31), 21km uMakhosi Mhlongo (01:25:08), 10km uMalineo Mahloko (37:28).

Yomibili eyokuzibekisela indawo kwimiqhudelwano emikhulu okubalwa iTwo Oceans Marathon neComrades Marathon.

Kweminye imijaho ekhona kule mpelasonto owe-Nedbank Runified 50km ozokuba se-Eastern Cape, owePretoria Marathon. Yonke izokuba ngeSonto.

Scroll To Top