Unozinti okhaliphile uyisithako esibalulekile kunoma yiliphi iqembu
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Mina nginenkolelo yokuthi uma iqembu linonozinti okhaliphile lelo qembu lisuke liqinile impela, ngoba enkundleni nguyena umdlali omqoka.
Eminyakeni edlule ike yangidla lento yokwehla kwezinga lonozinti abaseqophelweni eliphezulu kuDSTV Premiership.
Lapho besibona izinkunzi zamaqembu aseNingizimu Afrika evinjelwa ngonozinti bangaphandle okuyibona abazitika ngesikimu.
Kuke kwaba nesikhathi lapho iMamelodi Sundowns, ivinjelwa uDenis Onyango odabuka e-Uganda uma engekho indawo yakhe ivalwa nguKennedy Mweene waseZambia. UDaniel Akpeyi waseNigeria eselenze elakhe ijezi kuKaizer Chiefs, ngakolunye uhlangothi uSiyabonga Mpontshane elekelwe wukulimala kukaRichard Ofori ukuze athole ithuba lokudlala ku-Orlando Pirates.
Ukuzitamuzela ngejezi konozinti bangaphandle emaqenjini amakhulu, kwenza lehle izinga lombango wejezi eqenjini lesizwe lakuleli, iBafana Bafana.
Ingakho uzwa kuthiwa eGibhithe bethi abamfuni unozinti wangaphandle, adlale ezweni labo.
Muva ngibuyelwe inhlansi yethemba ngibona amaqembu amakhulu ezinti kukhona onozinti bakuleli, kwiPirates khona uMelusi Buthelezi, Bruce Bvuma kwiChiefs noRonwen Williams kwiSundowns.
Akugcinanga lapho muva nje umqeqeshi waMaZulu FC uPablo “Cijimpi” Martin ubophele u-Olwethu Mzimela (21) ofike wenza into encomekayo, iRichards Bay FC emidlalweni yayo ike yabonakala ivimbise uPhilasande Manqele (20).
UHugo Broos eqenjini lesikhashana leBafana Bafana elizoya eCote d’Ivoire, ubize onozinti abahlanu bonke bayadlala emaqenjini abo.
Phambilini onizinti beljyinto engaswelwa kuleli ngoba bekukhlna oHans Vonk, Brian Baloyi, Andre Arendse bekuno-Itumeleng Khune, Senzo Meyiwa, Darren Keet, Brilliant Khuzwayo noMoeneeb Josephs.
Amaqembu akuDStv Premiership nakuMotsepe Foundation Championship, kumele abe maningi asebenzisa onozinti bakuleli mese beba ingcosana abangaphandle.