Siyancipha isikhathi: Inselelo yokudayisa uHlabisa ngale kweqembu



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Iqembu libukeka lilahla amathuba amaningana okumethula njengomholi wezwe
Enye yezinto ezimqoka kwipolitiki nakumaqembu epolitiki yikhono lokuqhamuka nohlelo oluhlabahlosile lwezokuxhumana kwepolitiki. Lolu hlelo yilo elikwazi ukudayisa iqembu kanjalo nabaholi balo ngale kwamalungu. Emazweni aphesheya osopolitiki abatuswa ngokwazi ukwenza njalo ngomengameli ababili baseMelika okunguMnu uBill Clinton noMnu uBarack Obama.
Laba baholi abavela eqenjini lamaDemocrats ezikhathini ezahlukene bakwazi ukuqhamuka nohlelo olwenza bedlula ekubeni ngabaholi beqembu kepha bangubuso babaholi bezwe. Ngesikhathi bekhankasa bakwazi ukuguqula isinqumo sabavoti ababephikisana neqembu labo kepha babheka bona njengabaholi bezwe .
UClinton emuva kwemizamo wakwazi ukugcina esefukulwa yivoti laboHlanga nokwenza umbhali owaqokelwa iNobel Prize uMnu uToni Morrison wathi uClinton waba ‘ngumengameli wokuqala waboHlanga’ eMelika. Phakathi kwabantu abehlula ngevoti uClinton ngumholi waboHlanga omkantshubomvu, uMfundisi uJesse Jackson.
U-Obama ngakolunye uhlangothi wakwazi ukuthatha aboHlanga kanye nabezizwe ukuze anqobe njengoba ukwesekwa kwakhe kwaba ngokukazwelonke nezinhlanga zonke. Naye lokhu ezweni elicwasayo wakwenza ngenxa yokulandela uhlelo olunzulu lwezokuxhumana kwepolitiki. Lokhu wabe ukubona kwindlela aphawula ngayo izinto ezimqoka ngale kweqembu, indlela ayegqoka ngayo nangezinkulumo zakhe.
ENingizimu Afrika lapho abantu bengavoteli umuntu siqu kepha bevotela iqembu sikhulu isidingo sokuba umholi oqokwe yiqembu lakhe abe nohlelo olumdayisa kubantu ngale kwamalungu eqembu. Lokhu kumqoka kakhulu ngoba emhlabeni kalikho iqembu elinqoba ukhetho ngenxa yamalungu alo, kunalokho kumele likhankase abavoti abangaphandle abahlale beliningi.
Elinye lamaqembu amakhulu kwawoHlanga neliphikisayo ephalamende nasesifundeni ikwaZulu-Natal i-INkatha Freedom Party (IFP) ibhekene nenselelelo yokuqhamuka nohlelo lwezokuxhumana oluzodayisa iqembu kanye nomholi walo. Le nselelo kayiyintsha kuleliqembu kepha isikhathi elikuso lengeza ingcindezi.
Uma eqokwa ngowe-2019 njengoMengameli weqembu uMnu uVelenkosini Hlabisa iqembu lakhe lakwazi ukumethula phezu kohlelo lwezokuxhumana olwaba yimpumelelo nolwenza yena kanjalo neqembu bahlonipheka. Kwabe kungandile ukuthi iqembu laboHlanga uma liqoka umholi omusha emuva kokwehla kwaloyo ongumsunguli kungabi nabuhixihixi. Iqembu ngaleso sikhathi lamethula uHlabisa njengomholi okulungele ukuthatha izihlangu zikaShenge. Naye uShenge waba ngufakazi walokho njengoba wakuhlelembela kahle ukungena kukaHlabisa kwathi nalabo ababe ngabaza bakholwa. Kwabezindaba wethulwa (uHlabisa) njengekusasa leqembu, umholi omusha oza nezinguquko nokho onezingxabo emlandweni weqembu nomsungulu walo.
Imiphumela yokhetho lohulumeni bendawo eyalandela emuva kokuqokwa kwakhe yakha isithombe sokuthi nembala uHlabisa yikusasa, nokuthi ukuhola kwakhe kuzoheha abantu njengoba iqembu lazuza omasipala abasha kwaZulu-Natal. Lokhu kunqoba kwe-IFP kwenzeka ngaphansi kohlelo olunzulu lwezokuxhumana.
Nonyaka leliqembu lihanjelwe ngumsunguli walo uMntwana nokuyinto engaba nobuhle bayo uma kufika kwipolitiki yokhetho. Kwezinye iziwombe emhlabeni amaqembu epolitiki ayakwazi ukwakha uhlelo lwezokuxhumana (ngesikhathi sokhetho) elizoxhumanisa umholi ongasekho nokhetho nokuyinto eliwezayo iqembu uma uhlelo lolu lulandeleke kahle.
UKhongolose nje wazuza kakhulu ngegama likaMandela ephila nalapho engasekho ngakho ngoba wabe ulandela uhlelo lwezokuxhumana olunzulu. Umbuzo uthi abe-IFP banalo yini uhlelo elizobazuzisa ngokuhamba komholi nokuthi engabe bayalidinga yini? Izinkomba zithi bayalindinga ngakho ngoba igama lomholi wayo ongasekho lilunjaniswa nobunye beqembu. Ngamafuphi igama lakhe noma ukuphakama kwalo kungenza kube nobunye ngaphakathi. Nokho inselelo yezokuxhumana kulokhu ngethi lokho ukwenza kanjani?
Uphakamisa kanjani igama lomholi ongasekho ngaphandle kokusho ongakuqondile ukutho laba abakhona kabanawo amandla okukunqobela bebodwa? Wenza kanjani abantu ngaphandle bangacabangi ukuthi iqembu leli kalilutho ngaphandle komholi ongasekho? Ukuvela kwezindaba zokuthi kukhona ukungaboni ngasolinye mayelana nobuso okumele kukhankaswe ngakho, phakathi kwalobo boMntwana nalobo bukaHlabisa kugqamise lenselelo .
Ephawula ngalesi simo, uSolwazi uMcebisi Ndletyana wase-Nyuvesi yaseJohannesburg wamkhalela uHlabisa ngelithi izihlangu zoMntwana zingahle zisinde kwazise kukhona abangamboni omunye umholi ngale kwakhe. UMntwana ngokusho kwakhe , “ wabe eyINkatha kanti nayo ibinguye”.
Ubuso bomholi kazwelonke
Ezinyangeni ezimbili uHlabisa uke waba nethuba lokuvela kuzwelonke ngesikhathi ehola iqembu lakhe ezingxoxweni zamaqembu aphikisayo azibiza nge Multi Party Charter. Lapha kusaqalwa uHlabisa uvele njengomholi ongcono kunaloyo we-Democatic Alliance (DA). Lokhu kwagqama ngesiphakamiso sabe Freedom Front Plus (FF-Plus) nabathi ngaso leso sikhathi okukaHlabisa akuxoxosi njengomholi walolumbimbi.
Umholi weFF-Plus uDkt uGroenewald uthe kusasekuseni ukuba abavoti bakuleli bamukele ukuholwa ngumholi weqembu labamhlophe ngalokho wathi uHlabisa we-IFP usethubeni lokuba abahole bonke, wagcizelela ukuthi iqembu lakhe liyakweseka lokho.
ElaboHlanga elalikhona kulomhlangano oshicilelweni lwalo lakuqaphela ukuthi abaholi bamanye amaqembu babemhlonipha kakhulu uHlabisa kanjalo naye qobo ukwenza kwakhe bekuveza uhlobo lomholi kazwelonke nowabo bonke. Ukugqama kukaHlabisa kwabukekaka kuzofaka ingcindezi kuye naseqenjini lakhe. Ngasohlangothi lweqembu ingcindezi izoba sekukwazini ukuxhumana nokuchaza kubalandeli balo ekutheni alikho nje kule nhlanganisela yamaqembu njengodibi. Izimbangi ezifana ne-Economic Freedom Fighters (EFF) zike zaphuma umkhankaso wokunyundela i-IFP yalibeka njengeqembu elizeyamanisa kalula nezimfuno namaqembu abelungu nokuba nodlame.
Emuva kwezinyanga lokhu kwenzeka ( umhlangano we Multi-Party Charter) akukho ubufakazi bokuthi iqembu lakhe uHlabisa lakwazi ukuqhamuka nohlelo olwabe luzoseka noma lufafaze lombono othi angaba ngumholi wamaqembu aphikisayo nezwe uma ngahle aphumelele okhethweni lamaqembu.
Muva nje abe-IFP ebizamwnei yokwethula uHlabisa njengomholi kazwelonke iqembu lithathe isinqumo sokuba uHlabisa obeyilungu lesishayamthetho aye ephalamende eKapa. Lokhu esimweni esejwayelekile yisenzo esakha umqondo kepha ngeshwa uHlabisa ufika endaweni lapho belungekho uhlelo lwezokuxhumana olungale koMntwana nobekuyinto ebilisebenzela iqembu.
Abukho ubufakazi bokuthi iqembu belinohlelo likaSekela Mengameli weqembu iNkosi uMzamo Buthelezi nonazo zonke izithako zokuba wubuso beqembu noma yikuphi? Uzothi omunye phezu kukaHlabisa nguye obenyathela eduze koMtwana ephalamende mhlawumbe nabantu (abanye abaholi) sebemjwayele.
Lesi simo esingabukeka silula empeleni sidinga ubuchule njengoba kusemvelweni ukuthi iNkosi uMzamo Buthelezi engabona ukuhamba koMntwana kungamupha ithuba lokuba naye avele njengomholi weqembu onamava enze owakhe umnikelo eqenjini. Sekungaba wubudedengu kwezokuxhumana ukucabanga ukuthi uma uHlabisa efika eKapa kuzomele kube nguye (ngokuphazima kweso) ozoba ngubuso beqembu ephalamende. Lokhu kubuye kwenziwe lukhuni wukuthi leli qembu linabantu asebenesikhathi ephalamende kunoHlabisa nasebengubuso beqembu kwenzinye izingxenye zokusebenza kwephalamende.
Isibonelo uMnu uMkhuleko Hlengwa ongagcini ngokuba wuMkhulumeni weqembu kepha obuye abe nguSihlalo weKomiti elimqoka i-Scopa nokumnika isikhathi esiningi kwabezindaba naphambi kwabantu. Omunye umholi osephalamende nguNobhala weqembu uMnu uNgcobo. Yize engavamile ukuba kwabezindaba kepha uma ngahle akhuphule igiya athathe indawo yakhe njengonobhala bamanye amaqembu kwabezindaba lungahle luminyane utshumo kwezokuxhumana kuleli qembu .
Kulezi zinyanga uMntwana egodukile noHlabisa esephalamende abukho ubufakazi bohlelo lwezokuxhumana oluzokwenza uHlabisa umholi anguye ngale kweqembu. Phezu kwesiqalo esihle nesigqi esingamweza usavela njengomholi weqembu othathe emuva koMntwana kanti umbuzo wabavoti abangemalungu nokumele uphendulwe ngothi uHlabisa angalihola yini izwe? Isikhathi sokuveza lempendulo kubukeka sincipha ngoba ukhetho seluseMome.