Now Reading
UBukhosi bakwaZulu bungahle buphathe uHullet
Dark Light

UBukhosi bakwaZulu bungahle buphathe uHullet

Eminyakeni eyedlule ISILO uBhejane saba nombono ngekusasa lohlaka loBukhosi Ingonyama Trust noZulu. Sikhuluma eMkhosini woMhlanga wama-30 kwaNongoma ISILO saxwayisa uZulu ukuthi ngelinye ilanga uhulumeni uyophelelwa yimali. Sathi leso simo siyosho ukuthi ezinye izinto ezimqoka ebezixhaswa nguhulumeni ngeke zisaxhaseka, hayi ngoba uhulumeni ungafuni kepha ngoba ingasekho imali.  Sasisho lokhu nje sabe sesiqalile ukuhlela kabusha Ingonyama Trust sakha Ingonyama Holdings nesathi “izoba yisithebe sikaZulu ngezikhathi ezimqoka”. 

Namuhla lamagama eSILO abukeka ephenduka iqiniso njengoba uhulumeni wakuleli uzivumela wona ukuthi kakuhambi kahle ngasohlangothini lwezezimali. Ngakolunye uhlangothi Ingonyama Holdings isithathe isinyathelo esingaba yingqophamlando uma kuza kwipolitiki yezomnotho kwaZulu naseNingizimu Afrika. Lolu hlaka lubalwa nabanye abacuthele ukuthatha inkampani enkulukazi kashukela e-Afrika i-Tongaat Hullet Ltd.  Uma Ingonyama Holdings iphumelela kulomzamo kuyobe kusho igxathu elikhulu ekutheni abanikazi bomhlaba ngesandla sabaholi babo okungaMakhosi babe neqhaza elikhudlwana kwezomnotho. I-Tongaat Hulett inomhlaba oyizinkulungwane ezingama-23, kanti amaphesenti angama-32 alomhlaba ungaphansi kwe-Ingonyama Trust.

Lengqophamlando ingenzeka uma Ingonyama Holdings  nabalingani bayo iRGC Holdiings bephumelela ekuthengeni  i-Tongaat Hulett South Africa Ltd. 

ITongaat-Hulett yangena ngaphansi kohlelo lokutakulwa  emva kokuthi izithole isenkingeni yezimali. Lezizinkinga zavela emva kokuthi kuqhumbuke ithumba ngamabhuku enkampani. Izikhulu eziphezulu kulenkampani zasenga ezimithiyo lapho zazikhombisa ukuthi isimo sezimali simi kahle kube kungenjalo. Lokho zazikwenzela ukuthi kunyuke intengo yamasheya bese zithola amabhonasi. Lezizikhulu eziyisithupha zaboshwa zabekwa icala lokukhwabanisa imali elinganiselwa ezigidigidini ezi-3.5 zamarandi. Kubalwa kuzo owayeyisikhulu esiphethe-jikelele uPeter Staude kanye nowayengumphathi omkhulu wezimali uMurray Hector Munro.

Lemikhuba ekubekwe laba icala lokuyigila yaba nomthelela omkhulu embonini. Abalimi abakhulu nabancane bazithola bengakwazi ukuvuna umoba wabo ngesikhathi esifanele njengoba imishini engaphansi kwalenkampani yake yama ukusebenza. Kuthe noma sekuthiwa bangavuna baqale bakhokhelwa izimali ezingaphelele lapho abatakuli benkampani babesazama ukuqoqa bahlanganise ubuchwabalalana obabukhona ukuze babhekane nezikweletu. 

Okunye okube ngumthelela omubi kube ngukuthi abatakuli benkampani banqaba ukukhokha izimali zeSouth African Sugar Association (SASA), okwadala ukuthi intengo yashukela ekwavalwa ngayo ngonyakamali wezi-2022-2023 yehle kunaleyo abalimi ebebekade bekhokhelwa ngayo. Lokho kwasho ukuthi bonke abalimi, nalabo abangaphakeli i-Tongaat-Hulett bazithole bekweleta imishini abayiphakelayo. Inkantolo enkulu YaseThekwini ilahle ngecala yakhipha isigwebo esithi bakweleta i-SASA imali eyigidi ezingamakhulu ayisishiyagalolunye.

Ingonyama Holdings imenywe yiRGS Holdings ukuthi basukelisane lenyamazane. “I-RGS nabalingani bayo basimeme ukuthi sihlanganyele nabo njengoba siyinkampani ye-Ingonyama Trust elawula amaphesenti angama-32 omhlaba iTongaat-Hulett ehweba kuwo”, kusho uMnu uLucas Mkhwanazi oyi-Executive Director ye-Ingonyama Holdings.

UMkhwanazi uqhube wathi kudala baba nentshisekelo yokungenelela ngoba bafuna ukuhlenga  abalimi kanye  nemisebenzi . I-RGS izibophezele ukuthi ingadilizi muntu eminyakeni emibili yokuqala”, kusho uMnu Mkhwanazi. Ukuthi ke insonyama noma ivenge le-Ingonyama Holdings lizoba ngakanani ngokwamasheya kusaxoxiswana ngako.

Ngokuka Mkhwanazi kuyicebo elihle lokukhulisa inzuzo ye-Ingonyama Holdings ezobe seyiyifaka kwi-Ingonyama Trust. Uthe lokhu kuzokwenzeka ngokuthi bazibandakanye nezinhlelo ezinkulu njengalolu olubandakanye inkampani enengqalasizinda enkulukazi njenge-Tongaat Hulett.

See Also

Lenyamazane ( uTongaat-Hulett) ingunompunyumpunyu. Ingonyama Holdings ingena kuleli nqina-nje sekunesikhathi ijahwa. Kwaqale kwabikwa ukuthi inkampani yaseTanzania nabalingani bayo iKagera Sugar seyiyibambe ngomlenze lenyamazane isizoyigubuzela. Kuthe kusabikwe lokho kwaqhamuka imibiko Elabohlanga elibikile ngayo ethi impunyela yaseMpumalanga uRobert Gumede sekunguye nabalingani bakhe asebeyixhakathisela lenyamazane.

Kuyacaca ukuthi iyobanjwa esithele nayo. “Sifuna nokubona imiphakathi namakhosi beba yingxenye yaloluhlelo”, kusho uMkhwanazi. Ngokuthola kwelaboHlanga kuzovotwa namuhla nakusasa koshaya impelasonto sekwaziwa ukuthi ngubani ozoba nobunini buka Hullet.  Kubantu abazovota kubalwa bonke labo abakweletwayo yile nkampani. 

Leli yithuba lokuthi uhlaka oluphathiswe ingubo kaZulu lushintshe izimpilo zabantu ngaphezu kokuba lenza manje njengoba kunezingqalasizinda ezifana nezikole nezinxanxathela zezitolo, izinkantolo njalonjalo ezisemhlabeni weNgonyama Trust. Zonke lezizinto kodwa kazilawulwa yiNgonyama Trust. Ukuthenga inkampani enjengeTongaat-Hulett kuyosho ukuthi Ingonyama Trust ihamba ezinyathelweni zeRoyal Bafokeng.

IRoyal Bafokeng ikusebenzise ngokujulile ubuninimhlaba bayo. Izinto ezifana nezimayini inamasheya kuzo. Kamuva nje ithenge imayini yeplatinamu kwinkampani i-Implats. Izenzo ezinjengalezi zenza iRoyal Bafokeng ibe namandla okuthuthukisa izindawo ezingaphansi kwayo. Isibonele nje ukuthi inkundla ekwakudlalelwa kuyo eminye yemidlalo yeNdebe yoMhlaba ngowezi-2023 iRoyal Bafokeng Stadium abanikazi bayo ubukhosi baBafokeng.

Scroll To Top