Now Reading
Ezokuphepha ziqinisiwe kulamaholide eThekwini
Dark Light

Ezokuphepha ziqinisiwe kulamaholide eThekwini

IMeya yaseThekwini uMnu Mxolisi Kaunda wethule umkhankaso owaziwa nge ‘Durban Sizzling Summer’ ngoMandulo ngenhloso yokuheha izivakashi ukuba zingalindi kuphela amaholide kaZibandlela uma zifuna ukuthokozela ihlobo eThekwini.

Lomkhankaso awugcinanga kuphela ekuqhakambiseni idolobha kepha bewukhombisa nezindawo izivakashi ezingazithokozela ezisemalokishini njengeSilokazis ebuka iNanda Dam nokungenye yendawo ethandwa yizivakashi.

Njengoba eseqalile amaholide kaZibandlela, izinto zibukeka zisahamba ngohlelo lwawo lomkhankaso oqhubekayo nokuhloswe ngawo ukuthuthukisa ezokuvakasha kulelidolobha. “Imizamo yethu yokuvuselela umnotho nezokuvakasha kulelidolobha emva kokucekelwa phansi kwempahla yizikhukhula ibukeka ithela izithelo futhi sibona selikhulile futhi nezinga lezivakashi ezihambela lelidolobha uma zifuna ukuphumula nokuzijabulisa,” kubeka iMeya uKaunda.

Ukuqinisekisa ezokuphepha ngalesisikhathi, uMasipala utshale amakhamera waphinde walungisa lawo abese engasasebenzi ukulekelela amaphoyisa ezindaweni ezihanjelwa kakhulu yizivakashi nalezo ezigcwalayo nokumudle izigidi eziyi-R110. Lomsebenzi ophothulwe ekupheleni kukaLwezi bewuvele usuqaliwe ngesikhathi kuqala umkhankaso, ngokusho kwayo iMeya.

See Also

Izindawo zokubhukuda eziseduze nolwandle iCentral Beachfront nazo zilungisiwe ukumelana nomthamo wezivakashi kanti nezindawo zokudlela njengeCircus Circus eseDurban North nayo yalungiswa njengoba kwakuhloswe ukuba ivulwe ngoMfumfu. 

Scroll To Top