Ukucwasa ngobuhlanga akukapheli kwezemidlalo
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Nsuku zaphuma kuhlezi kugqugquzelwa abantu ukuthi abayeke ukucwasana ngobuHlanga, ngobulili nangakho konke okunye. Kodwa kusaqhubeka ukwenzeka lokho nsuku zonke, ikakhulukazi ukucwasana ngobuhlanga.
Lokhu kuveza isithombe sokuthi yinto lena engasoze yayeka ukwenzeka.
Kusukela nje uqalile unyaka zingakanani izigemegeme esezenzakalile, ezihambiselana nokucwasa ngobuhlanga.
Okubuhlungu lokhu kwenzeka kakhulu kwezemidlalo ekubeni kuke kuthiwa ezemidlalo izona ezihlanganisa abantu.
Muva nje abahlaziyi bomjaho wezimoto iFormula One (F1), kakhulukazi laba abamhlophe njalo mabehlaziya bakuveza ngokusobala ukuthi umshayeli waseBritain uSir Lewis Carl Davidson Hamilton(Lewis Hamilton) abamuzwa kahle.
Akukho abangakwenzi ukumubulala umqondo nokuma endleleni yakhe yokuthi abe ngumpetha we-F1 okwesi-8. Lokho kobe kusho ukuba ngumshayeli wokuqala okwenza lokho kwazise ulingana noMicheal Schumacher ngokuba ngumpetha amahlandla ayi-7.
UHamilton oneminyaka yobudala engama-38, ube ngumpetha ngowezi-2008, 2014, 2015, 2017, 2018, 2019 nangowezi-2020.
Kwathi ebeka irekhodi lokunqoba imijaho eminingi eli-103 edlula uSchumacher owashiya enqobe engama-93 kwaba khona izinkulumo.
Abahlaziyi nalaba ababizwa ngezinkakha zalo mdlalo, bathi vele uHamilton kulula ukuthi anqobe ngoba ubuchwepheshe besimanje benza izinto zibe lula.
Ngokwami ngabe uyayekela uHamilton ngoba kunzima ukuthi abeke irekhodi, kuyacaca vele umuntu osethakaselwa manje uMax Verstappen osebe ngumpetha womhlaba kathathu.
Ngowezi-2021 uVerstappen kwabonakala ukuthi ukuphumelela kwakhe kunogcobho omkhulu kwaze kwenza uHamilton afune ukushiya phansi lo mdlalo.
Ngokwami uHamilton ukwenze konke kulo mdlalo, ngiwuyena bengizoshiya phansi kulo nyaka.
Kungesifanayo kumdlalo womphebezo lapho bakwenza konke ukuthi uSerena Williams, akalifici irekhodi likaMargaret Court.
USerena ube ngumpetha weGrand Slam amahlandla angama-23, uMarget aba ngama-24.