Now Reading
Ukuba nesikwati esanele kungasiza iqembu lingabambi liyeka
Dark Light

Ukuba nesikwati esanele kungasiza iqembu lingabambi liyeka

Ngaphandle kokungabaza kubukeka iMamelodi Sundowns isazoziqoqa izindebe iphinde yenze kahle nakuCAF   


Eminyakeni edlule abathandi bakanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika  bebenezikhalo zokuthi iMamelodi Sundowns ibulala ikusasa labadlali njengoba isizini nesizini ihlezi ithenga okhilimu babadlali.

Isizini nesizini leli qembu laseChloorkop lihlezi likhipha itshe lemali lithenga abadlali abasuke begqamile emaqenjini abo ngesizini esuke yedlule.

Yize abanye abeseka amanye amaqembu bekubuka njengokubulala ikusasa labadlali, kodwa iqiniso lithi leli qembu lokho kuyalisebenzela. 

Ngesizini edlule leli qembu ebeliqeqeshwa uPitso “Jingles” Mosimane likwaze ukunqoba izindebe ezintathu ezingaphansi kwePremier Soccer League (PSL), iTelkom Knockout (TKO), iNedbank Cup ne-Absa Premiership.

Ngenxa yokuba nesikwati esiningi ikwazile ukwenza kahle, lapho kade amaqembu amaningi abethwele kanzima khona kudlalwa kuqedelwa imidlalo emva kokuma izinyanga ezine ngenxa yokhuvethe.

ISekela mqeqeshi leLamonville Golden Arrows, uMandla Ncikazi, wathi okwenze iqembu labo lithwale kanzima ekuqedeleni imidlalo ukuba nesikwati esincane. Ngakho iSundowns yenza kahle nje kungoba inesikwati esikhulu futhi esinabadlali abasezingeni eliphezulu.

Leli qembu eliphethwe uMnu uPatrice Motsepe, ngaphandle kokungabaza kubukeka lisazoziqoqa izindebe liphinde lenze kahle nasemidlalweni yeCAF Champions League.

Ukulungiselela isizini entsha yeDStv Premiership selithenge abadlali ongakha iqembu ngabo.

Kulaba badlali kukhona uPeter Shalulile noMothobi Mvala abebekuHighlands Park esidayise isitifiketi sayo kuTS Galaxy, uHashim Domingo, uGift Motupa, uRicardo Goss abaphuma kuBidvest Wits edayisele ITTM igunya layo lokudlala kuPSL.

Abanye uGeorge Maluleka osuka kuKaizer Chiefs, uLuvuyo Phewa obegijima kuReal Kings, uKermit Erasmus obekuCape Town City, uGrant Margeman noJody February obeku-Ajax Cape Town, uLesedi Kapinga noKhaliso Mudau abasuka kuBlack Leopards.

Bonke laba badlali bebewumgogodla emaqenjini abasuka kuwona.

Ngesizini edlule uShalulile ungomunye wabadlali abashaye amagoli amaningi ali-16, elingana noGabadinho Mhango we-Orlando Pirates. U-Erasmus ushaye amagoli ali-13, uGoss udlale kahle kakhulu nokwenze wabizwa eqenjini lesizwe iBafana Bafana. 

Njengoba izintambo zokuqeqesha kuSundowns sezibanjwe uManqoba Mngqithi ngokubambisana noRhulani Mokoena emveni kokushiya kukaMosimane ojoyine i-Al Ahly, kubukeka bezodideka ukuthi babophele kanjani abadlali abali-11okumele bangene enkundleni.

Bafika laba badlali nje vele kunenqanawe yabadlali abakhona kuleli qembu kusukela emumva kuya phambili.

See Also

Izindawo ezizobangwa iphambili, njengoba kufika uShalulile, u-Erasmus noMotupa, vele kukhona uLebohang Maboe, u-Ali Meza, uSibusiso Vilakazi noMauricio Affonso. Epalini uGoss uzolwa noDennis Onyango kanye noKennedy Mweene ovimbe kahle kakhulu ekupheleni kwesizini.

Leli qembu sikhuluma nje liyahlonishwa i-Afrika yonkana ukuthi isizini nesizini liba ingxenye yomqhudelwano omkhulu iCAF Champions League. Nakulokhu lizobe libhekiwe ekutheni lifike esigabeni esingcono kuwo lo mqhudelwano esizomela iNingizimu Afrika kuwona kanye neChiefs. 

La maqembu amabili okuthiwa makhulu iChiefs ne-Orlando Pirates kubukeka esazothwala kanzima impela.

Kuyimanje iChiefs ibhekene necala uma ingakhala ngaphansi kulona kobe kusho ukuthi izodlala ngalaba badlali bayo ebibasebenzisa ngesizini edlule. IPirates yona inebhola elihle elisukumisa abalandeli kodwa ayinqobi okuchaza ukuthi kumele kube khona ekwenzayo phambili.

ISundowns izogcina isifana neBayern Munich yaseGermany ehlezi izithathela iBundesliga, iParis Saint-Germain (PSG) nayo ihlezi inqoba iligi yaseFrance, kube iJuventus FC yase-Italy ehlezi inqoba iSeria A.

Nase-Egypt kune-Al Ahly ehlezi inqoba i-Egypt Premier League. Kuyimanje ibeke etafuleni izigidi ezingama-R70 etafuleni ifuna unyazi lo mgadli weChiefs uSamir Nurkovic.

Okwenza lokho ukuthi la maqembu enza esifanayo awesabi nemali athenga abadlali ngezindodla zemali. 

Scroll To Top