Kulindeleke isibhakela esinenkosi phakathi kweleNdlovukazi
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kulindeleke ukuthi abathandi besibhakela basesifundazweni iKwaZulu-Natal bethamele izimpi eziseqophelweni eliphezulu ngaphambi kukancibijane.
Lezi zimpi ezihlelwe iHlula Dladla Boxing Promotions kaDkt Hlula Dladla, zizokuba kusasa ngoMgqibelo e-Olive Convention Centre (OCC), eThekwini zizoqala kusukela ngehora lesi-6 kusihlwa.
Ngaphandle kwempi esematheni ebandakanya uSiyabonga Nene (Big Zulu) ongumculi noPhumlani Njilo ongusomabhizinisi, kodwa zikhona izimpi ezizobe zibhekwe ngabomvu.
Enye yezimpi iphakathi kukaMapule “Thunder” Ngubane ophethe ibhande laseNingizimu Afrika kwiMiddleweight, ozoqhuthana inkani noRita Mrwebi.
Lempi eyamagqubu kwazise iyimpindamshaye, lezi zintokazi zitholanile phezulu nyakenye nalapho uMapule akhala khona ngaphansi ngamaphuzu.
Yize amajaji abona uRita kunguye owanqoba leyompi, uMapule wakhala ngokufakwa umunwe esweni ngoba ukholelwa ukuthi wabe ewunqobile umdlalo kwazise wabe ezifaka enyameni.
Ngaleso sikhathi uRita wayephethe ibhande likazwelonke le-welterweight.
Leli bhande eliphethwe uMapule usanda kulinqoba ngamaphuzu kuCharity Mukani Mujwiri waseKenya empini eyabe iseThe Ridge Casino eMalahleni eMpumalanga.
URita naye ubheke ngabomvu ukukhombisa abantu ukuthi akamhlulanga ngokwenzelelwa uMapule. Uzoya kulempi efuna ukubuyisa isithunzi uRita kwazise ngokwedlule uhlulwe uMandisa Sibanda waseZimbabwe ongenaso nhlobo isithunzi njengoba ehlezi ewukudla kwenduku.
Enye impi ezodonsa izinkumbi zabantu ekaLindelani “Bram” Sibisi okumele akhombise kungani efaniswa nebhokisa laseMelika uFloyd Mayweather.
Lokhu kumele kubonakale mese eseringini lapho azovovana inkani noSange Ngoza wase-Eastern Cape empini yebhande elingaphethwe muntu le-WBA Pan African Featherweight kwimizuliswano elishumi.
Leli ithuba eliyingqayizivele kuSibisi kokuthi engazakhela igama abuye aqhubeke nokuphakamisa igama laseDundee, kwazise like laba sematheni ngenxa kaPhiwokuhle “Ben 10” Mnguni, owaqopha umlando ebuya nendondo yethusi kumaCommonwealth Games eBirmingham e-England ngowezi-2021.
Nempi ephakathi kaSboniso “Tiger” Gonya noMduduzi Mzimela nayo ibhekwe ihlabahlose.
Umuntu onengcindezi enkulu uGonya kwazise abantu abaningi bebethi akasiyeke isibhakela njengoba kusukela ehlulwa uZolani Tete phesheya kwezilwandle akuhamba kahle. Emva kwaloyompi udlale izimpi ezine, wanqoba eyodwa wahlulwa kwezintathu.
Kuzophinde kubhekwe uSiphesihle “The Soldier” Mntungwa ozotholana phezulu noSandile Dumsani empini yebhande lesifundazwe kwiLightweight.
UMntungwa waba sematheni ngesikhathi elwa noSimiso Buthelezi ebhandeni leWBF All Africa Lightweight eGreyville eThekwini ngoNhlangulana wanyakenye, ezimpini ezaziqhathwe iStarline Boxing Promotions kaZandile Malinga.
UButhelezi kwathi kubhekwe ukuthi ubani ozonqoba wabonakala eya ekhoneni eshaya ubala, kukhombisa ukuhamba kwenqondo. Wagcina ephuthunyiswa esibhedlela kwathi emva kwezinsuku ezimbili wadlula emhlabeni.
Iminwe yacijela uButhelezi ukuthi kukhona akusebenzisile, wabe esephenduka iqaqa kophromotha njengoba enikezwe ithuba okokuqala iHlula Dladla Boxing Promotions.
Amathikithi asatholaka abiza i-R150 kanti awezicukuthwane abiza ama-R800.