Usheshe wafika ukhisimusi kwisalukazi esiyisisulu sodlame lobulili



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.


Usheshe wafika uKhisimusi kwintombi endala, uNkk uTholakele Magret Sibiya-Sikhakhane oneminyaka engama-77. Lokho kwenzeke emva kokunikezelwa ngendlu “kanokusho” uma uqhathanisa nalena ahlala kuyona.
UNkk uSibiya-Sikhakhane waseNkandla, eSihosheni kuWadi-9 ungomunye wabagilwa bokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane. Indlu abehlala kuyo incane kanti ubehlala kuyo nabazukulu bakhe abayisithupha.
Lendlu kanokusho ithulwe ngokusemthethweni ngoLwesithathu, nguSihlalo we-Inkatha Freedom Party (IFP) ophinde abe iMeya yaMasipala iKing Cetshwayo, uMnuz uThamsanqa Ntuli.
Yakhiwe ngosomabhizinisi abathathu basendaweni ngokucelwa yiqembu i-IFP.
Yize beliyidliva ngoLwesithathu amalungu omphakathi eqembu le-IFP, azidelile ukuzozibonela ngamehlo isipho sikakhisimusi ebesinikezwa uNkk Sibiya-Sikhakhane.
“Ngihlezi ngizwa kuthiwa kunemana eqhamuka ezulwini namhlanje ngiyibona ngamehlo. Ngiyabonga engenzelwe kona yiqembu le-IFP. Ubani owayazi ukuthi ngelinye ilanga ngohlala emzini onjena, bancane lapha endaweni abantu abanalendlu ayikho into engekho kuyona” kusho uNkk Sibiya-Sikhakhane.
Ephawula ngendlu yakhe endala uthe bekuthi malina kube ukuthi bakhosela ngezindishi nangamabhakede.
Kulendlu entsha enamakamelo okulala amabili, ikhishi, indlu yangasese, nendawo yokubuka yokuphumula, kukhona konke okubalwa ithelevishini, imibhede emibili, amakhabethe, isitofu nosofa kanye nokunye.
“Ngenxa yalokhu abakwenze kimina engathi uNkulunkulu engabandisela, beqhubeke nokukwenza kwabanye abantu abahlala ezindlini esingekho sesimeni. Noma kuthiwa linetha kanjani abazukulu bami ngeke besahlupheka” kusho uNkk Sikhakhane-Sibiya obehluleka nawukukhuluma, eqhaqhazela efa injabulo.
Phezu kwendlu eyitholile intombi endala (uNkk Sibiya-Sikhakhane), uMnuz uNtuli uthe bazobuya maduze bezobiyela lomuzi.
IMeya yaseNkandla uCllr uMbhekiseni Biyela yena uthe ngeke asala ngaphandle ekufakeni isandla. Uthe kusukela ngaloZibandlela kuze kuphele izinyanga eziyisithupha uzoletha ukudla njalo makuphela inyanga kumuzi wakaSibiya.
UMnu uNtuli ube eseyala amadoda ngokuthi anomthwalo omkhulu wokuthi kube yiwo avikela abantu besifazane nezingane.
“Lokhu okwenze kuNkk Sibiya-Sikhakhane akukhona okokugcina, sisazoqhubeka sakhele abantu izindlu. Indlu into emqoka kakhulu, wonke umuntu uyadinga ukuba nayo. Sisazoqhubeka ezifundweni zaMntwana wakwaPhindangene ukuthi abantu kumele bathole izindlu ayi nje izindlu zokugcina icala kodwa zeqophelo” kusho uMnuz uNtuli.