Now Reading
Akubesemthethweni ukushumayela ngokusikhumbuzisa isikompilonhlalo yaboHlanga
Dark Light

Akubesemthethweni ukushumayela ngokusikhumbuzisa isikompilonhlalo yaboHlanga

Kadeni konakele ngoba alikhunjuziswa isikompilonhlalo elihle ezindaweni ezehlukene, ngoba sithi yinto engeyintsha. Empeleni ikuphi okusha ngempela esigabe ngakho boHlanga ikakhulukazi emabandleni wonke?

Ukube kuya ngezifiso zethu sonke, ngabe abaholi, abefundisi, abashumayeli sebanikwa ngabebhishobhi igunya lemizuzu eyi-15, ukuba bathi thasi ngezimo ezithinta isikompilonhlalo labantu noma lomuntu ngenkathi beshumayela.Isikompilonhlalo elimbandakanya ezempilo, ezokuvikela,ezemnotho nemali, ezemfundo kanye nokunye ukuba balawule amabandla noma emabandleni, sebanikwa.

Kobe sekulula ukuba kwenzeke, sikwenze emabandleni ngokwehlukana kwawo.Kobe sekulula nakubabhishobhi ukunika igunya ngokusemthethweni lemizuzu eyi-15, ukuba abashumayelayo balifake noma basikhumbuzise isikompilonhlalo. Pho–ke ngabe ikuphi inkinga laphaya emabandleni esiwahambayo ngokwehlukana kwawo nangokwehlukana kwethu. Sithi siyodumisa uMdali kepha sibe sinokuxokoxela ngaphakathi ezibilini zethu. 

Ngiyafunga ngiyagomela singakwenza,yize kungelula nakancane ukukwenza kwazise ukuthi singabantu njengabobonke abantu. Akekho ongcono!  

Lena yinselelo engiyiphosa kubabhishobhi, abefundisi, abeshumayeli bonke bamabandla nathi sonke emabandleni ehlukeneyo ezweni. Ukuba abaphathi bamabandla, bakwenze kube semthethweni ukushumayela ngokusikhumbuzisa isikompilonhlalo elihle. Singakuzama nathi ngokuba siqale emaxhibeni esivukele kuwona saphuza namanzi afudumeleyo.

Uma kuwukuthi sithi thina sonke ngobuningi bethu emabandleni angokwase-Europe, angokwaboHlanga abawusungulayo, siphosa esivivaneni sezwe, elisinika okuphuzwayo kanye nokudliwayo. Yebo, kulukhuni, akululanga neze ukukwenza lokho ngoba kunabaziba sengathi abekho nababona izicefe.

Yiwona mnikelo ongenziwa noma engicabanga ukuthi ungenziwa ngabasuke besinika izintshumayelo ngaphakathi emabandleni, ukuba bake bashumayele ngesikompilonhlalo. Ukuthi ngabe isikompilonhlalo esiliphilayo lisahamba ngakho noma liyilona yini ebantwini.

Abashumayelayo beshumayela belekelelwa, besizwa yimithombo yezindaba eyehlukene lapha ezweni. Abashumayelayo beshumayela belekelelwa, besizwa nguhulumeni wedemokhrasi kuze kuyoshaya komasipala emakhanseleni uqobo.

Abashumayelayo, uma beshumayela sebazi nabo ukuthi uhulumeni nakomasipala bezindawo liyagxiliswa isikompilonhlalo labantu lokungabulalani, lokungafiselani okubi sisodwa, ngokukuqala emaxhibeni. Akulula ngalendlela, kodwa singakuzama ukukwenza. Kodwa kufanele sizame kancane nje, ukudamane silokhu siphosa kancane nje enqolobaneni yesivivane sethu boHlanga. 

Indaba inomuntu phakathi. Indaba ayinakwenza nezwe, nendawo nomhlaba kodwa inokwemza nabantu ngqo. Kube buhlungu uma okubi nokungekuhle kwenzeka noma kwenzeke ezindaweni okufanele ngabe kunokuhle okwenzeka, okwenzeke khona.kwenziwe ngabasuke bekhona.

See Also

Kwazi bani ukuthi kungaguqula kancane izimo ezesabekayo,lezi esizibonayo zenzeka phambi kwethu mihla yokuphila kwethu. Kwazi bani ukuthi kungancipha ukubiyelwa ngezinsimbi nangokunye kwizindlu zasemabandleni kanjalo nesilala kuzona, nezinye esikhosele ngaphansi kwazo.

Kodwa, ukuxokozela okubi okungathandeki, esikuqala emaxhibeni noma emakhishini ekuseni sisanda kuvuka nje. Kuze kudlondlobale nalapho sesingena emabandleni. Ngabe akuxabene ubendle lapho noma ngalapho sakhe khona, singakhona, sihlala khona.

Ngimane ngiyazisholo ngoba konke engikubalule ngenhla kuqala noma kufanele sikuqale ngaphambi kokuba siphume ezindlini ebesilele kuzona. Ngamanye amazwi kufanele sikuqale emaxhibeni noma emakhishini lapho kufanele konke kuqale khona.

Isemaxhibeni lapho kufanele siyale ngesiminya singezesabi izingane zethu, singakayi emabandleni ehlukene. Kufanele singazenzi abadiniwe ngezingane esizizalayo kanti senziwa ukuthi siyazesaba yize ziyizingane zethu.

Scroll To Top