Bathi thokola themba amathunzi ayewukela abalimi
UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Kuntwela ezansi kubafuyi bezinkomo boHlanga njengoba Izinkulungwane zabalimi kulindeleke ukuthizihlomule esivumelwaneni esifaka uhulumeni inkampani iKaran Beef, kanye nenhlangano yabalimi i-African Farmers Association of South African.
Lokhu kuvela emva kokuthi ngoMsombuluko uNgqongqoshe uSuper Zuma ehambisana no-AJ Mthembu ongumengameli we-African Farmers’ Association of South Africa (AFASA) bahlangane no-Ivor Karan ongumnikazi weKaran Beef South Africa.
Ngokwalesivumelwano esizoqala ukusebenza ngokusemthethweni ngekaNhlolanja ngowezi-2024, abafuyi boHlanga bazothola ithuba lokudayisela amadele eKaran ngqo.
U-Ivor Karan wasungula indawo yokondla izinkomo epulazini lomndeni wakwaKaran ngowe-1974 enezinkomo ezingaphansi kwekhulu. Ngokuhamba kweminyaka umthamo walendawo uye wanda ukuze uthwale izinkomo ezingaphezu kuka-130,000 – okwenza indawo yokondla izinkomo iKaran Beef ibe ngenkulu kunazo zonke e-Afrika.
UNgqongqoshe uSuper Zuma obevakashele eMkhanyakude, ukhuthaze abalimi wathi leli thuba lizobuyisela abalimi boHlanga ababencishwe amathuba ezweni.
“Abalimi kuzofanele bahlangabezane nemigomo nemithamo ebekwe yi-Karan Beef njalo ngenyanga futhi ukwehluleka ngeke kube yinto esingayikhetha. IKwaZulu-Natal isimi ngomumo ukusebenzisa ngokugcwele leli thuba lokudayisa izinkomo elinikezwa yiKaran futhi sizoqinisekisa ukuthi njengabalimi nikhulisa amabhizinisi athuthukayo emhlabathini wethu,” kuphawula uZuma.
Ibhizinisi lokufuya izinkomo ngokwenzuzo lidinga izinto eziningi ezifana nezinsiza zokuhlenga impilo yazo. Lokhu kwenzelwa impilo yabantu abathenga inyama. Ukuze umfuyi athole imali enhle kufanele inkomo yakhe ishaye phezulu esikalini. Ukuze kube njalo, kufanele yondleke kahle futhi ithole nokunakekelwa. Lokhu kwenza kudingeke imali eningi. Kulapha kulindelwe ukuthi uMnyango Wezolimo ulekele abafuyi.
Wengeze ngokuthi i-DARD izophinde ibhekane nokwebiwa kwemfuyo
ngokwethula izindlela ezintsha ezizovimbela amasela emfuyo.
Abaholi babafuyi balishayele ihlombe leligxathu. UMnu uMbatha, oyilungu leSigungu Esiphezulu seProvincial Livestock Association, oseneminyaka engaphezu kwamashumi amabili efuyile, uthe umkhakha wabo uwumgogodla womnotho wesifundazwe. Ngakho-ke, bekubaluleke kakhulu ukuba nezinhlelo zentuthuko.
“Sithembele ekulimeni futhi sisebenzela ukuba ngabalimi abahwebayo. Uma izinkomo zethu zihlushwa yizifo, lokho kuphazamisa ukukhula futhi kugebenga abalimi bethu. Yingakho sibonga usizo esiluthola kuhulumeni,” kusho uMbatha.
Okuvamise ukwenzeka ukuthi labo abaphakela amadele bathenga izinkomo ngemali encane bese benza inzulo enkulu. Kunenkolelo yokuthi lokhu okuvunyelwane ngakho kussiza laba abenza lokhu, kunikeze abafuyi ithuba lokudayisela iKaran ngqo, benze imali engcono.
Izibalo zikhomba ukuthi eNingizimu Afrika kunezinkomo eziyizidi ezili-12 kanti KwaZulu Natal ziyizigidi ezimbili.