Ayinganga mlomo: I-NPA ngaphansi kukaBatohi isangumlilo wamaphepha



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kulokhu okubizwa ngesiqalo esisha kwipolitiki nakuhulumeni kuvame ukwendlalelwa kahle. Kubekwe njengento yokugcina nokuyiyona yona. Into izwe, abantu nohulumeni oyidingayo. Okungamele ihlehliswe ngoba iyisidingo.
Kube ngesifanayo ngesikhathi kwethulwa ‘uqweqwe’ lomumeli wasemajajini uNks uShamila Batohi. Ukuqokwa kwakhe ngonyaka we-2019 njengeNhloko (National Director of Public Prosecution) nangendlela ethulwa ngayo kwaletha ithemba kwabaningi ngaphandle nangaphakathi kuhulumeni. Ngakolunye uhlangothi umlando wokusebenza kwakhe waliqinisa idolo, nomlando wakhe waletha ithemba ekuthini izinto zizokwenzeka.
U-Advocate uBatohi waqala kulo mkhakha engumshushisi enkantolo yeMantshi eChatsworth ngowe-1986, wanyuka kancane kancane wagcina esenguMqondisi Wokushushiswa Komphakathi KwaZulu-Natal. Igama lakhe laphakanyiswa Ophikweni Labaphenyi olwasungulwa nguMengameli uNelson Mandela ngowe-1995. Ngokuhamba kwesikhathi waba ngowokuqala ukuba inhloko Yophiko Lophenyo Olukhethekile esifundazweni. Eminyakeni eyishumi eyedlule isikhathi esiningi ubenguMeluleki Omkhulu kaMshushisi Wenkantolo Yobugebengu Emhlabeni.
Naye njengesithandwa sabezindaba ngaleso sikhathi kazibekanga, esho khona ukuthi uzakudweba umugqa kuzinswelaboya namagovu. Izindodla zemali zathelwa kuye ukuze phela enze umsebenzi. Emuva kweminyaka emine esesikhundleni imilomo isiqalile ukuvunana ezweni ekutheni kawukho umehluko otheni. Ngonyaka wezi-2021 kwaqala ukuhumuzela ngokungaguquki kwezinto. Bebodwa abathi izigilamkhuba ziyachanasa.
Ngaleso sikhathi waziphungela u-Adv Batoli ngelithi:
“Impumelelo ekushushiseni incike ekubekweni amacala abantu ngakho alikho icala eseliphothuliwe kumanje. Kunamacala adida ikhanda ngendlela eyisimanga, okunye okuyiqiniso elibabayo ukuthi esimweni esejwayelekile nommangalelwa wenza konke ukuqinisekisa ukuthi icala aliqhubeki, wenza konke ukuvimbela nokuthi umbuso ungaqali ukwethula ubufakazi obusemgodleni wawo.
“Siwuqonda kahle kamhlophe lowo mqondo, siwuphiko lwezokushushisa sicaba indlela yokusebenza ezonika nabashushisi amandla ukuze bakwazi ukubhekana nalezi zimo neizamo, kodwa kukhona konke ekugcineni izinqumo zithathwa amajaji nezimantshi, akukho esingakwenza kulokho.”
Lokhu kukhuluma kwazwakala sengathi bazosuka ngelikhulu ijubane ngoba phela nakhu bayalazi iqhingasu lezinswelaboya.
Ingcindezi enkulu iqhamuke emuva nje kokuphuma kombiko weKhomishini eyabe ibheka izinsolo zokugwamandwa kwamandla ombuso. Lapha kuze kube yimanje laba abahlonzwa nguMehluleli uZondo njengobhongoza nezigilamkhuma basachanasa lapha ngaphandle. Emacaleni ayebekwe njengamakhulu i-NPA ihlangabezane nembibizana. Elokugcina nje yilelo elithinta unjiniyela owabe eyisikhulu sakwa-Eskom, uMnu uKoko.
Ngesonto eledlule inkantolo ilikhiphile udaba lwakhe ohlwini lwamacala. Lokhu okusho ukuthi izinsolo zezigidigidi okuthiwa zakhwabaniswa nguKoko nezakhe lungahle luphele kanjalo. Lokhu kulandela esifanayo ngesikhathi inkantolo ichitha icala lombuso elithinta iNulane nabakwaGupta. Sekunokwesaba ekutheni uma behlulwa ngamacala athathwa ngokuthi alula engabe lawo okuthiwa angumqansa athinta uMnu uBrian Molefe, uMnu uSandile Gama nabanye wona bomisa kanjani.
Amaqembu epolitiki aseqalile ukuthimula ngoBatohi. Umholi we-United Democratic Movement, uJenene uHolomisa kananazanga ukusho lokhu akholelwa ekutheni kumele kwenzeke. Uthe kamiswe uBatohi ngoba uyehluleka.
Ecwadini ayibhalela uMengameli uRamaphosa wathi ngoBatohi ne-NPA: “Abukho ubufakazi bokuthi kukhona asekwenzile emsebenzini wakhe ukugcwalisela isibophezelo njengoba kushiwo kuMthethosisekelo. Izinqumo ezimbili zakamuva okukhona esaseNkantolo yase-United Arab Emirates (UAE), nesaseNkantolo eNkulu eBloemfontein siveza ngokusobala ubufakazi obungananazisi bokuthi kazange ahambisane nomthethosisekelo wehluleka ukungenelela ngendlela efanelekile ekuqinisekiseni ukuthi inqubomgomo iyalandelwa,” kusho uHolomisa encwadini yakhe.
Uma kubhekwa esikhathini asesihlalile, isithombe sibukeka singesihle. Ezweni lapho inkohlakalo idla lubi ukuba buthuntu be-NPA kudala ukwesaba ukuthi izwe liyaphi nokuthi impi yobugebengu obuhleliwe iyonqotshwa yini.