UDlomo usebheke olungaliyo namuhla ngesicoco seSuper Lightweight



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ufuna ukulivikela okokugcina ngesibhakela esiseqophelweni eliphezulu ibhande le-SA Super Lightweight, uPrince “The Demon” Dlomo empini azobhekana kuyona noNtethelelo Nkosi.
Le mpi izokuba namuhla ngoLwesihlanu, eGreyville Convention Centre, eThekwini. Iyingxenye yomqhudelwano ohlelwa iStarline Boxing Promotions kaZandile Malinga. Izobhulelwa amazolo ngekaThema Zuma ozovikela okokuqala ele-Female SA Bantamweight, kuBabalwa Ngqongqotha.
UDlomo ubengomunye abebehambele umcimbi wokuthulwa ngokusemthethweni kwamaSalga Games ka-2023, eNgwelezane Community Hall. Kuzokhumbuleka leli bhokisa nalo ekukhuleni kwalo like ladlala kuwona amaSalga Games.
“Ngifuna ukwenza lokho okujwayelekile ukuthi ngijabulise abantu abangesekayo, ngokuthi nginqobe. Leli selizohlala unomphela ekhaya kwazise ngizolivikela okokugcina. Nendawo engizoyibeka kulona imi ngomumo impela” kusho uDlomo. Njengoba ezolivikela okwesihlanu lelibhande uma elinqoba iBoxing South Africa (BSA), izobe isimunikeza lona ngokusemthethweni.
UDlomo odabuka eSmero, eMgungundlovu, uqale ukunqoba iSuper Lightweight ngonyaka wezi-2021, eshaya uXolani Mcotheli. Ube eseyivikela kuye uMcotheli, uSesiko Makeleni, uXolani Mgidi nakuMarcus Lebogo amshaye ngoNtulikazi ngakubo eMgungundlovu ezimpini ezazihlelwe iMvelo Boxing Promotions kaNomvelo Magcaba-Shezi.
Ebuzwa ngamalungiselelo nanokuthi uyayazi yini imbangi yakhe uthe: “Amalungiselelo ahambe kahle kakhulu, sengilindele ukungena eringini. Umqeqeshi wami ukwenze konke, sekushodi mina. UNkosi angimazi kakhulu kodwa ithuba lokumbona kumavidiyo ngimbonile, akayona ingozi kangako kodwake ngeke ngimeye ngizolwa njengoba ngihlezi ngilwa” kubeka uDlomo.
Leli bhokisa selilwe esibhakeleni esikhokhelayo izimpi ezingama-30, kuzona unqobe ezili-17 wehlulwa kwezili-12 wadlala ngokulingana kweyodwa. UNkosi ezilinganisweni ze-BSA kwiSuper Lightweight ukeliswe endaweni yokuqala, ekhoneni lakhe uzobe ephethe uqweqwe lomqeqeshi uDamien Durandt. Uselwe izimpi eziyisikhombisa kwesikhekhelayo, unqobe ezinhlanu, wahlulwa kwezimbili.
ElaboHlanga liphinde lakhuluma nophromotha ohlele lezi izimpi uthe: “Ziningi izinqinamba umuntu abhekane nazo, lokhu kungishiya nombuzo wokuthi ngempela kungani ngiqhubeke nokuthanda lo mdlalo okwazi ukungigulisa kangaka makumele ngenze izimpi. Akukho esingakwenzi ukuzama ukunxenxa abantu ukuthi befake imali kuwona, kodwa kufane nokuthi sithela amanzi emhlane wedada. Ngicabanga kabili emva kwalezi zimpi, ukuthi ngithi ukushenxa kancane nginezingane ezincane ngizogcina ngizishiya ngenxa yokuguliswa ilo mdlalo” kusho uZandile.
Uthe yize bebhekane nezinqinamba kodwa ukholelwa ukuthi izimpi zizoba seqopheleni eliphezulu.
Ziqhathwe kanje sezizonke izimpi zeStarline:
SA Junior Lightweight: Dlomo vs Nkosi (12 rounds); SA Female Bantamweight: Thema vs Babalwa (10 rounds); KZN Lightweight: Lindokuhle Dlamini vs Nhlonipho Hlubi (10 rounds); Welterweight: Matt Domatos vs Phumelele Ngcobo, Ryan Johnson vs Sizwe Buthelezi, Dario Barella vs Wellem Nara (4 rounds); Super Middleweight: Chris Morrow vs Thanduxolo Lamula (4 rounds).