Now Reading
Kuvuleke izikhala ngenxa yenganono ophikweni lwamanzi kuMasipala iTheku
Dark Light

Kuvuleke izikhala ngenxa yenganono ophikweni lwamanzi kuMasipala iTheku

“Inkinga yokunqamuka kwamanzi eThekwini isidlulele sekuze kwafika lapho kumele sikwamukele ukuthi maningi amathuba okuhlukanisa unyaka singenamanzi”.

Lawa ngamazwi osizi aphinyiswe isakhamuzi sakwaNyuswa eBothas Hill osekuphele izinyanga eziyisishiyagalombili endaweni abayakhele bewezwa ngendaba amanzi. UMnu uMzila uthi bathembela emalolini amanzi afika kabili ngesonto, kokunye kube kanye. Umphakathi wakwaNyuswa neminye eyakhele iTheku izithola ikulesi simo nje yingenxa yombango oshisa phansi emakhanseleni nasezikhulwini zikaMasipala ophikweni lwamanzi ngamathenda amaloli aphakela amanzi.

“Akukwazi ukuthi kungaphela iminyaka ingalungiswa inkinga yamanzi ibe yaziwa. Kuyacaca ukuthi kukhona abahlomulayo ngamaloli amanzi manje ungalindela kanjani ukuthi inkinga ilungiswe ekubeni kwaziwa ukuthi umbele ugwansile,” kuzikhalela isakhamuzi esiveze ukuthi sisebenze kakhulu ezinhlakeni zomphakathi sisizana nekhansela langaphambilini sagcina ngokuhosha imfe ngenxa yenkohlakalo nokubhekelelwa komphakathi ngokungalingani. ElaboHlanga lithole ukuthi itshe limi ngothi ophikweni lwamanzi kumasipala okungangokuba ezinye izikhulu ziyashiya ngenxa yokusabela ukuphepha kwazo.  

Eminye imibiko ithi abanye abasebenzi abasezikhundleni eziphezulu kulolu phiko bafaka izicelo zokushintshelwa kweminye iminyango. Leli phephandaba lincinzwe indlebe ukuthi kunezikhala eziningi ezivulekile zabaphathi kolulo phiko, kodwa izicelo zomsebenzi ziyagqoza ngoba inganono imi ngenhla. Abasebenzi bahlaselwa ngisho emakhaya babulawe phambi kwemindeni yabo. ” Bheka nje uMnu u-Emmanuel Ntuli bamlandele baze bayombulalela kwakhe eMandeni kade egodukile ngempelasonto,” kulandisa umthombo ongaphakathi kulo mkhandlu. Lapha ubekhuluma ngokubulawa kukaNtuli obenguMphathi Omkhulu kwaPlants and Logistics.  UNtuli kuthiwa ubebambile kulesikhundla okusolwa ukuthi isono sakhe kwaba ukusebenzisana nabathile abayinkukhu nempaka nolunye uhlangothi. Ubulawa nje ngoMandulo inganono yadla  uMnu uKhumbulani Khumalo owabulawa eTafuleni, eNanda esanda kuphuma kwakhe. UKhumalo wayeyimenenja kwaCommunity Services.

Leli phephandaba liphinde lahosha ukuthi akekho ofuna ukuyingena ezikhulwini eziphezulu kumasipala ngisho noKhongolose imbala ngoba besabela ukusha izandla. ” Ngikutshela ukuthi nasemngcwabeni walaba asebebulewe kunzima ngisho ukuyokhalisana nomndeni ngoba awazi ukuthi ubani okubukayo,” kuzikhalela omunye umsebenzi. Ngisho emihlanganweni yesigungu esiphezulu kuthiwa lolu daba luyanyanyalatwa lugcine luvaliwe abantu sebengunaza. Kuthiwa umnyombo wayoyonke lento umbango wamathenda amaWaterkant. Ngokuthola kwaleli phephandaba akhona namakhansela asebulewe ngenxa yalo mbango ikakhulukazi ezindaweni ezise Upper West. Ngasekuqaleni konyaka elaboHlanga labika ukuthi esikhathini esiyinyanga kuqale unyaka omusha cishe imibhikisho eminingi yomphakathi esibe khona ezweni ngethinta ukuntuleka kwamanzi nokunqanyulwa kokuthunyelwa kwawo ngaphandle kwezexwayiso. 

See Also

 Umbiko wawuqhuba uthi iKwaZulu-Natal kubukeka kuyiyo  eshaywe yile nduku iphindelela ngoba kusenezindawo amanzi angakabuyi ngokugcwele kuzo kusuka kwahlasela izikhukhula zangonyaka odlule, Izakhamuzi zizithola zikulesi simo nje,zisadunguza ebumnyameni ngenkanankana kagesi okungacaci ukuthi iyonqotshwa mhla kubusa yiphi inkosi.  

Kubonakala isiyamukele impilo yokuthola amanzi ngokuthunyelelwa ngamaloli abizwa ngama waterkant eminye imiphakathi eyakhele iTheku njengoba kucaca ukuthi inkinga yamanzi kusazothatha isikhathi ukuthi ixazululeke. Kwabanye lena yimpilo abaphiliswa yona ngenhloso ukuze kuqhubeka ukudla kwabathile abanentshontsho emalolini athumela amanzi. Sekukaningi elaboHlanga libika ngenkinga yamanzi eThekwini, kuthintwa nabamele umkhandlu kujike kube nhlanga zimuka nomoya. 

Scroll To Top