Now Reading
Umkhonyovu wokudayiswa komxhaso wongasekho
Dark Light

Umkhonyovu wokudayiswa komxhaso wongasekho

ITHEKU likhangiswa njengendawo ehamba phambili ekuhlinzekweni kwabantulayo ngezindawo zokuhlala kodwa elaboHlanga selivundulule umgudu womkhonyovu wokuphucwa iqatha emlonyeni kwabasuke sebenikezwe izindlu zomxhaso bese zidayiselwa abathile. Lokhu kuhlaluke ophenyweni obelwenziwa iBAYEDE ngesikhalo sikaNks uThoko Madiba waseMtshebheni, eNanda ngokudayiswa kwendlu yomfowabo ongasekho uMnu uBonginkosi Madiba. Lapha kusolwa ikhansela nelisebenzisana nabo.

UNks uMadiba usebike le nkohlakalo kwabophiko iCity Integrity and Investigation Unit okuyilo oselusingethe lolu daba sekuvulwe necala elingunombolo CK 3486 ukuze kuphenywe kabanzi. Zingena zilakanyana izikhalo zabantu baseThekwini kulolu phiko bekhala ngokudayiswa kwezindlu zomxhaso ezivela ngaphansi kwamagama abo ngaphandle kobulungiswa.

UNks uMadiba usola ikhansela lendawo uMnu uSdu Khuzwayo kuWadi 108, eNanda ngokuthi unesandla ekudayisweni kwendlu yomfowabo oshone mhla zingama-25 kuZibandlela ngowezi-2007 emuva kokugula. Kusukela lapho uNks uMadiba uthi nguye obenza onke amalungiselelo omngcwabo omfowabo waze wayobheka nazo zonke izinto ayeshiye enazo nayezibhalisele okubalwa nawo umxhaso wendlu kaHulumeni ngoba efuna ukuthi ingane ayishiye emhlabeni ikhule inendawo yokufihla ikhanda.

“Sengihambe ngakhathala ngizama ukulungisa lolu daba ngoba akukwazi ukuthi sekungavele kuthathwe indlu yengane yakwethu kanjalo ngesandla sabantu abathile ngithule. Kusukela ngonyaka wezi-2007 kuze kube manje ngihamba lolu daba, ngoba unyaka ashona ngawo umfowethu, ngabhalisa le ndlu yeRDP ngaye ngoba ngenzela ingane yakhe konke kwahamba kahle. Kuthe ngonyaka wezi-2009 ngabona abantu engingabazi beqaqa indlu yomfowethu, ngathi uma ngibabuza bangitshela ukuthi indlu idayiswe udadewethu uNks uMisi Madiba, owahamba ekhaya kudala esamncane engingamazi nokuthi uvukaphi futhi akatholakali ndawo.

Uqhube wathi, “Okungixakayo ukuthi le ncwadi efungelwe okuyiyo esetshenzisiwe ukudayiswa kwendlu yenziwe kanjani ngoba wonke amaphepha anemininingwane yakhe akimi futhi lo dadewethu okukhulunywa ngaye akabonwa nangalukhalo,” kuphetha uNks uMadiba. Ophenyweni lwelaboHlanga lithinte omunye okuvele ukuthi uyathinteka kulolu daba, uMnu uJabulani Ntuli osekomidini lekhansela okunguye owayehamba ebhalisa abantu ababezothola umxhaso.

UNtuli uzivumele ngokwakhe kwelaboHlanga ukuthi nguye umsebenzi owajutshwa yikhansela ukwenza lo msebenzi wokubhalisa izindlu. Exinwa ngemibuzo uphendule ngokuthi, “Angikwazi ukuphawula okwamanje ngalolu daba, kodwa ngiyalwazi. Naye lo owadayiselwa indlu ngiyamazi usendaweni, nalo owayidayisa ngiyamazi, kodwa ngicela ukuqale ngikhulume nekhansela ukuze lingigunyaze ukuphawula kwabezindaba ngalolu daba,” kuphawula uNtuli.

Ube eseqhuba ngokuthi udaba lwencwadi efungelwe abayinikezwa ukushintsha leli gama elalikhona uyayazi futhi wayibona. “Ukuthi kwasetshenziswa miphi imigudu angazi nami ngisebenzisa engikunikwayo,” kuphetha uNtuli. Kuthintwa ikhansela uMnu uSdu Khuzwayo ukuze liziphendulele ngezinsolo elibekwa zona lithe, “Lolu daba lakwaMadiba ngiyalwazi, sekukaningi ngilusebenza, kodwa ngeke ngisebenze lona lodwa ngoba ziningi izinkinga zomphakathi okumele ngisebenze ngazo. Ngilumisile uhlelo lokwakhiwa kwalo muzi inombolo yawo ewu-887 ngenxa yokuthi kunezinkinga zomndeni, angikwazi ukubahlalisa phansi ngithi abakhulume izinkinga zabo. Ngibayalele ukuthi abaxoxisane kuqala bese beza kimi bezongitshela ukuthi bafinyelele kusiphi isivumelwano. Indlu le okukhulunywa ngayo yebo yayivela ngaphansi kukamufi, kodwa abasebenzi uma sebeqhubeka nohlelo lokubhalisa bathola incwadi efungelwe ekhomba ukuthi le ndlu idayiselwe uThandukwazi Shezi idayiswa udadewabo kaThoko Madiba onguMisi Madiba, yabe isishintshwa kanjalo le ndlu yabiza uShezi.

See Also

Ngeke ngikhulume udaba lwencwdi efungelwe akungithinti mina, ngisebenza ngento engiyinikiwe, ukuthi yenziwe kanjani angingeni lapho.” Uqhube ngokuthi le ndlu osekuqubuke umsindo ngayo ingaphansi kweProject iNamibia/Stop 8 eqhubekayo nokusebenza kodwa okwamanje yona ngeke kuqhubeke lutho ngayo ngaphambi kokuthi umndeni lo uxoxisane uphume nesisombululo.

Okhulumela uMkhandlu weTheku uNks uTozi Mthethwa ukuqinisekisile ukuthi lolu daba luphenywa uphiko iCity Integrity and Investigation Unit (CIIU)ngaphansi kukaMasipala. Lolu phiko luphenya ngezinsolo zokungaboni ngasolinye ngokutholakala kwendlu yomxhaso kaHulumeni ngaphansi koMkhandlu wethu. Ubufakazi obuhlanganisiwe yibo obukwazi ukusibonisa ukuthi isikhalo sinezinto ezibambekayo noma cha. iCIIU uma isiyitholile imiphumela yophenyo ibe isiyenza izincomo ezifanele bese kuthi noma ubani ongamele lolu daba athathe isinqumo.

Uqhube ngokuthi uma icala libhaliswe neCIIU inombolo yecala ivela ohlelweni lwamacala aphenywayo ngokukhulu ukushesha bese kuthathwa izinyathelo ezifanele. Uthe zingena zilakanyana izikhalo zabantu kulolu phiko.

Scroll To Top