IZinduna zithi INgonyama Trust isiphenduke isikhali esizoqeda ngeSihlalo



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ubumbano lweZinduna luthi inhloso wukuqhatha uBukhosi nesizwe nokuqeda ngoBukhosi
‘Izwe liyadunguzela’ lawa ngamagama athunyelwe ngumfundi kwelaboHlanga emuva kombiko wangesonto eledlule ngaphansi kwesihloko esithi “Kufeziwe: INgonyama Trust ithathe isinqumo esicisha iMbube noMntwana”. Lolu daba kalubanga nje ngundabamlonyeni kubafundi belaboHlanga kuphela kepha nezinhlaka zoBukhosi ziphawulile.
ElaboHlanga likhulume noNobhala wezinduna KwaZulu-Natal uMnu uFalendoda Malinga nobuye abe ngumgcinimafa enhlanganweni yoBukhosi iCongress of Traditional Leaders of South Africa (CONTRALESA). Eqala nje ukukhuluma uMalinga ubabaze ngesibindi samalungu ebhodi nawasole ngokuthathela uBukhosi, izinhlaka zoBukhosi nemiphakathi isinqumo.
“Siphila ezweni lapho wonke umuntu emqoka uma kuthathwa izinqumo. Lapha kukhulunywa ngempilo yethu yansuku zonke. Kukhulunywa ngento ezothinta ukubusa nokubuseka kwabantu kepha akekho obona kumqoka ukuba sithintwe”, kusho uMalinga.
Uqhubeke wathi “Umhlaba lo ibhodi le-Ingonyama Trust elinquma ngawo ngowaMakhosi kepha usetshenzwa zinduna nsukuzaphuma ngokwenqubo yoBukhosi nokuphila lapha emakhaya. Ngamafuphi ngithi njengezinduna simbobo uma kukhulunywa ngenhlabathi.”
Induna ithe konke lokhu kwakamuva kufakazela inkulumo ekhona lapha emphakathini nasezinhlakeni zoBukhosi ukuthi nembala liyahamba izwe. Kulokhu induna uMalinga ithe:
“Leli bhodi elisha kasiliboni lisiyisaphi. Ngakho ngoba alisazi nokuthi siyini, aMakhosi belizowathintelani ngoba kulo awelutho. Zona izinhlaka zoBukhosi bathi siyini? Esikhathini nje esifushane lingenile kwanda izinkulumo ezithi liyahamba izwe lawo baba. Lokhu kuvela njengetulo elijulile lokuqeda ngoBukhosi kuqala lapha KwaZulu-Natal. Ingonyama Trust eyabe iyisithebe sesizwe kancane kancane iyaguqulwa iba yithuluzi noma isikhali esizosetshenziswa ukujuqa iSihlalo.”
Enaba ngalokhu uMalinga uthe: ” Lesi senzo sokuthatha izinqumo ngaphandle koBukhosi nezinhlaka zabo kanye nezinye (izenzo) esiziqaphelayo kulezi zinyangana njengokubulawa kwezinduna, kukhomba umshikashika ojulile. Lolu nje lomhlaba lizosiqhatha nokuyinto esiqalile. Ekusiqhatheni iNdlunkulu izoxabana yodwa, ixabane naMakhosi, aMakhosi wona axabane nezinduna. Kuthi zonke izinhlaka zoBukhosi zivukelwe ngabantu okuyosho ukuphela koBukhosi.”
Uphethe ngelithi likhulu iqhingasu lokuqeda ngoBukhosi wabe esexwaysa kanje: “Ocabanga ukuthi lokhu kwenzeka kuleya Nkosi noma lesiya sizwe kuphela kungefike ngakubo usebumnyameni. Indlunkulu nayo qobo uma icabanga ukuthi lokhu okwenzeka kude le iyobe iyazikhohlisa ngoba leli tulo nalempi iyayithinta kanjalo naMakhosi nezinduna.”
Ongoti sebevele bashaye amakhala ngesinqumo lesi ibhodi eselihoxise icala kuso. Oshicilelweni oluthi The High Court Ruling Against Ingonyama Trust: Implications for South Africa’s Land Governance Policy, ongoti oMnu uThembela Kepe noMnu uSiyabulela Manona bathi :“Isinqumo kwaba yigxathu elikhulu elihambisana namalungelo obunikazi bomhlaba kwabawumsinsi wokuzimilela, kodwa lesinqumo mancane amathuba okuthi singaguqukela kunqubomgomo ecacile. Esikhundleni salokho sithukulule ngisho nokudideka okwafika nabaqoneli okuhambisana nobandlululo nensila yalo kanjalo nokuncintisana ngemingcele”.