Isandla sokuphosa: Ngenxa yeSihlalo ungumzondwa kwabanye



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
UMtimande uyavuma ukuthi kukho konke akwenzayo akukho okwabe kumqeqeshela ukujutshwa ISILO esidala
Uma unguMehluleli umsebenzi wasenkantolo ulula ngoba okwakho wukulalela izinhlangothi ezimbili bese uthatha isinqumo esincike emthethweni omileyo. Kanti futhi uma ungummeli uma wenza izethulo kukhona oncika kukho okungumthetho.
Konke lokhu kuyizinto uMehluleli uSipho Jerome Ngwenya azaziyo nazifundela. Ungowesihlanu ezinganeni eziyisikhombisa zikaNkk uRoseline uMaMdlalose noMnu uLeonard Ngwenya. Inkaba yakhe iseLennoxton eNewcastle, lapho abazali babe sebethuthela endaweni yaseFairleigh khona eNewcastle.
Njengommeli uphekwe bhodweni linye nabehluleli abahlonishwayo kuleli okubalwa uMehluleli uMogoenge Mogoeng, uMehluleli uRaymond Zondo kanye noMehluleli uMjabuliseni Madondo bonke abagogoda Ongoye. Lapha kwaNgqondonkulu Ongoye wenza izifundo zeB.Proc nezeLLB, zona aziqeda esamukelwe njengommeli futhi esesebenza.
Waba ngomunye webutho lokuqala labehluleli boHlanga abaqokwa enkantolo ethathwa njengehamba phambili nelukhuni kuleli iWestern Cape Division of the High Court lapho ayeyibambe nabehluleli abafana noMehluleli uJohn Hlophe noMehluleli uSandile Ngcobo.
Ngesikhathi le nsizwa iseSigqikini nelaboHlanga ucingo lwayo belukhala lukhalile kungabantu abebehlukene kusuka emalungwini aseNdlunkulu, aMakhosi namalungu omphakathi bonke becela izeluleko kuye. Kube sekuba yihlaya uma simbuza ukuthi ukube usengummeli ngabe wenza malini ngokweluleka abantu.
“Ngabe ngibovu njengoba nizibonela nje ukuthi umzuzu nomzuzu kumele ngiphendule noma ngixolise kuloyo esuke eshayile ngicele ukubuyela kuye okuyinto engiyenzayo”, kusho uMtimande.
Ngaphandle kwasenkantolo uke waba ngomunye wabaphathi kwaMercedes Benz of South Africa ephathelene nomkhakha wobudlelwano phakathi kwabaphathi nezisebenzi. Ngalesi sikhathi wabe ezinze e-East London, e-Eastern Cape. Ngesikhathi leli lizwe liwelela enqubeni yedemokhrasi waba ngomunye wabaphathi benhlangano i-IEC engamele ukhetho lokuqala kuleli nokuyinto athi yabe imqoka kakhulu.
Khona lapho waba ngomunye wabaphathi ngaphansi kohlaka lokuletha uxolo ngaphansi kwenxushunxushu yezombusazwe. Ubuye waba ngumqondisi ezinkampanini ezahlukene.
UMtimande uyavuma ukuthi kukho konke akwenzayo akukho okwabe kumqeqeshela umsebenzi awujutshwa yiSILO esidala sokuba abe yisandla saso sokuphosa ezindabeni ezithinta umhlaba kaZulu ngaphansi kohlaka loBukhosi Ingonyama Trust Board.
Kulokhu uMtimande uthi: “Uma iSILO singiqoka ngonyaka wezi-2000 kwaba sengathi ngumsebenzi nje owejwayelekile kepha kuthe uma sekusensimini ngabona ukuthi akudlalwa. Empeleni izifiso zeSILO yizo ezenza ngathatha izinqumo eziningi esinye sazo kwaba wukuphuma enkantolo ngibuye naseKapa ukuze ngibhekele eduze lokho iBhubesi elabe lithe angikubheke”, kusho uMehluleli.
Waba ngomunye abambalwa abakhuluma neSILO esidala ngaphambi kokuba sebuze nokuyinto athi yamkhulisa kakhulu.
“Kulonyaka ngibonga uMdali ngokuthi enyangeni kaNdasa ngibusisekile ngokufika eminyakeni engamashumi asithupha nantathu. Kepha engikubonga kakhulu yithuba lokuhlala ezinyaweni zongangeSILO. Lokho akushiya ezandleni zami kukhulu kakhulu futhi uma isikhathi sesikahle izwe lizokubona ngoba konke kwabe kuyizifiso zeSILO ngeSihlalo, iNdlunkulu noZulu,” kusho yena.
Uqhube wathi njengomlayelo weSILO esawusho kuye qobo nalokho esakubhala ukuthi akakwenze encwadini yaso yamafa, iKing Zwelithini Foundation esayisungula ngokujutshwa yiso izoba ngumlomo waso ngisho sesingasekho phakathi kwethu ngokwenyama.
“Akuyona imfihlo ukuthi iSILO sasifisani, phezulu eqhulwini wukuba umhlaba kaZulu uvikeleke futhi ubuye wonke. Okwesibili wukuba aMakhosi ayizinsika zeSihlalo ahlonipheke futhi athathe indawo yawo. Ukuthi udondolo lukaZulu kube ngamasiko okumele avikelwe futhi athuthukiswe. Okokugcina ukuthi iNdlunkulu noBukhosi buzimele bunganciki kuHulumeni.” kusho uMtimande nothe uma esaphila uyokwenza konke okusemandleni ukuba iphupho leNdlondlo ngesizwe lifezeke.
Ebuzwa ngobunzima bomsebenzi osemahlombe akhe uthe uyazi ukuthi kukhona abangamnambithisisi ngenxa yomsebenzi awenzayo nangenxa yokuma lapho ISILO sabe sithi akame khona.
“Iningi lalaba abafunga ngokuthi banenxa nami kasazani ngaphandle nje komsebenzi lo wesizwe. Ngeshwa angikwazi labo ukubasiza ngoba njengoba iSILO esidala sabe singeluleka, kulo msebenzi bakhona abayokuthanda kube khona futhi nalabo abayokuzonda kepha okwakho wukuma neSihlalo”, kusho uNgwenya ngokujulile.
Ubikele ElaboHlanga ukuthi ngokuphela kwenyanga esikuyo mhla zingama-23 kuya zingama-25 kwephezulu kuzothululelwa aMakhosi ngephupho leSILO esidala ngomhlaba kaZulu emhlanganweni ozohanjelwa yiSILO esiseSihlalweni, uNdunankulu kaZulu nezinduna.
“Lo mhlangano umqoka ngoba siyothulela uBukhosi neSILO esiseSihlalweni ngezifiso nezinhlelo ezashiywa yiMbube ngalokho eyabe ikubiza ngengubo kaZulu, umhlaba. Kusuka lapha ngicabanga ukuthi kuzoqonda ukuthi kusuka ngowezi-2012 besiphekani ISILO esidala ngengubo kaZulu.
- ISigqiki yingosi entsha yelaboHlanga nekhuluma ngabaholi boHlanga abavela emikhakha eyehlukene yempilo. Iyatholakala nakusizindalwebu naku podcast.