Abe KZN Netball bathi ubaphathe kahle lonyaka
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2020/05/WhatsApp-Image-2022-12-20-at-11.32.51-3.jpg?fit=80%2C76&ssl=1)
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2023/11/Gugu-Ngema-01.png?fit=1600%2C955&ssl=1)
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2020/05/WhatsApp-Image-2022-12-20-at-11.32.51-3.jpg?fit=156%2C149&ssl=1)
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UMengameli weKwaZulu-Natal Netball (KZNN) uGugu Ngema, uthi unyaka wezi-2023 kube unyaka omuhle yize kukhona lapho abaphoxeke khona kancane.
Namuhla ngoLwesihlanu iKZNN izobe ikomelisa bonke abenze kahle kulo nyaka. Lo mcimbi wokuvala unyaka uzobanjelwa eGarden Court, Marine Parade eThekwini ngehora lesi-6 kusihlwa.
Okwenza uNgema athi babe nonyaka omuhle ukuthi, ngesikhathi kuqala inyaka behlala phansi benza izinhlelo zakulonyaka okuningi ababekufisa kwenzeke kwenzakalile.
“Ngingasho ngithi kube unyaka omude lona kodwa ube ngomuhle, ngoba ebesikuhlosile kufezekile. Okunye kwakho ukuvulwa kwamaqembu ezinkulisa okungabadlali abaneminyaka engaphansi kweli-13. Njengoba isizulu sisho ligotshwa lisemanzi, akusizi ukuba neligi yabantu abadala ingekho eyabancane. Siqale iligi yabantu abaneminyaka engaphansi kweli-13,15 neli-17. Inhloso ukuthi lo mdlalo sifuna ukhule kakhulu” kusho uGugu.
UGugu uhlale esihlalweni sobuMengameli ngoLwezi wezi-2019, kusukela ebe nguMengameli ziningi izinguquko ezikhona.
Okuwubufakazi balokho ngowezi-2021 wakonyeliswa ye-Administrator of the Year, kumcimbi owawenziwe uMnyango weZemidlalo esifundazweni iKwaZulu-Natal.
“Yize kube kuningi okuhle kodwa nokubi kubile khona, njengoba iqembu lalapha elidla kwi-Telkom Netball (TNL) iKingdom Stars iqede ekugcineni kulogi kuDivision 1. Lokho kusho ukuthi ngesizini ezayo ingagcina idlala ngeKingdom Queens yakhona lapha esifundazweni edlala kuDivision 2. Kodwa ngalokho sibe sesibheka izizathu ezenze iqembu lethu langenza kahle, nakanjani ngonyaka ozayo lizobuya lihlukile. Abadlali abanekhono baningi kakhulu kulesi sifundazwe, sibabonile bedlala kwiKZN Super League” kunaba uGugu.
Uthe bazokwenza isiqiniseko sokuthi bonke abaqeqeshi, baba nazo izicucu zokuqeqesha lokho kuzosiza abadlali ukuthi baqeqeshwe abantu abakufundele.
Ephawula ngokuxhaseka kwalo mdlall uthe: “Sibonga kakhulu kuMnyango WeZemidlalo, ubuCiko namaSiko esifundazweni iKwaZulu-Natal ngokuthi usilekele njalo masidlala imidlalo. Ngeke yasala ngaphandle i-Aquelle egqokisa o-Umpire abadlalisayo iphinde ibanikeze nenkece nyangazonke. IHollywoodbets nayo isisifakile isandla njengoba idlale indima enkulu kulemikomelo ezobe itholwa namuhla” usho kanje.
Nonyaka kuzoba nomkomelo wokuqala weNtatheli evelele.