Now Reading
Ofunwa phesheya uthi usagxile kwi-Sundowns
Dark Light

Ofunwa phesheya uthi usagxile kwi-Sundowns

Umdlali wasemumva weMamelodi Sundowns neBafana Bafana uKhuliso “Sailor” Mudau, ukhulume okokuqala ngokugaqelwa kwakhe iqembu eligijima ku-English Premier League (EPL) okuyiligi yase-England.

Emasontweni edlule kusabalale izindaba zokuthi uMudau, ufunwa iBurnley FC.

UMudau izinga ulinyuse kakhulu njengoba kungadluli lutho ngasohlangothini lwesokudla adlala kulona. Akagcini lapho ngisho eseshoshela phambili, udlala kahle kakhulu.

“Ngizizwile izindaba zokuthi ngigaqelwe iBurnley FC, kodwa okwamanje ngigxile eqenjini engidlala kulo okuyiSundowns. Kodwa uma lingaqhamuka ithuba lokuthi ngiyijoyine iBurnley FC ngingalamukela” kusho uMudau kwabezindaba zeSafa.

UMudau uma kungathiwa ugcina ngokuyijoyina iBurnley FC, uzofike agijime noLyle Foster ongumgadli walapha eNingizimu Afrika.

Kuyimanje uMudau usekhempini yeBafana Bafana ezotholana phezulu neRwanda emdlalweni wokuhlungela ukuya kwiNdebe yoMhlaba ezokuba ngowezi-2026.

Lona umdlalo wesibili, owokuqala iBafana Bafana inqobe ngamagoli amabili kwelilodwa idla iBenin kobuseMoses Mabhida Stadium ngeledlule. Kumagoli amabili eBafana elinye livalelwe phakathi nguyena uMudau.

“Sifike kahle eRwanda samukelwe kahle kakhulu, konke kuhlelekile. Sifuna ukuqhubeka nokwenza kahle sizibekisele indawo kweyoMhlaba ngowezi-2026. Kungijabulisile ukuvalela phakathi igoli, okuyilo eliweze ngelibanzi izwe lethu” kubeka uMudau.

See Also

UMudau ujoyine iSundowns ngesizini yangowezi-2020/21, usefike wanqoba kuyona izococo eziningi amabili edlule udle ese-African Football League (AFL).

Ebuzwa ngokuthi bunjani ubunzima njengoba bedlala imidlalo ilandelana uthe:

“Kuyingxenye yomsebenzi wethu, akukho ukukhala. Buka sidlale ngoMgqibelo akupheli ngisho izinsuku ezintathu, sesobhekana neRwanda. Ngeke sikhale, okumele sikwenze ukuzimisela nje” kusho uMudau.

Scroll To Top