Now Reading
Sidalula okwenze iAustralia yanqoba kwelaseNdiya
Dark Light

Sidalula okwenze iAustralia yanqoba kwelaseNdiya

I-Australia imangaze izinkumbi zabathandi bekhilikithi emhlabeni ithela othulini i-India ngamawikhethi ayisithupha emdlalweni wamanqamu obuseNerandra Modi Stadium.

ElaseNdiya yilona ebelithwelwe ngeqoma ukuthi lizofike lizicanasele kowamanqamu kodwa ama-Aussies ayijikela esiswini njengotshani iNdiya.

Ama-Aussies awine ithosi aqoka ukushwiba kuqala ngemuva kwalokho ayikhipha yonke iNdiya isishaye ama-run angama-240.

Lesi sibalo sama-run awajahe kusasele ama-over ayisikhombisa. Intatheli yelaboHlanga isibheke izizathu ezenze i-Australia yagcina ingompetha bomhlaba.

  1. Ukaputeni uPat Cummins ubezihola phambili kukho konke:
    Cummins v India kowamanqamu:
  • Ngemuva kwe-powerplay yokuqala uthathe isinqumo sokuzifaka yena njengomshwibi. Akapholisanga maseko wakhipha uShreyas Iyer ngebhola lakhe lesibili. Zonke izinqumo zakhe zimvunile. Ebona ukuthi uRohit Sharma ufuna ukubadla bephila uvele wathumela i-spinner uGlenn Maxwell ofike wamtholela lewikhethi emqoka.
  • Nge-over yama-29 uthole iwikhethi emqoka kaVirat Kohli oqede njengomdlali oshaye ama-run amaningi kulo mqhudelwano. UCummins ugcine eqede namawikhethi amabili kuma-over ayishumi. Isinqumo sakhe sokushwiba kowamanqamu ebhekene neNdiya sikhombise isibindi esiyisimanga kodwa ekugcineni sasebenza. Akuzange kumthuse ukuthi iNdiya iyingozi uma ibhetha kuqala. Yena ufunde isimo senkundla wase ethatha isinqumo ngokwesimo senkundla hhayi ngokokudlala kwezitha. Kubhekwene namaProteas ubhethe kwaze kwayophela umdlalo ezakhe zingaphansi kwenkulu ingcindezi ekubeni akuwona umsebenzi wakhe ukubhetha.
  1. Isinqumo esinzima sokukhetha uMarnus Labuschagne:
  • Emdlalweni owandulela amanqamu nakowamanqamu iqembu lesizwe lase-Australia belihlalelwe yisinqumo esinzima sokuthi lizodlalisa bani phakathi kukaMarcus Stoinis noMarnus Labuschagne. UStoinis uyashwiba aphinde abhethe kodwa akekho efomini ngebhethi. ULabuschagne ubephikwa yifomu ngebhethi. Ekugcineni bakhethe ukudlalisa uLabuschagne ohlananganise ama-run ali-192 agcine enqobele izwe iNdebe yoMhlaba. ULabuschagne ugcine engaphumanga eseshaye ama-run angama-58. Ubambe elikhulu iqhaza ukulekelela uTravis Head oshaye ikhulu.
  1. Ukumelena nengcindezi ngezikhathi ezinzima kwabadlali abahlukene:
    Travis Head 132 v India:
  • Utakule i-Australia ngezikhathi ezinzima. Kowandulela amanqamu uqokwe njengomdlali ovelele kwathi kowamanqamu waphinde wathola umklomelo ofanayo. Ujoyine u-Adam Gilchrist noRicky Pointing okungabadlali be-Australia asebeke bashaya amakhulh kowamanqamu. Ukhombisile ukuthi ingcindezi akayesabi.

Glenn Maxwell 200 v Afghanistan:
Ungene enkundleni ama-Aussies elengela eweni. Ufike wawahlenga eshaya ama-run angu-200 eselimele. Ezakhe zigcine zinqoba ngamawikhethi amathathu.

Mitchell 177 v Bangladesh:
Le-Innings kaMarsh iyona eweze ama-Aussies ngelibanzi kulo mdlalo wamaqoqo.

See Also

Travis Head 109 v New Zealand:
Uphinde wasiza i-Australia yanqoba ngama-run amahlanu kulo mdlalo wamaqoqo.

Ukaputeni uCummins ngemuva komdlalo:
“Sikhethe ukushwiba kuqala ngemuva kokuhlaziya isimo senkundla. Bekubukeka kuzobalula ukubhetha phakathi nomdlalo nge-Innings yesibili (nangempela kwabanjalo). Inkundla ibingasheshi. Noma kunjalo kodwa wonke umuntu usheshe wangena emgqigqweni. Iqembu lethu liyaguga nokho ngeke usho indlela elizinikela ngayo enkundleni. Sikujabulela ukukhipha iNdiya yonke isenze ama-run angu-240. Besifuna ukujaha noma yini engaphansi kuka-300. Ngike ngathuka silahlekelwa amawikhethi amathathu ekuqaleni komdlalo. UMarnus ungene wakhombisa isibindi kwathi uTravis wenza lokho akwazi kangcono, ukuphindisela ingcindezi ezitheni.”

Scroll To Top