Asivume ukuthi iSundowns iyiqembu elivelele e-Afrika
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Impelasonto edlule isongwe kahle kakhulu lapha eNingizimu Afrika kwezikanobhutshuzwayo, okuyimbangela yalokho ukunqoba kweMamelodi Sundowns umqhudelwano we-African Football League (AFL).
ISundowns engompetha beDStv Premiership ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL), inqobe i-AFL emumva kokuhlula iqembu laseMorocco iWydad Athletic Club ngamagoli amathathu kwamabili sekubalwa imilenze emibili. Eminyakeni edlule beziningi izinkulumo zokuthi iSundowns yenza kahle nje, kungenxa yalowo owayeyiqeqesha uPitso “Jingles” Mosimane. Kungagcini lapho bethi kumele vele izenzele ngokunqoba iDStv Premiership kulandelana, ngoba inabadlali beqophelo eliphezulu kodwa iyahluleka mese idlala e-Africa.
Ngikholwa ukuthi ukunqoba kwayo ngeledlule , kuvule inkungu kubantu ngoRhulani Mokwena. UMokwena obalwa njengabaqeqeshi abancane kuleli ngeminyaka, uzifake emlandweni ngokunqoba i-AFL. Ubuhlakani balo mqeqeshi abudinge kuchazwa njengoba iqembu lakhe livutha lingabaselwe nje. Okunye okuwubuhlakani bakhe uMokwena, ukuthi uyakwazi ukudida isitha asuke ezobhekana naso.
Umdlalo nomdlalo wenza izinguquko, okwenza kube nzima ukumqonda ukuthi iliphi iqembu azolibophela ensimini. Angimqhathanisi noMosimane owashiya ethathe inkanyezi kodwa, abantu abayeke ukulokhu bemnyundela ngokuthi unqoba nje vele wayeshiyelwe enzelwe konke.
Nginethemba lokuthi inkanyezi yesibili iSundowns izoyithatha, ngobuhlakani bakhe uMokwena kanye nohlobo labadlali anabo.Ukunqoba kwakhe i-AFL, kusho ukuthi ubetholane nalamaqembu asazobhekana nawo kuyona iCaf Champions League. Noma kuthiwa awuyena umlandeli weSundowns kodwa uMokwena, kumele umvume ukuthi ungumqeqeshi weqophelo ubuhlakani bakhe buyasebenza.
Ngeke ngamangala uma ngibona iBafana Bafana kusasa ngoMgqibelo ibophela abadlali abaningi bayo iSundowns ngoba batshengisile ukuthi bayakwazi ukumelana nobunzima base-Africa.
ISundowns kuyifanele ukuba iqembu elivelele lapha e-Africa.Ngisamile kwelokuthi uMokwena akathweswe uphaphe legwalagwala, kumfanele. Ungumqeqeshi ohamba phambili!