Now Reading
Kuyichilo ukuthi onqobe iComrade Marathon athole inkece engaka
Dark Light

Kuyichilo ukuthi onqobe iComrade Marathon athole inkece engaka

IComrades Marathon umjaho omkhulu kakhulu nohlonishwayo emhlabeni.

Kube injabulo ubuya kulo nyaka emuva kweminyaka emibili uvaliwe ngenxa yokhuvethe. Kuthokozise abantu abaningi, ikakhulukazi abasubathi. Kuliqiniso ukuthi ukubuya kwwo kuphinde kuvule namathuba omsebenzi, nalaba bezindawo zokulala bayazuza njengoba ugijinywa abantu abaqhamuka ezindaweni eziningi okubalwa naphesheya kwezilwandle.

Yize kunjalo iqiniso ukuthi lo mjaho uzokwehlelwa isithunzi uma kuwukuthi abaphathi bawo basazowuphatha ngale ndlela abawuphethe ngawo. 

Okwenza ngisho njalo yingoba angigculisekanga nhlobo ngemali etholwa abasubathi abali-10 bokuqala. 

Onqobile uthola izinkulungwane ezingama-R260, ngikholwa ukuthi onqobile fuze engabe uthola isigidi okanye ngaphezulu. 

Kunemiqhudelwane enjengePrince Mangosuthu Ultra Marathon, eyibanga elingama-52km onqobile khona uhamba nezinkulungwane ezili-R100. Umehluko kumele engabe awumncane kanjena kwazise iComrades ixhaswe kakhulu futhi iyona eyaziwayo emhlabeni.

Iningi imali etholwa abagqugquzeli bayo iComrades,  ngoba ukuze ube yingxenye yalo mqhudelwano uma ungowalapha eNingizimu Afrika kumele ukhokhe u-R1200, uma ungawese-Afrika ukhokha izinkulungwane ezimbili, uma ungowaphesheya ukhokha izinkulungwane ezine.

Uma kungathiwa igijinywa abantu balapha eNingizimu Afrika, abali-15 000, imali engaphuma izigidi ezili-18. Kulaba abali-15 000 usufaka abase-Afrika nabaphesheya kwezilwandle imalini etholwa abeComrade  Marathon, ukuthi umuntu onqobile angathola imali encane kangaka. Lapha ngikhuluma bengakafakwa abaxhasi.

Kubuhlungu ukuthi kunabantu abawuthandayo lo mqhudelwano, abanye baze bashona bewugijima. Kulabo abahambile emhlabeni, imiphefumulo yabo ayilale ngokuthula. 

U-Alexandra Morozova waseRussia okunguye onqobe kwabesifazane, ngaphambi kokuthi awuqijime waqale walwela ilungelo lakhe lokugijima enkantolo. Lokho kwenzeka emva kokuthi athole  ukuthi ngeke avunyelwe ukugijima ngenxa yomyalelo wenhlangano engamele ezokusubatha emhlabeni, iWorld Athletics, othi abasubathi baseRussia kumele bashiywe ngaphandle ngenxa yokuthi izwe labo lisaqhubeka nokulwa ne-Ukraine. Sekungumlando ukuthi wagcina ewugijimile wawunqoba. 

See Also

Okusho ukuthi le ntokazi yaseRussia ibingafuni ukuba iphuthwe ithuba lokugijima lo mqhudelwano.

UTete Dijana owanqoba kwabesilisa ongunogada kwiMi7 Security Group, wancamela ukuthatha ikhefu elingakhokhelwa izinyanga ezimbili ezilungiselela lo mqhudelwano.

Ibuhlungu lento eyenziwa kubasubathi. Lizokwehla nakanjani  izinga leComrades Marathon eminyakeni ezayo umakuqhutshwa kanje. 

Ngeke ukwazi ukuthi uzilungiselele unyaka wonke, uhlule abantu abayizinkulungwane ujike uzothola imali encane kangaka.

Scroll To Top