Now Reading
Isihlabani esaweza amaBhokobhoko sivuma iqembu likaKolisi
Dark Light

Isihlabani esaweza amaBhokobhoko sivuma iqembu likaKolisi

Ingwazi yamaBhokobhoko uJoel Stransky isiphumele obala  ngokuthi ayiliboni iqembu elifika kwelikaSiya Kolisi emlandweni weqembu lesizwe ebholeni lombhoxo. UStransky wayekhona ngesikhathi amaBhokobhoko enqoba iNdebe yoMhlaba okokuqala ngowe-1995. Uyona owakhahlela wonke amaphuzu bequmba phansi iNew Zealand ngo 15-12 e-Ellis Park.

Exoxa naleli phephandaba uStransky uchaza iqembu eliholwa nguKolisi njengelihamba phambili emlandweni wamaBhokobhoko.

“Ngicabanga ukuthi leli yiqembu labadlali elihamba phambili kunawo wonke amaqembu esesake sabanawo emlandweni weqembu lesizwe. Kunzima ukuthi ungaphikisana nalokho. Sikhuluma ngeqembu elinqobe iNdebe yoMhlaba imiqhudelwano ilandelana. Abukho ubunzima elingazange libhekane nabo. Kule Ndebe yoMhlaba lidlale nosokhaya, iFrance lanqoba, latholana phezulu ne-England kowandulela amanqamu laphumelela kwathi kowamanqamu labhuquzisana neNew Zealand.

“Leli qembu liyinqobe yonke le midlalo emithathu enzima. Bekubanjwe umoya kuyona yonke le midlalo kodwa ladlubulundela kunzima kunjalo. Yebo, bebeyidinga inhlanhla nokho ngeke sibadlele umona ngokuzinikela kwabo,” kubeka uStransky.

“Ukuze uphumelela ngemuva kokubhekana nobunzima obufana nalobuya, iqembu belidinga ukuqina ngokomqondo nekhono eliyisimanga. Leli yiqembu elihlale licabanga ukuthi lizonqoba ngaso sonke isikhathi. Alililahli ithemba. Ligijima umdlalo uqala uze uyophela, lifela enkundleni. Leli yiqembu elincamela ukugembula ngezimpilo zalo nangemimoya  ukuze liphumelele. Lingenza noma yini ukuze linqobe futhi lihlale lithola izindlela zokuphumelela. Enkundleni liyalwelana. Ubumbano awulibuzi. Lingalifela leli zwe, lingayifela imindeni yabo,” kuqhuba uStransky.

UHandre Pollard ulandele ezinyathelweni zikaStransky ngokuvalele phakathi wonke amaphuzu amaBhokobhoko kowamanqamu weNdebe yoMhlaba.

UStransky wenza okufanayo ngowe-1995 kubhekene nawo futhi ama-All Blacks. NoPollard wenze okufanayo kubhekenwe nezwe elifanayo kwelaseFrance.

“Kumele lishayelwe izandla ithimba labaqeqeshi ngesinqumo sokubiza uPollard obengekho esikwatini ngaphambi kweNdebe yoMhlaba. Izinqumo zaleli thimba ebeliholwa nguRassie Erasmus njengomqondisi, uJacques Nienaber namaphini akhe bezishiya abantu nemibuzo. Kowokuzifudumeza sibhekene neNew Zealand basebenzisa uhlelo esingalibiza nge 7-1 ebhentshini kweminye imidlalo basebenzisa i-6-2 kwathi emdlalweni omqoka kunawo wonke basebenzisa i-7-1.

“Lokhu kukhombise isibindi ukucabanga ngokujula. Ekugcineni zonke lezi zinqumo zisebenzile. Ukubiza uPollard ngalesi sigaba somqhudelwano kube yisinqumo esiphusile. Babengabiza enye i-hooker kodwa bakhetha uPollard. Babona ukuthi ukhona uBongi Mbonambi ongabayi-hooker. Leya ndawo bebebaningi abadlali abangayidlala esikwatini ngemuva kokulimala kukaMalcom Marx. Bathatha isinqumo sokufaka i-fly half. Umsebenzi wayo uyazikhulumela,” kulandisa uStransky.

UPollard uqale ukwenza ezibukwayo kuma-quarterfinal ngesikhathi  behlula iFrance. Ushaye amaphenathi amqoka. Wenze okufanayo kowandulela amanqamu,  namaNgisi.”Uma ufuna ukudlala uhlobo lombhoxo lapho usebenzisa ijubane futhi udle ngokuphatha ibhola noma yinini udinga amandla nendluzula uyamdinga umuntu ofana noPollard. Emdlalweni wamanqamu amathuba okuya ekhoneni ushaye amatry aba mancane. Amaphuzu amaningi uwathola ngokukhahlela. Yilapho-ke odinga khona uPollard. Uzibonakalisile ithimba labaqeqeshi lasebenza kanzima ngokumfaka ,” kusho uStransky. Njengamanje uPollard uneminyaka engama-29 ubudala.

See Also

“Ingcindezi iyohlale ikhona uma uyi-fly half. Kukabili uma ukwazi ukubhekana nayo uyakwazi futhi uma ungakwazi awukwazi. Iphenathi nephenathi oyikhahlelayo imqoka futhi ihambisana nengcindezi. Konke kuncike kuwena ukuthi ubhekana kanjani naleyo ngcindezi. UPollard useyijwayele ingcindezi ayisamethusi. Usebhekane nayo kakhulu. Uyakwazi ukumelana nayo akukhathelele ukuthi iphenathi ikuphi nenkundla,” kulandisa uStransky.UNeinaber ushiyile esikhundleni sakhe njengomqeqeshi, u-Erasums usasalelwe yiminyaka emibili neSouth African Rugby Union (Saru).

“URassie kumele acabange ngekusasa lakhe. Kunzima ukuthi ngithi akaqhubeke noma abeke phansi izintambo. Ukuba ngumqeqeshi wamaBhokobhoko ngumsebenzi ophathisana ngekhanda. Awucabangi nje ngokudlala kuphela kodwa siphila ngaphansi kwezwe elilawulwa yipolitiki. Ngokwami kungakuhle uma engahlala. Mhlawumbe yena uzothi sekuyisikhathi sokuthi anike omunye umqeqeshi ithuba. Kungenzeka abone ukuthi abadlali sebekhathele yizwi lakhe. Ezemidlalo, ibhizinisi nempilo kunjalo. Okwamanje isimo sakhe somqondo angazi sikuphi. Okuhle wukuthi usanenkontileka eminye iminyaka emibili. Amaphini nawo anazinkontileka zeminyaka emine. Ngijabule ngokuthi inqola iyashoshela,” kusho uStransky.

Amabhokobhoko aseyoze abuyele enkundleni ngonyaka ozayo.”Njengamanje sibhekene nesimo sokwakha. Sizolahlekelwa yinqwaba yezihlabani zabadlali, ningi labo ngeke libe yingxenye yeNdebe yoMhlaba elandelayo. Kuzoba yisikhathi esinzima kulezi zinyanga ezingu-18 ezizayo ngoba sizobe sakha. Yebo, iqhaza likaRassie limqoka kodwa asingamkhohlwa uSiya Kolisi.

“Ungumholi oqotho izwe ulazi kangcono. Iqembu lakhe ulazi kangcono, umsebenzi wakhe usimele ngohlobo lezwe esiyilo. Useshilo ukuthi usafuna ukudlala kodwa angiboni ukuthi uzobe esakhona ngeNdebe yoMhlaba elandelayo.” kuphetha uStransky.

Scroll To Top