Bakhala ngeSadtu ngokudunga izivivinyo eKZN
Isinyathelo senyunyana yothisha iSouth African Democratic Teachers Union (Sadtu) KwaZulu-Natal sokubhikisha ezingxenyeni ezithile zesifundazwe kuleli sonto ngesikhathi abafundi bebhala izivivinyo zokuphela konyaka siyembule izinqe le nyunyana ngokuthi ibeka phambili ipolitiki nezimfuno zayo kunemfundo.
Lona ngumuzwa wabazali abakhulume nelaboHlanga ngoLwesibili kulandela ukuphazamiseka kwezivivinyo kwezinye izikole othisha bebhikisha belibeka nangesihloko elokuthi uma lokho abakufuna emnyangweni wezemfundo kungakalungiswa bazoqhubeka “bayinyomfe”.
“Lento ehlale ishiwo ngokuthi othisha abangaphansi kwale nyunyana abasayikhathalele imfundo ivele obala namuhla ngalesi senzo sabo. Wake wacabanga nje ukuthi ngalesi sikhathi sonyaka lapho kubhalwa khona kuthiwe othisha bayamasha. Kusobala ukuthi kusuka ekuqaleni konyaka akukho abebekwenza ezikoleni, lokhu kumasha sekuyizaba nje zokuthi uma imiphumela ingahambanga kahle bakhombe umnyango wezemfundo,” kuphawula omunye wabazali onezingane ezimbili ezibhala izivivinyo kwesinye sezikole kwisekethe yasePinetown.
Omunye uthe uhulumeni kumele azinuke amakhwapha ngoba nguye obanika ingalo yonke njengoba cishe iningi lezikole KwaZulu-Natal ikakhulukazi emadolobheni amakhulu njengaseThekwini, eMpangeni nasePort Sheptone linothishanhloko abangamalungu eSadtu.NgoLwesithathu ubuholi bale nyunyana buhlangane noMphathiswa Wezemfudo esifundazweni uMbali Fraser nezikhulu kulo mnyango emizamweni yokuthola isixazululo kule nkinga.
Ephawula ngokwenze babhikisha uMnu uDumisani Nxumalo oyiPhini likaNobhala weSadtu KwaZulu-Natal uthe banqumela umnyango wezemfundo ugwayi katiki wokuthi uma ufuna kuqhubeke ukubhalwa kwezivivinyo zokuphela konyaka kumele ukhokhe imali yezidingongqangi ezikoleni okuyinto okdala ikhulunywa. UNxumalo uthe othishanhloko sebekhathele ukushaya emaphaketheni abo besebenzisa imali yemindeni yabo bondla umnyango wezemfundo.
“Kulezo zikole lapho othishanhloko bazo bekhala bengashayiwe kuba kubi kakhulu ngoba izidingo zesikole zigcina zingekho. Asikwazi ukugxekwa ngokuthi siphazamise ukubhalwa kwezivivinyo ngalesi sikhathi esibucayi sonyaka. Empeleni usuku nokusu esikoleni luyisikhathi esibucayi kusuka ngosuku lokuqala kuvulwa izikole kuze kube kubhalwa izivivinyo. zonke izidingo zezikole kumele zilethwe kuqala unyaka,” kuphawula uNxumalo.
Eqhuba uthe bahlanganile noMnyango bavumelana ngokuthi bazoyimisa imibhikisho yabo ngoba umnyango wezemfundo uzibophezele ekutheni uzolungisa lapho kunezinkinga khona, kodwa wavuma nokuthi isimo sezimali asisihle. Uthe bathembise ukuthi emalini engama-78% abazoyithola kumgcinimafa bazokwazi ukukhokhela izinto abasilele emuva kuzo.
“Baphinde bazibophezela ngokuthi othisha bakwaGrade R bazokhokhelwa ngasekupheleni kwenyanga njengoba bengakhokhelwanga kwazise bona baholelwa ngohlelo olwehlukile kunabanye othisha. Uveze nokuthi okunye okuvunyelwene ngakho ukuthi izikole ezingenalutho zizosiswa iziFunda.
Yize kufinyelelwe esivumelwaneni kepha ezinkundleni zokuxhumana abantu bakhale kakhulu ngendlela iSadtu eziphatha ngayo nokungayikhathaleli imfundo.