UMbutho Wezokuvikela kumele ukhushulelwe isabelomali: Ramaphosa


UMengameli uRamaphosa ngokwesikhundla sakhe sokuba nguMkhuzi oMkhulu Wezempi kuleli uthe ufisa kukhushulwe ukuxhaswa koMbutho Wezokuvikela wakuleli ( South African National Defence Force) . Ukhale ngokuthi kasanele isabelomali salombutho nathe umsebenzi wawo ubalulekile ekuvikelekeni izwe kanye nenhlalakahle yabantu.
Enkulumweni yakhe uncome lo mbutho wathi uyaqhubeka nokukhombisa ukuthi ukulungele ukubhekana nazo zonke izimo okungaba yingaphakathi ezweni nasemazweni angaphandle.
I-SANDF ibambe iqhaza emikhankasweni ehlukene yokugcina ukuthula ngaphansi kweNhlangano Yezizwe, i-African Union, neSouthern African Development Community (SADC). Kumanje amanye amasosha alo mbutho atshalwe eMozambique lapho elwa khona nabashokobezi be-Jihard okuwuphiko lamasosha abenkolo ye-Islam abaphikisana nohulumeni kaMengameli iFilipe Nyusi.
Eqhakambisa iqhaza lalo mbutho ekubhekaneni nezikhukhula ezahlasela i-Eastern Cape neKwaZulu-Natal nyakenye uthe ngohlelo l-Operation Chariot, okuwumkhankaso oqhubekayo wokweseka eminye iminyango kahulumeni ezibhekene nezinhlekelele, lo mbutho wenzaokukhuku imisebenzi yokuthungatha abadukileyo , ukuhlenga kanjalo nokuthutha ingqalasizinda eyabe idingeka.
UMengameli uqhube wathi noma kunini lo mbuthi uhlale umi ngankomo ukubhekana nanoma yiluphi uhlobo wenhlekelele ezweni okufaka nasemazweni angomakhelwane.
“Abanye omakhelwane bethu, noma nini lapho kunezinhlekelele ezilumbene nokuguquguquka kwesimo sezulu, bahlale bethembele emandleni ethu ukubatakula. Uphinde wabalula iqhaza elimqoka leSANDF nokusebenzisana kwayo noMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika ngesikhathi sokuhlaselwa kwezitolo kucekelwa nempahla ngoNtulikazi wezi-2021.
“Sonke singavumelana ukuthi singathanda ukuthi iSANDF, njengazo zonke izingxenye ezibucayi zombuso, ibe nezinsiza ezengeziwe. Umbutho wezokuVikela ukhombisile ukuthi unamandla okuphendula ngendlela efanele uma ucelwa ukuba wenze okuthile futhi uzoqhubeka nokuphendula ngendlela efanele uma ucelwa ukuba wenze njalo,” kuphawula uMengameli. Uqhube wathi uyaziqhenya ngendlela amalungu alo mbutho asebenza ngayo nangendlela aziphatha ngayo yize kukhona amazambane abolile. Ngokusho kwakhe uxhaso lwezimali luyalungiswa kungekudala kuzokwenziwa isimemezelo ngalo.