Kuningi okumele kufundwe ngamanye amaqembu esizwe kuMabhokobhoko
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kuyajabulisa ukubona ifulegi laseNingizimu Afrika lilokhu liphephezela phezulu emhlabeni wonke.Amabhokobhoko anqobe iNdebe YoMhlaba emva kokuthi eguqise iNew Zealand kowamanqamu ngamaphuzu ali-12 kwali-11 kowabe useStade de France.
Bekungekhona okokuqala Amabhokobhoko equkula iNdebe ebizwa ngeWebb Ellis, kodwa bekungokwesine okuyinto engumlando. Ayinqoba ngonyaka we-1995, ngowezi-2007, 2019 naku lonyaka.
Sincoma kakhulu ukubambisana kweqembu kusukela uqala umqhudelwano kwaze uyaphela. Ngeke sabushiya ngaphandle ubuhlakani bethimba lababaqeqeshi. Akugcini lapho nabalandeli bonke baseNingizimu Afrika, badlale enkulu indima ngokuseka iqembu phezu kwezimvula ebezikhona emasontweni adlule.Ezweni lase-India amaProteas asemkhakhasweni wokubuya neNdebe yoMhlaba ye-One Day International (ODI).
Elakuleli kuyimanje ilona elihlezi esicongweni, okusho ukuthi nakanjani lizodlulela emdlalweni yowandulela owamanqamu. Ngendlela elidlala ngakhona ngisho abalandeli bakwamanye amazwe bakhombisa ukweleseka. Kunobhutshuzwayo iqembu labesifazane iBanyana Banyana, ngeledlule iguqise iDRC ngamathathu kwelilidwa sokuhlanganiswa imlenze emibili. Lokho kuchaza ukuthi elakuleli lidlulele esigabeni esilandelayo ukuzibekisela indawo kuma-Olympics ngonyaka ozayo.
NgoLwesithathu kusihlwa iMamelodi Sundowns idlulele kowamanqamu e-African Football League, emva kokuthi ihlule ompetha baseGibhithe i-Al Ahly ngegoli elilodwa eqandeni emlenzeni emibili. ISundowns iyiqembu lokuqala lapha eNingizimu Afrika ukufinyelela kowamanqamu kulo mqhudelwano, nalapho izotholana phezulu neWydad AC yaseMorocco.
Ingcindezi isizoba kwiBafana Bafana emasontweni azayo ezodlala imidlalo yayo emibili yokuhlungela ukuya kwiNdebe YoMhlaba elandelayo. Kuyothi emva kwalokho ngoMasingana bese iyodlala i-African Cup of Nations (Afcon), neyagcina ukuyinqoba ngowe-1996.
Ngokwami ukuze ezemidlalo ziqhubeke nokwenza kahle, kubalulekile ukubambisana zisekwe ngendlela efanele ngoba ikhono sekuvelile ukuthi into ekhona kuyona yonke iminxa. Siyabahalalisela bonke labo abaphakamise ifulegi lalapha eNingizimu Afrika. Sifisele iSundowns kowamanqamu okuhle kodwa, namaProteas kweyoMhlaba eqhubekayo eNdiya izilokotho ezinhle.