I-SARU ithi isazodla amathambo engqondo ngozovala isikhala sikaNienaber


Kuvela ukuthi izoqinisa ukubheka kuleli ngaphambi kokuphumela ngaphandle
ISouth African Rugby Union (SARU) isiphumele obala ngokuthi angeke ixhamazele ngozovala isikhala somqeqeshi wamaBhokobhoko uJacques Nienaber.Ngaphambi kweNdebe yoMhlaba lo mqeqeshi wamemezela ukuthi ngemuva kwayo uzoshiya kulesi sikhundla.Ubheke phesheya kwezilwandle lapho eseyoqeqesha khona iLeinster yase-Ireland.
UMengameli weSaru, uMark Alexander, utshele abezindaba esikhumulweni sezindiza e-OR Tambo International ukuthi ngeke batatazele ngokwenza isinqumo ngozovala isikhala sikaNabiner.“Akukho lapho sijahe khona. Ngakho angeke sixhamazele. Okwamanje umqondisi webhola lombhoxo eNingizimu Afrika, uRassie Erasmus nguyena ozobamba izintambo kuze kuba senza isinqumo ngesikhala somqeqeshi,” kubeka u-Alexander ephekwa ngabezindaba ngemibuzo.
AmaBhokobhoko akhale emuka nesicoco seNdebe yoMhlaba ngemuva kokuguqisa iNew Zealand ngo 12-11emdlalweni wamanqamu obuseStade de France ngempelasonto edlule.“Sithatha isikhathi ukubheka nokuhlaziya ibanga eselihanjwe ngabanye abaqeqeshi abayingxenye yohlelo lweSA Rugby. Ngemuva kwalokho sizobe sesithatha isinqumo. Njengoba ngishilo asizimisele ngokutatazela noma ukuzifakela ingcindezi engenasidingo. Ngeke size sixhamazele ngoba umqeqeshi asimmemezeli kusasa. Uhlelo lethu lokuthungatha umqeqeshi omusha luyaqhubeka,” kubeka u-Alexandra.
UNienaber uqale ukuba yingxenye yamaBhokobhoko ngowezi-2011 lapho esebenze khona njengephini. Ngowezi-2019 uphinde wabamba izintambo esikhundleni esifanayo njengoba ngo-2020 enikwe izintambo ngokugcwele.“Sizimisele ngokuqale sibheke ngaphakathi ngaphambi kokuthi sicabange ukuphumela ngaphandle. Impumelelo yethu asifuni iphelele emoyeni. Sifuna impumelelo yethu iqhubeke kungabi yinto yesikhashana. Inhlangano yethu ibophele abantu abenekhono. Sizobhekisisa okwangempela ngaphakathi. Uma sibona isidingo sokuya ngaphandle sizokwenza kanjalo.” kusho u-Alexander.
Inkontileka ka-Erasmus namaBhokobhoko iphela ngowezi-2025. Ngakolunye uhlangothi ekaMzwandile Sticks noDan Human ziphela ngowezi-2027.Bobabili bebesiza uNienaber no-Erasmus. Phakathi kwamagama amataniswa nesikhundla sokucija amaBhokobhoko kuvela elikaSticks, uJohan Ackerman, noJohan Vaan Graan.U-Ackermann ucija i-Urayasu D-Rocks yaseJapan kanti uVaan Graan upheka iMunster.
Phambilini uke wabayiphini likaHeynecke Meyer kumaBhokobhoko. Ubekhona futhi ngesikhathi amaBlue Bulls enqoba izicoco ezintathu zeSuper Rugby.U-Ackermann ufinyelele namaLions kweyamanqamu eSuper Rugby amahlandla amathathu ngaphambi kokubhekisa amabombo phesheya kwezilwandle.
Evalelisa uNieneber ngesikhathi exoxa nabezindaba ubeke kanje: “Ngeneme ngempumelelo engiyizuze neqembu lesizwe. Iningi labadlali ngisebenze nalo lisengabafana. Bheka manje selikhule kangakanani. Okungihlabe umxhwele wukuthi alizange lishintshe ngemuva kwempumelelo. Abazange bavumele impumelelo ibangene emakhanda. Iyona into ebenze bazuza lempumelelo.”