Now Reading
Inhlangano iPSL ayikhombisi ukuba nomgogodla, yethembela ezinkantolo
Dark Light

Inhlangano iPSL ayikhombisi ukuba nomgogodla, yethembela ezinkantolo

Uma kukhulunywa ngonobhutshuzwayo kukhulunywa ngebhola lezinyawo. Okwenza ngithi unobhutshuzwayo ngichazisise ukuthi uyibhola lezinyawo ingoba udlalwa ngazo ingakho uma umdlali ebambe ibhola ngesandla umdlali ahlawuliswe.

Iqembu iRoyal AM FC / Isithombe: ©Samuel Shivambu/BackpagePix

Angiqondile khona ukunkanta ngalo mbhalo ongenhla, kodwa engizama ukukuchaza nje kuqondile impela ukuthi ibhola lezinyawo elezinyawo hhayi okunye. Ngidumele ngendlela okwenzeke ngayo muva nje, lapho udaba obeluthinta amaqembu amabili agijima kwiGladAfrica Championship iSekhukhune United neRoyal AM luze luyophelela ezinkantolo.

Emdlalweni wokugcina wala maqembu ngabona kukhombisa ubuhlathi okungakaze babonakala emlandweni webhola ukuthi womabili la maqembu ajabulele ukuthi angompetha, iRoyal AM yaze yajabulisa izinkumbi zabantu endaweni yobumnandi eMlazi kwaMax Lifestyle ngethemba lokuthi izodlala kuDStv Premiership ngesizini ezayo kwazise ukudlala kwayo ngokulingana emdlaweni wayo wokugcina kwakusho ukuqeda kwayo phezulu kulogi. Ngokunjalo neSekhukhune yayijabula ithi nayo ingompetha njengoba yahlula iJDR Stars kowokugcina.

Kubuhlungu ukuthi isinqumo sithathe amasonto ngaphambi kokuthi siphume ukuthi iliphi iqembu elingompetha beGladAfrica Championship 2020/21, nesinqumo senkantolo esigcine sivune iSekhukhune United. Umthetho webhola vele uthi iqembu kumele libe nabadlali abahlanu abaneminyaka engaphansi kwengama-23 abasuke bebalwa nabangama-20 abasuke besohlwini lweqembu, ngalokho kwakumele ihlawuliswe iPolokwane City eyenza lokho. Kodwa iqiniso ukuthi iqembu elisuke lihlawuliswe ngokuthathwa kwamaphuzu amathathu kulona, lawo maphuzu ahamba emoyeni awayi kulelo qembu elisuke lidlala nalo.

AmaZulu FC eminyakeni edlule ake aphucwa amaphuzu ayisi-9 ahlawuliswa nesigidi, lawo maphuzu ngokukhumbula kwami awayiswanga emaqenjini ayedlala nawo. Mina ngilidlalile ibhola iqembu linikwa amaphuzu amathathu mahhala uma “liginqile”, lokho kusho ukuthi izitha aziphumelelanga ukufika enkundleni.

Ngokwami iSekhukhune United bekumele kube yiyona edlala imidlalo yokuhlunga iRoyal AM kube yiyona enyukela esigabeni seDStv Premiership. IPremier Soccer League (PSL) kwakumele ikhiphe isinqumo ngaso leso sikhathi seyikuvezike ukuthi iSekhukhune United ibeka icala iPolokwane City, hhayi kulindwe umdlalo wokugcina kuligi. Uma kuyiyona eshaya umthetho kula maligi womabili iPSL isinqumo eyayizosithatha sasingeke saphikiswa, kodwa yahudula izinyawo kwaze kwafika isikhathi sokuthi amaqembu aye ezinkantolo.

Yize igcine iqalile imidlalo yokuhlungela ngeledlule kodwa abadlali badlale bengasanalo ugqozi kangako, ngoba bebejima bengazi ukuthi bazodlala yini noma cha. Namanje ngisasho iPSL igeje umgodi kulolu daba olubandakanya iSekhukhune United neRoyal AM, futhi konke kwakumele kuphele enkundleni hhayi ezinkantolo.

Kubuhlungu ukuthi isinqumo sigcine sikhishwe inkantolo hhayi iPSL okuyiyo ephethe unobhutshuzwayo. Lokho kungitshela ukuthi kungenzeka nangesizini elandelayo sibone isimo esifanayo. Iqembu elobe lisembangweni lithole into elizolwa ngayo uma libona ukuthi liyahluleka ukunqoba enkundleni lifune ukuyonqoba enkantolo.

See Also

Ngokwami ebengibona kwenziwe ukuthi iSekhukhune United neRoyal AM banyuselwe kuDStv Premiership kuthi iBlack Leopards neChippa United badliwe izembe. Lokho akusenzekanga kodwa kumele iPSL ibuyise lo mthetho wokuthi amaqembu amabili adliwe izembe kuDStv Premiership abe mabili kunyuke amabili asuka esigabeni seGladAfrica Championship.
Kumaligi aphesheya ayikho le nto yokuthi iqembu elidlala kuligi enkulu lidlala amaplay-off, adliwa nje izembe abe mathathu amaqembu. Nalapha eNingizimu Afrika awubuye lowo mthetho.

IPSL kwesinye isikhathi ayikhombise ukuthi kukhala esayo isicathulo, bekungenziwa njani nje uma bethi abaxhasi bayahoxa ngoba babona kuthule indaba yaleli cala elithathe isikhathi eside kangaka.

Kukhona konke lokhu angimsoli uShauwn Mkhize weRoyal AM angimsoli ngokuthi alwe kangaka ngoba ngibona kungafanele okwenzakele iqembu lakhe, elenze kahle kakhulu ngesizini edlule.

Scroll To Top