ILembe lizodabula izilwandle
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kuzoqanjwa umkhumbi wezempi ngoNodumehlezi kaMenzi
Kuleminyaka emibili igama elithi “iLembe” lingundabamlonyeni. Muva nje umdlalo wethelevishini i-Shaka Ilembe wenze izimanga njengoba ube nababukeli abayizigidi. Lomdlalo obutshengiswa kwaMultichoice ubukhuluma ngempilo yeLembe nesizukulwane salo. Ngenxa yempumelelo yawo abakwaMultichoice baqinisekise ukuthi uzokwenza ibuya neziqephu ezintsha. Ngakolunye uhlangothi uhulumeni wakhe ifuzamuntu sikaNodumehlezi kaMenzi. Leli fuzamuntu limile laphaya esikhumulweni sezindiza iKing Shaka eThekwini.
Kuleli sonto ngosuku lwangoLwesihlanu(namhlanje) igama leSILO uShaka lizongena emlandweni njengoba ISILO esiseSihlalweni sizoba yingxenye yomcimbi wokunikezela nokuqanjwa kabusha komkhumbi ozoqanjwa ngele SAS King Shaka Zulu. Umsebenzi wokwethulwa kwegama uzoba se-Salisbury Island eThekwini. Lo msebenzi uzohlukana izigaba ezimbili ; isigaba sokuqala sizoqala ngehora le-10 ekuseni kuze kube ngehora lesi-2 ntambama. Ingxenye yesibili izoba yisidlo sakusihlwa somkhosi wezempi.
Liphawula iHhovisi leSILO ngomlomo kaMntwana u-Afrika wasOnkweni lithe lomsebenzi usithinta kakhululu ISILO. ” Lo mcimbi uthatha indawo ekhethekile enhliziyweni yoNgangezwe Lakhe njengoba umkhumbi uzoqanjwa kabusha ngeSILO sakwaDukuza, okuyiso esabumba lesi Sizwe. Lesi senzo sombutho wezempi wakuleli sokuqanjwa kabusha kwalomkhumbi ubufakazi bokuthi izwe lethu liyaqaphela amagalelo amakhulu eNgonyama uShaka ekubumbeni ubunye bethu njengesizwe”.
UMntwana uqhube wathi: ” Lo mcimbi futhi usebenza njengesiqiniseko sokubaluleka kwempahla yasolwandle yezwe njengamathuluzi abalulekile okuvikela imizila yokuhwebelana olwandle yaseNingizimu Afrika kanye nokubamba iqhaza ekuthuleni nokuvikeleka kwesifunda nakwamanye amazwe”. ONgangezwe Lakhe kanye namalungu eNdlunkulu kaZulu bazohlanganyela nezinye izicukuthwane ezihlanganisa abaholi bezempi nabamele zonke izinhlaka zikahulumeni.