Now Reading
Sekuphele iminyaka eli-15 abeHluleli bedunguza oswini
Dark Light

Sekuphele iminyaka eli-15 abeHluleli bedunguza oswini

IPhalamende lithi angeke kube khona ukubambezeleka ezinqubweni zokuthweswa icala kwamehluleli uNkola Motata kanye noMengameli wabehluleli eWestern Cape uJohn Hlophe. IKomidi LezoBulungiswa Nezokuhlunyeleliswa Kwezimilo lithi lokhu akuhambisani nentshisekelo yobulungisa.

Njengamanje ikomiti lidingida ukuthi lizoqhubeka kanjani nenqubo yokuqulwa kwamacala kuwo womabili la macala. Umehluleli uMotata nomehluleli uHlophe batholwe benecala lokungaziphathi kahle yiJudicial Conduct Tribunal.

Udaba lukaMehluleli uMotata lusukela esigamekweni sokushayela ephuzile ngowezi-2007 kanti olukaMehluleli uHlophe lumayelana nemizamo yokuthonya abehluleli ababili eNkantolo yoMthethosisekelo ngowezi-2008 odabeni oluthinta owayenguMengameli uJacob Zuma kanye nenkampani yaseFrance ekhiqiza izikhali, iThales.

Isinqumo se-JSC sidluliselwe ePhalamende, manje osekumele libhekane nanoma yiziphi izijeziso ezibekiwe, njengokuthweswa icala kwalabehluleli. Kodwa isikhathi senqubo kuze kube manje siyakhathaza.

“Asisenaso isikhathi manje , asisakwazi ukubambezela manje…” kusho uQubudile Dyantyi we-ANC.

Kuzobe kungokokuqala ngqa kusukela ngowe-1910 ukuthi umehluleli akhishwe esikhundleni eNingizimu Afrika futhi lichazwe njengendawo entsha yePhalamende. Kuphinde kwaphakama imibuzo ngeqhaza lomphakathi kulokhu.

See Also

“Sihlalo, akukho okuseSigabeni se-177 esiphakamisa ukuthi lolu hlelo kumele luvulelwe umphakathi . Sonke lapha, wonke amalungu akhona , simele umphakathi, lowo ngumsebenzi wethu. Futhi umsebenzi wethu manje ukuya phambili wukubheka ngokwepolitiki ukuthi ngabe uMehluleli uHlophe kumele abekwe icala noma cha. Futhi ngeke siwuyeke lo msebenzi sithi kawuye emphakathini”kusho uGlynnis Breytenbach weDA.

“Ngeke umphakathi ubambe iqhaza, sizobheka izimo ezithethelelayo bese sibhunga bese sikuyisa endlini, indlu kumele ithathe isinqumo,” kusho uSihlalo weKomidi uBulelani Magwanishe.

Bobabili labehluleli banesikhathi kuze kube umhla zili-15 kuLwezi ukuthi athumele izincwadi, esho izimo ezithethelelayo zokuthi kungani kungafanele asuswe ezikhundleni. Ikomiti lizophinde lihlangane mhla zingama-22 kuLwezi ukuze kubhungwe ngalolu daba.

Scroll To Top