Ukuqubuka kwamatele kufadalalisa umnotho wezwe



UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Umnotho wesifundazwe iKwaZulu-Natal ovele usesimweni esingesihle ngenxa yokhuvethe nezinkinga ezandulela ukhuvethe ungase uzike kunakuqala njengoba sekuqubuke amatele.
Lesi sifo esitholakala ezilwaneni ezinamasondo njengezinkomo, izinyathi, izingulube, izimbuzi, izimvu nezinye, siqubuke eMtubatuba enhla nesifundazwe iKwaZulu-Natal.
Lokhu kuvele ngesikhathi izisebenzi zoMnyango Wezolimo zithatha amasampula emva kokubona izilonda ezisolisayo ezinkomeni zasesabelweni. Ngenxa yaloku kuqubuka sekumiswe ukungena nokuphuma kwemfuyo ezinezinselwa koMasipala iKing Cetshwayo, noMkhanyakude, kanye noMasipala Basemakhaya iNongoma, Ulundi nePongola.

Izinkomba ezinqala zalesi sifo yimfiva, ukudangala, nokuvela kwezilonda emlonyeni, ezinyaweni, nasemabeleni. Ubuhlungu kulezi zindawo esezibaliwe kuholela ekutheni isilwane sibe nokhwantalala, amathe amaningi ngokweqile, ukwenqena ukudla, ukunyakaza nokuma.
Amatele yisifo esithathelana kakhulu esiphatha imfuyo sibe nomthelela omkhulu kwezomnotho. Ngokwe Census of Commercial Agriculture 2017, esifundazweni iKwaZulu-Natal uhwebo lwemfuyo lufake amaphesenti angama-58 kulo lonke uhwebo lwezolimo.
Yize lesi simo singangeni kubantu, amazwe ahwebelana neNingizimu Afrika ayaye akuvale ukuhwebelana nezwe eliqutshukelwe yilesi sifo. Okuyinkinga kakhulu ukuthi akuvalwa uhwebo nesifunndazwe esichaphazelekayo nje kuphela kepha izwe lonke. Nakulokhu izwe laseBotwana selivale ukungena kwemfuyo noma inyama evela eNingizimu Afrika.
Sekungokwesine kuqubuka lesi sifo eNingizimu Afrika kusukela ngowezi-2000, kulandela eduze okwenzeka eLimpopo.
Ngenxa yalokhu iNingizimu Afrika ilahlekelwe ukuvunywa njengezwe elingenawo amatele. Ukuqubuka kwalesi sifo akugcini ngokuchaphazela ukudayiswa kwemfuyo noma inyama yaseNingizimu Afrika kwamanye amazwe. Kepha kuchaphazela nentengo yenyama ezweni.
Ukuqubuka okungaphambi kwalokhu okwenzeka ngoMasingana ngowezi-2019 kwachaphazela abahweba neNingizimu Afrika e-Afrika nase-Asia abathembele ekuthengeni inyama yaleli lizwe.
IChina yachaphezeleka kakhulu njengoba kulo lonke uhwebo lwenyama esuka eNingizimu Afrika iye kwamanye amazwe leli lizwe lithenga amaphesenti angama-45.
IMozambique ithenga amaphesenti angama- 8.1 enyama esuke ilibhekise emazweni ase-Afrika. Ngenxa yoqubuko, oluholela ekuvalweni kohwebo ngenyama yaseNingizimu Afrika, iqatha laleli lizwe lithathwa amazwe afana noNamibia. NgoMasingana ngowezi-2019, ukudayiswa kwenyama yemfuyo yaseNingizimu Afrika kwehla ngamaphesenti angama-78.2% uma kuqhathaniswa namathani ayizi-3 496.2 adayiswa kwamanye amazwe ngoZibandlela ngowezi-2018.
UNgqongqoshe Wezolimo, Ezomhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya, uThoko Didiza usehlonze izifunda iKing Cetshwayo, iZululand kanye noMkhanyakude njengezindawo zenhlekelele ezidinga ukulawulwa. Kulezi zifunda kunezizinda ezili-12 ezifakwe ngaphansi kohlelo lokuthi akuphumi lutho oluyimfuyo. Kulezi zindawo ubisi nezimikhiqizo yalo kusavumelekile.