UDOBO LUYADOBA: Uhulumeni usevuselele eyama-R350 sekusondele ukhetho


Ukuhlehlelwa zikhuni nengcindezi yoqhibukhowe bamaqembu amasha ezepolitiki kungenzeka yini ukuthi kube nesandla esinqumweni sikaKhongolose sokuqhubeka nesibonelelo sabangasebenzi sama-R350?
Injolozela ikuNgqongqoshe woMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi uNkk uLindiwe Zulu ngokuthi kungagcini nje ngokuqhutshezelwa phambili isibonelelo, kepha sithi xaxa. Izinyunyana nezinhlangano ezimele umphakathi kudala zakuphakamisa ukuthi isibonelelo sabangasebenzi sibe ngaphezulu kwama-R350 ukuze kungagcini nje ngokuba kusizakale abasiholayo, kodwa nemindeni yabo ihlomule.
Kuleli sonto uNgqongqoshe uZulu uthe konke kuqhubeka ngononina ngezinhlelo zokwelula isikhathi sokuholwa kwesibonelelo kuze kube unyaka wezi-2026. Ngokusho kwakhe ukuqhubeka nesibonelelo kuzobanika isikhathi esanele sokuba kucutshungulwe inqubomgomo okusasetshenzelwa phezu kwayo ngesibonelelo sabangasebenzi esizoholwa ngumuntu kuze kube uthola umsebenzi, okanye ungena esigabeni sokuhola impesheni.
Ukukhuluma ezinhlakeni ezihlukene kuthi isinqumo sikaKhongolose sokwelula isikhathi sesibonelelo kufinyelelwe kuso ngenxa yengcindezi leli qembu elingaphansi kwayo. Ezinkundleni zokuxhumana abantu bathe baphoxekile ngokuthi kunqunywe ukwelula isikhathi sesibonelelo, sona singanyuswa yize sekuphele iminyaka emithathu sethulwa kusukela ngesikhathi soKhuvethe.
Kumanje kunabantu abayizigidi eziyi-R7.5 abahola lesibonelelo iningi labo okuyintsha. Abantu abayizigidi ezili-19 ezweni bathola izibonelelo ezihlukene kuhulumeni okuyimpesheni yabadala, abakhubazekile, eyezingane eyaziwa ngeqolo neyokugula. Lesi isibalo esikhulu sabantu iningi labo abavotela uKhongolose. Abahlaziyi bathi I-ANC ayikwazi ukuliyeka leli thuba, izokwenza konke okusemandleni ukungaphunyukwa yilaba abancane abasayethemba.
Uma kuya ngemiphumela elokhu ibonakala lapho kusuke kunokhetho lokuchibiyela komasipala, i-African National Congress idonsa kanzima. KuMasipala iKing Cetshwayo isanda kulahlekelwa amawadi amqoka athathwa I-Inkatha Freedom Party (IFP). Leli qembu alishayeki kwelikaMthaniya kuphela, kodwa nakuzwelonke amaqembu amasha njenge-Economic Freedom Fighters (EFF) alimise lubhojozi.
Kuze kube yimanje kubonakala kukuningi okungama endleleni kaKhongolose yokubusa ngokuzimela ngaphandle kokunxenxa ukubambisana namanye amaqembu.Yize uKhongolose uzama ukwenza ngakho konke ukuphuma kulolu bishi obhajwe kulo, kepha isikhathi sesidliwe yinja kwazise ukhetho selusemome.
Ukuqhubeka nokuholela isibonelelo sâma-R350 kuthiwa kube ngesinye sezinqumo ezithathwe emhlanganweni Wesigungu Sekomiti Elikhulu leqembu okuvunyelwane ngaso ngo-elethu. Umbuzo omkhulu ukuthi labo abahola isibonelelo abazozitshela yini ukuthi bashaywa ngemfe iphindiwe ukuze bavote, emuva kwalokho kungabe kusakhulunywa lutho ngeBasic Income Grant. UMnu uMbongi Ngidi wase-Adams Mission ohola isibonelelo uthe alikho iqiniso kukhona konke okwenzekayo mayelana nó-R350. “Ungangibuza ungiphale ulimi emuva kokhetho bazoqhamuka nemithetho eminingi ehambisana nemibandela ezokwenza ukuthi iningi elihola isibonelelo likhale ngaphansi njengoba sekuke kwenzeka phambilini,” UNgidi ukholwa ukuthi iqembu elibusayo kumele kube ngumthwalo walo ukuqinisekisa inhlalakahle yabantu kungakhathalekile ukuthi bayiliphi iqembu noma bazolivotela yini.