Now Reading
Ukuzehlisa okunenhloso: Umdlalo wezitoyitoyi
Dark Light

Ukuzehlisa okunenhloso: Umdlalo wezitoyitoyi

Lona ngumdlalo wezingcwephezi kanti zombili zizozuza kuwo


Lawa ngamadoda amabili okungelula ukuwachiliza nokungakhulumi ngawo manxa ukhuluma ngepolitiki yaseNingizimu Afrika. Eyokuqala ngumakadebona nowayesikhuphekhuphe sikaKhongolose noMengameli weqembu kanye nezwe uMnu uZuma. Ngakolunye uhlangothi ngumholi osengene emlandweni ngokuguqula ipolitiki yakuleli, uMnu uMalema nongumholi we-Economic Freedom Fighters (EFF). Uma ukhuluma ngala magama kuhlukana phakathi imibono nezwe. Bakhona abathi womabili ngonontandakubukwa namaqili kanti abanye bathi bangongqondongqondo abakwaziyo ukudlala umdlalo wepolitiki.

Ngesonto eledlule izinkundla zokuxhumana zigcwale phama imiyalezo kanjalo nokuphawula kwabantu kulandela “isimemo” sokuyophunga itiye esikhishwe nguZuma ephendula isicelo sakhe uMalema ukuthi kuyadingeka ukuba bayophunga. Uma uqaphela indlela okubhalwe ngayo, isikhathi kanjalo nokuhlelwa kwalokhu kuphungwa kwetiye uyabona ukuthi nhlangothi zombili kuhlangene izingcwepheshi ndawo zombili. Usuku abakhethe ukuhlangana ngalo beluheha wonke amaphephandaba kakhulukazi lawo akhuluma kuzwakale aphuma kusuka ngoLwesihlanu. Ngabomu laba baholi kabazibizanga izintatheli bazifihlela nangezinhlelo ngakho belu ngoba bebefaka ukuhala kuzo. Kube njalo, lithe lingaphakama ilanga ngosuku lokuphunga zabe sezikhona izintatheli zethelevishini namaphephandaba. Obekucaca wukuthi cishe zonke bezingazi ukuthi kuzokwenkalani kulezi zintaba zaseNkandla. Obekuzisalele yikho ukuqagela. Bekungezona zodwa ebeziqagela nokho ngoba ngisho amalungu ezinhlangano zalaba baholi nawo ebehlanganisa konke ukucabanga emizamweni yokusho ukuthi yini le ezokhunlunywa. Kuyobe awuyazi ipolitiki uma ucabanga ukuthi konke lokhu bekungenhloso nokuthi kuzenzekele nje.

Abadlali bobabili bazi kahle kamhlophe ukuthi ukuhlangana kwabo emuva kokuthi bebeyinkukhu nempaka. NguMalema nezakhe izitoyitoyi abaqala umkhankaso owabe unyundela uZuma ufaka negcindezi yokuba ehle esikhundleni. Nguye nezitoyitoyi uMalema obephazamisa ukukhuluma kukaZuma ePhalamende. Ngisho kunomsebenzi owabe ubukwa yiwo wonke amazwe nemiphakathi yomhlaba wokukhumbula uMandela,  kwaba yizitoyitoyi ezaphazamisa uZuma. Wonke lo mlando uMalema ubazi kahle ukuthi uma ehlangana noZuma abantu bazokhuluma. Kepha lokhu akaqali ukukwenza ‘okuwukuzehlisa’ okunenhloso. Waqala wayozehlisa kuMntwana waKwaPhindangene . Lokhu wakwenza eseku-EFF eyolungisa ukukhuluma okwenzeka ngesikhathi esaseqenjini elibusayo. Kangcina lapho ube esehlangana nowayenguMengameli weqembu nezwe uMbeki nowayesephelile zinhlamba zikaMalema eseku-ANC eseka ukuba uZuma abe semandleni.    Nalapha uMalema watshengisa ukuqonda ubumqoka bokwazi umdlalo wepolitiki nokuzehlisa ngenhloso.

Ngesikathi eyokotha iSILO kwaLinduzulu wabe enenhloso yokukhuluma nabantu beSILO ngezenzo aziyo ukuthi bamqoka uma efuna ukuba ngumholi kazwelonke nongaphinde angenise kweleNdlovukazi uMthaniya. Lokhu kukaZuma kubukeka kunezinhloso ezihlukene izigaba; eyokuqala yileyo yokufaka ingebhe kanjalo nogqozi kubantu abangazi ukuthi yabe iyini inhloso yomhlangano neqhingasu kuya phambili. Okwesibili bekuwukugagazisa iqembu elibusayo ekutheni ‘uma lingasamfuni’ noma limnakekele uZuma bakhona bona bangakwenza lokho. Okwesithathu, ukuthumela umlayezo kungxenye ethize yabavoti ukuthi kakhulu abelungu, umlayezo uthi ‘uma kunesidingo aboHlanga bazobumbana bayidudule’. Kulokhu izitoyitoyi zintshengise zingaqali ukuthi ziyawuqonda umdlalo wepolitiki.

See Also

Kanti noZuma ngakolunye uhlangothi uzozuza. Okokuqala ukwazile ukuqinisa idolo labo abamesekayo ukuthi usenamandla kupolitiki. Kuyimanje izinhlaka zikaKhongolose kumele zikhethe uhlangothi, kukhona abathi uZuma akazibonele ngotwayi lwezomthetho kanti abanye bathi uZuma ungomuye wabo. Sekuzwakele abase-Eastern Cape kule nhlangano besola uZuma. Kwabuye kwezwakala ukuthi abanye KwaZulu-Natal nakwezinye izingxenye zezwe bathi bazokweseka uZuma. Uma lo mhlangano bekuwukuzwa amanzi ngobhoko, ukuthi abantu bangakuphi, zombili izinhlangothi ziphumelele. 

Osekusele wumlenze wesibili weqhingaso lazo.

Scroll To Top