UMvovo uthi yize umlando uvuna aMabhokobhoko kuzomele aqine


Uxwayisa Amabhokobhoko ngobungozi bokweya amaNgisi kowandulela amanqamu eNdebe yoMhlaba yebhola lombhoxo, uLwazi Mvovo, owazakhela udumo eqenjini lesizwe lakuleli eminyakeni eyedlule.
Ompetha boMhlaba bazodudulana namaNgisi kusasa ngoele-9 ebusuku eStade de France emdlalweni obhekwe ngamehlo abomvu emhlabeni jikelele.Ngeledlule leli qembu eliholwa nguSiya Kolisi liqumbe phansi osokhaya, iFrance ngo 29-28 emdlalweni we-Quarterfinal ocishe wamisela abaningi ngezinhliziyo. Ngakolunye uhlangothi i-England ithele othulini iFiji ngo 30-24.
Ngowezi-2019, iNingizimu Afrika iqumbe phansi amaNgisi kowamanqamu eJapan ukuze ibe ngompetha. Kwaba ngesifanayo nangowezi-2007 khona kwelaseFrance ngesikhathi Amabhokobhoko ephakamisa iNdebe yoMhlaba.
UMvovo ogqoke ijezi leqembu lesizwe amahlandla ayishumi nesikhombisa utshele elaboHlanga ukuthi Amabhokobhoko angalinge enze iphutha lokubukela phansi amaNgisi kusasa ebusuku ngoba azosisola.
“Indaba yerekhodi laMabhokobhoko elihle kweyeNdebe yoMhlaba yinto engeke siyibalekele. Lokhu kuzokwenza iqembu liye kulo mdlalo ukuzethemba kwalo kuphezulu kodwa-ke emidlalweni efuze le indaba yomlando iyaye ingasebenzi kakhulu. Ngowezi-2007 sasidlala ngabadlali abahlukile njengoba kwenzekile nangowezi-2019. Ngakho asikwazi ukwenza iphutha lokugxila kakhulu emlandweni size sikhohlwe okumele sikwenze ngosuku lo mdlalo. Amabhokobhoko athwelwe ngeqoma kulo mdlalo. Lokhu kuzokwenza i-England ivuke injebomvu. Bazofika emdlalweni bethwelwe ngezibonkolo okungaba yingozi kuMabhokobhoko,” kuchaza uMvovo.
Amabhokobhoko aqede endaweni yesibili eqoqweni layo. Athele othulini iRomania, Scotland neTonga ase egilwa yi-Ireland. “Iqembu elisuke linganakiwe liyingozi. Njengamanje akekho onika i-England ithuba lokuguqisa Amabhokobhoko. Ngakho kuzomele siyiqaphele ngoba osukwini bangasiguqukela esiswini njengotshwala sithuke sesikhale ngaphansi. Umdlalo wombhoxo unjalo. Alikho iqembu elingadleki osukwini lomdlalo. Yize sithwelwe ngeqoma kodwa kusamele singene enkundleni sizinikele ngokuphindiwe ukuze senze umsebenzi,” kubeka uMvovo.
Elakuleli lisethubeni lokuba yiqembu lesibili emlandweni weNdebe yoMhlaba ukunqoba isicoco se-Web Ellis kulandelana. Ngowezi-2011, iNew Zealand yaphakamisa iNdebs yoMhlaba kwathi ngowezi-2015 yasivikela ngempumelelo.
Amabhokobhoko azophinde abe yiqembu elihamba phambili ngezicoco eziningi zeNdebe yoMhlaba. Abambene nama-All Black ngezicoco ezintathu izwe ngalinye.
“Ithimba labaqeqeshi likufanele ukwethulelwa isigqoko. Umsebenzi eliwenzayo uyabonakala futhi uyancomeka. Lenze isiqiniseko sokuthi bonke abadlali abayingxenye yesikwati bayaqonda ukuthi yini umsebenzi wabo. Abaqala umdlalo bayakwazi okumele bakwenze. Abasuke ebhentshini ngokunjalo bayaqonda ukuthi yini ebhekwe kubona. Abadlali nabo akumele sibashiye ngaphandle. Imisebenzi yabo enkundleni bayayiqonda futhi bayenza ngendlela. Ukuhlala ebhentshini akumnandi kodwa kuba lula uma wazi kungani uhlezi ebhentshini uma uthola ithuba yini okumele uyenze. Yingakho ngithi nabadlali abashayelwe ihlombe ngokwamukela igalelo labo eqenjini kungakhathalele ukuthi uyadlala noma usebhentshini yini,” kulandisa uMvovo.
Umdlalo nomdlalo inkulumphikiswano ngomdlalo okumele adlale endaweni yeshumi phakathi kukaMaine Libbok noHandre Pollard ayipheli. “Uma umqeqeshi ekholelwa kuwena ngeke ungawenzi umsebenzi ngoba uzodlala ngokukhululeka. UJacque Ninabier uyakholelwa kuLibbok futhi wenza umsebenzi omuhle uma esuke eqale imidlalo. UPollard naye ungene wenza umehluko. Abantu abangagxile kokubi kuphela. Akekho umdlali oshaya into ecokeme yonke indawo. UMaine wenza umsebenzi oncomekayo kusukela enikezwe ithuba kwelesizwe. Wakha amathuba okushaya ama-try kanti uyashesha. Ijubane lakhe liyinkinga ezitheni. Indlela aphaka ngayo ibhola nayo iseqophelweni eliphezulu,” kusho uMvovo.
Komunye umdlalo owandulela amanqamu onamuhla ebusuku ngo-9 eStade de France, i-Argentina izodudulana neNew Zealand.
“Ngeke sizigwazele ibhece kumaNgisi. Bayizwe eliqinile. Lizofuna ukusinika umdlalo onzima. Yiqembu elinesipiliyoni. Osukwini alikho iqembu angeke bakwazi ukulidla. Bangashaya noma yiliphi iqembu osukwini lomdlalo. Okuhle ngaMabhokobhoko ukuthi akatatazeli uma ebhekene nengcindezi noma elandela ngemuva. Sidla iFrance sike salandela emuva kodwa asixhamazelanga. Sigxile ohlelweni lwethu lokudlala. Kungenzeka izinto ziqale zisiphike ekuqaleni komdlalo. Noma kunjalo kufanele sigxile ohlelweni lwethu lokudlala.” kuphetha uMvovo.
Indlela yaMabhokobhoko ebheke kweyandulela amanqamu:
SA 18-3 Scotland
SA 76-0 Romania
SA 8-13 Ireland
SA 49-18 Tonga
SA 29-28 France
Indlela yamaNgisi ebheke kweyandulela amanqamu:
England 27-10 Argentina
England 34-12 Japan
England 71-0 Chile
England 18-17 Samoa
England 34-24 Fiji