Now Reading
Ziyadingeka nezinye izinkampani ezinjengoPrimo ebholeni
Dark Light

Ziyadingeka nezinye izinkampani ezinjengoPrimo ebholeni

NgoLwesine olwedlule emini bebade eRoyal Hotel, kuthulwe ngokusemthethweni abaxhasi abasha baku-ABC Motsepe League esifundazweni iKwaZulu- Natal.

Kudinga ukushawelaelikhulu ihlombe okwenziwe abakaPrimo, okuyinkampani edayisa ngezimpahla zezemidlalo. Nokuyiyo eqome ukuba abaxhasi be-ABC Motsepe League iminyaka emithathu.

Lento eyenziwa ilenkampani yinto engakaze yenzekaemlandweni ukuthi kube khona abaxhasi, abaqhamuka eceleni bexhase le ligi.

Kubuhlungu ukuthi izinkampani eziningi kuleli ziyaziqhelanisa ekuthenini zixhase le ligi, ephakela amaqembu agijima kuMotsepe Foundation Championship nakuDStv Premiership.

IPrimo izinikele ekuthenini iqembu ngalinye eligijima kule
ligi lizothola amajezi amabili elokudlala ekhaya nasekuhambeni.

Akugcinanga lapho kodwa ngeSonto eledlule
kuqale umqhudelwano womkhumulajezi, obubanjelwe e-Edgewood, ePinetown. Kulo mqhudelwano okulindeleke ukuthi uphele ngeSonto, kuhujwa izinkulungwane ezingama-R50 iqembu lizosebenzisa leyo mali ukuyothenga izimpahla khona kaPrimo.

Uma kukhona umqhudelwano onjengalona kuyajabulisa kakhulu ngoba akulula neze ukuphatha iqembu eligijima ku-ABC Motsepe League, kwazise abaxhasi bayagqoza. Isikhulu konke kuphuma kusona, ayikho nemali ekuthiwa iyatholwa makuphela inyanga njengoba kwenzeka kuPremier Soccer League (PSL).

Mina ngiyazithanda impela ezemidlalo kodwa ngike ngisho ukuthi noma ngingathola, izigidigidi angisoze ngalithenga iqembu elidlala kulesi sigaba.

Uma uphethe iqembu kumele ubenabadlali okumele ubaholele, uma ufuna ukuba sembangweni weligi kumele ube nabadlali abanamava abazodinga imali ethe xaxa. Ube nomqeqeshi, isekela mqeqeshi, iMenenja, umuntu oqeqesha onozinti.

Uthi usunakho konke lokhu kumele ube nendlu ezohlala abadlali kwazise uzobe unabadlali abaqhamuka kwezinye izifundazwe. Nakhona njengoba unalendlu kumele uhlezi uyikhokhela nyanga zonke, ukhokhele ukudla kwabadlali, ibhasi leqembu.

See Also

Njengoba bengekho abaxhasi lokhu kubonwa ngisho nayingane encane ukuthi, ukungabibikho kwabaxhasi impela kwenza kube nzima ukuphatha ibhola esigabeni se-ABC Motsepe League.

Okubuhlungu kunakho konke ukuthi isizini yonke kusuke kubangwa unombolo-1, osazoya kodlala imidlalo yokuhlungela ukungena kuMotsepe Foundation Championship.

Yinde indlela eyempumelelweni kulesigaba kodwa, inkece etholwayo incane kakhulu kunalokho iningi ephumayo.

Isimo somnotho siyabheda impela kodwa osomabhizinisi abasondele, bexhase iligi eNingizimu Afrika yonke.

Scroll To Top