Isiyoxoxelwa amagwababa echobana eyamanye amazwe ebholeni lase-Afrika
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ingabe koze kube inini kukhalwa ngento eyodwa kodwa kufane nokuthi kuthelwe amanzi emhlane wedada, ngenxa yokuthi asikho isisombululo sayo. Ngaphambi komdlalo weBafana Bafana neRwanda, umqeqeshi uHugo Broos ukhale ngenkundla ukuthi ayikho sesimeni. Lokho kuvelile ngoLwesibili ntambama ukuthi iHuye Stadium akumele engabe iyaphasiswa ukuba isingathe imidlalo efana nokuhlungela ukuya kwiNdebe yoMhlaba. IBafana Bafana kulo mdlalo igcine ihlulwa ngamagoli amabili eqandeni. Le nkundla elayisha abantu abalinganiselwa kwizinkulungwane ezili-10, utshani bayo obokufakelwa.
Utshani obufakelwe bubodwa buyaxaka. Okube nzima kakhulu, bekukhona idamu lamanzi obekwenza kube nzima ukudlala kuleya nkundla. Umbuzo wami ukuthi ithule ithini iCaf okuyiyo ephethe unobhutshuzwayo lapha ezwenikazi i-Africa, ngeke ngayishiya ngaphandle iFederation International Football Association (FIFA) ephethe ibhola lomhlaba. Iningi lamazwe ase-Africa awagcini ngokuthi ahlukumeze amanye amazwe ngokuwadlalisa enkundleni ebhedayo kodwa nangaphandle kwenkundla ayawahlukumeza. Uzwa kuthiwa iqembu lilaliswe ehhotela, eliyihlazo. Vele labo bantu bangena enkundleni sebehlukumezekile. Ngeledlule iBenin izilolonge eMoses Mabhida Stadium, ibilele endaweni zomtakabani. Kodwa uzozwa uma iBafana Bafana sekuyiyona ekumele iyodlala eBenin, izobuya ingayifisi indaba.
ICaf neFifa abasukume lento yokuhlukumeza amanye amazwe okanye amaqembu ayivumelekile. Neqembu lakuleli iMamelodi Sundowns uma lidlala imidlalo yeCaf Champions, lithola impatho efanayo uma lidlala ngaphandle. Naseminyakeni edlule i-Orlando Pirates uma iyodlala e-Africa ibibuya ingayifisi indaba. Konke lokhu bekufika ezindlebeni ezifanele, udaba lugcina luphelela emoyeni. Kuyoze kubenini kanti, yini imisebenzi yamabhodi, oMengameli, uma kuzoqhubeka kanjena ebholeni.