Leli kwabe kulifela Nkosi isibili!


Siyisizwe sonke sisesemanzini, siyazikhalela sonke ngokwedlula emhlabeni kweQhawe nobenguNdunankulu kaZulu, obesesebenzele isizwe amashumi ngamashumi eminyaka – Inkosi yeSizwe sakwaButhelezi, uMntwana waKwaPhindangene. Sikhalela ISILO Samabandla, umndeni wonke wakwaButhelezi, isizwe sonke sakwaButhelezi, iNingizimu Afrika, i-Afrika kanye nomhlaba jikelele. UMntwana waKwaPhindangene kuqala kunakho konke, ubeyiNkosi yesizwe sakwabo nokuyinto emqoka kakhulu, nebingumongo wempilo yakhe nayo yonke imisebenzi eyenzile njengomholi. Ngisho nenkonzo yakhe yokukhonza isizwe ohlangothini lwepolitiki ibingenkulu kuye ukwedlula uBukhosi. Lokhu kufakazelwe nayindlela azaleka ngayo. Ukusuka nje kweNkosazana yeNgonyama uDinuzulu, uMntwana uMagogo ezogana kwaButhelezi, kwaba yinto ebonisa khona ukujula kwakhe ohlangothini loBukhosi.
Siyakuqaphela futhi ukuthi ekukhuleni kwakhe, afunde aze afike kwaNgqondonkulu (enyuvesi) nalapho aba yilungu le-African National Congress (ANC) nokwaholela ukuthi axoshwe enyuvesi, kwakusekeleke ebuholini bakhe ohlangothini loBukhosi. Singekulibale ukuthi uMntwana ukhulele esiGodlweni kwaDlamahlahla.
Okunye okuqaphelekayo yikuthi inkonzo yakhe eyabe ijulile neyaba yisinyathelo sokuqala esikhulu leyo yokuba aMakhosi amqoke ukuba ahole uhulumeni wakwaZulu, kwaba yibo ubuholi bomdabu. Kwaba ngaye lohulumeni uMntwana alwa ngawo ukuphikisana nohumeni omkhulu wobandlululo, nokwaba ngukuqhuba umsebenzi waMakhosi ngoba yiwo amaKhosi aba ngawokuqala ukulwa nobandlululo ingakabikho ipolitiki yamaqembu.
UMntwana wasebenzisa amandla akhe okuhola uhulumeni wakwaZulu ekuqiniseni isakhiwo sobuholi bomdabu, amandla abo kanye nokumbandakanya aMakhosi ekuphathweni, nasekuthuthukisweni kwabantu baMakhosi, ebambisene nayo.
Ngaphansi koholo loMntwana aMakhosi ayeka ukujivazwa ebizwa ngoChief, ngaMakhosi, kwathi oMdala wethu, ISILO kwayekwa ukuba sibizwe ngele -Paramount Chief yasoSuthu ezweni laso – sabizwa ngegama laso ngqo ukuthi siyiSILO. UMntwana wakha isakhiwo soBukhosi kanye nokuhlinzekwa kweNgonyama ngezimfanelo ezifanele isigaba sayo, ngawo belu lawomandla ayenawo kanye nesabelomali esabe silubala.
Ubufakazi bokujula koweNkosi enkonzweni yesizwe ngasohlangothini loBukhosi, nokwabe kuyintongqangi kuye, kufakazela ukuthi kuthe umanxa kuboniswana ngekusasa leNingizimu Afrika entsha ngaphambi kokhetho lokuqala lwedemokhrasi, iQembu i-Nkatha alisungulayo lacishe lashabalala ngoba lithi lona alizimisele
ukuba libe yinxenye yokhetho umanxa isakhiwo soBukhosi singahlinzekiwe esakhiweni sezwe umthethosisekelo. Lena yinto ejulileyo nebonisa ukuthi wayejule kanjani ebukhosini.
Kubalulekile ke nokho ukuthi uma sikhuluma ngefagugu loMntwana singalenzi iphutha lokuthi simbuke ngeso lepolitiki kakhulu ukwedlula lokho okuyikho nokuyiso lobukhosi kuqala, bese konke kwakhela lapho.
Iqhaza lakhe njengesikhuphekhuphe soBukhosi nesintu kalingatshazwa. Nguye kuphela owakumela lokho ngaphansi kwezimo ezilukhuni. Ngaphansi kokunyundelwa nakho konke okufuze lokho.
Nanamuhla isifiso sokuqeda ngoBukhosi asikapheli kulabo asebafunga bagomela ukuthi nakanjani kuzoshabalala. Ngakho zonke izinyembezi zethu njengesizwe kumele ziphenduke isenzo sokuqinisekisa ukuthi uZulu wonkana uma njengebutho linye uqinisekisa ukuthi wakhela phezu kwesisekelo asibekile, kakhulu aMakhosi.
Akumele sikhale sizilimaze kepha asivivele ukubhekana nqqo nanoma yiliphi itulo elithungwa yizitha zoBukhosi ukuthi lingafezeki. UMntwana usiphile isikhali sokulwa sibhekane nqqo nezitha zethu. Usibekile isisekelo, okwethu ukwakhela phezu kwaso, ngokunjalo kanye nasemndenini wakhe.
Inkosi uButhelezi iliSekela Mengameli we-Inkatha Freedom Party.