Encwadini “Ngamehlo Osiba” abangaboni baxoxa indaba yabo
Inkampani yabashicileli bakwaShuter and Shooter ezinze eMgungundlovu iphinde yakuqinisekisa ukuthi ingomakadebona uma kuziwa ekuthuthukiseni ababhali abasafufusa kuze kuyoshaya kulabo asebemnkantshubomvu. Phela laba bashicileli yibo abaziwa ngokukhiqiza izincwadi zesiZulu ezithathwa njengezingasoze zabuna. Lapha sikhuluma ngencwadi kaSolwazi uSibusiso Nyembezi esihloko sithi “Inkinsela yaseMgungundlovu” kanye nekaSolwazi uD.B.Z. Ntuli esihloko sithi, “uBheka”. Ziningi kakhulu nezinye izincwadi ezibe neqhaza elikhulu ekuthuthukisweni kolimi lwesiZulu ezikhiqizwe yilaba bashicileli.
Ngesonto eledlule kungoLwesihlanu e-Old Museum esenkabeni yedolobha uMgungundlovu emgwaqweni uLangalibalele le nkampani ibiyethula incwadi yezindaba ezimfishane ezixoxa ngempilo yezitshudeni zeNyuvesi yaKwaZulu-Natal ezibhalwe ngolimi lwesiZulu. Okuyingqayizivele ngale ncwadi wukuthi bonke ababhali ababe nomnikelo kuleli qoqo ngaphandle koyedwa baphila nokukhubazeka kokungaboni emehlweni kanti futhi iningi labo benza iziqu eziphakeme ngoba sebenalo iqhuzu lokuqala. Phakathi kwabo kukhona nabenza iziqu zobudokotela emikhakheni eyehlukene kodwa iningi labo lenza ulimi lwesiZulu. Lokhu yikhona kanye okubahlanganise noqweqwe lomfundisi nombhali wezincwadi zesiZulu wakule nyuvesi okunguDokotela uNakanjani Sibiya. Uyena uSotobe ongumhleli waleli qoqo lezindatshana ezimfishane.
Ebeka kafishane ngokwaholela ekuthini agcine ezihlanganise nalo msebenzi uSotobe ubeke wathi: “Kubafundi abadlula esandleni sami kukhona labo abanenselelo yokungaboni. Ngingakusho ngokungananazi ukuthi laba bafundi bathwele kanzima ngaphezulu kwabanye kodwa okungikhathaza kakhulu wukuthi kuncane kakhulu esikwaziyo ngabo nomlando wabo wokukhubazeka. Yilokho okwenza ngibacele ukuthi ake basibhalele ngempilo yabo ukuze sizazi kangcono izingqinamba ababhekene nazo ekufundeni enyuvesi siphinde sincele nolwazi lokuthi basebenzise maphi amasu ukunqoba lezi zingqinamba. Umphumela waleso sicelo yileli bhuku eliqukethe amanqampunqampu ngempilo yabo,” kuchaza uSotobe.
Eqhubeka uthe abaningi kulaba babhali abazalwanga bengaboni kodwa lesi yisimo esibafice sebekhulile. Uthe ngokubona kwakhe umphakathi uzosizakala ngaleli bhuku ngoba lizowenza uqonde hhayi nje ngezinselelo ezibhekene nabafundi abakulesi simo kodwa futhi uzoqonda ngezinkinga zabazali abakhulisa izingane ezikulesi simo.
Lethulwa leli qoqo lezindatshana abafundi banikwe ithuba lokuchaza imvelaphi yabo bese kuthiwa qaphuqaphu ngendaba yombhali ngamunye. Ngenxa yokuphokophelela ukonga isikhathi uSotobe uyena obebafundela izindaba zabo kwazise bona basebenzisa uhlelo lokufunda olubizwa ngebraille oluqondene ngqo nabanenselelo yokungaboni. Ekufundweni kwezindaba yilapho la kuvele khona lokho okungabizwa ngobudedengu babazali ngokungaphuthumi ukutholela izingane zabo usizo ngokushesha kwazise isimo sokungaboni siyinto ethatha isikhathi. Kwabaningi kuyabonakala ukuthi uma abazali babesheshe bangenelela isimo sasiyonqandeka singakadlebeleki kakhulu. Umbhali osibeka ngokucacile lesi simo sokungasheshi kungenelelwe esimweni esaqala kancane kancane wagcina engasaboni nguNosisa Buxakwe wasenguNgqeshe Azalea khona eMgungundlovu. Ngokusho kwakhe ukugcina kwakhe engasaboni kwaba ngumphumela wesifo esilapheka kalula esibizwa ngeGerman Measles. Ngokusho kukaNosisa umama wakhe wathi e qambe esukuma kwase kusemva kwendaba eselahlekelwe ngumuzwa wokubona.
EkaSakhile Makhoba was’Embo indaba iveza ubuhlungu bokuhlekwa ngezinye izingane nokulahlekelwa ngamathuba ayezomfikisa kude empilweni ukube akazange ahlaselwe yisimo sokungaboni esamqala mahlayeni mahlayeni. Okwaba buhlungu kakhulu kuMakhoba wukunganakekeli kwabadala ilungelo lakhe lokuthola imfundo njengezinye izingane ezingontanga bakhe ngenxa yokuthi yena engaboni emehlweni. Okujabulisayo wukuthi indaba yakhe uyiphetha ngamazwi akhuthazayo uma ethi: “Ngangingasenalo ithemba ngempilo yami. Ngangizibona ngingumuntu oyophila ngesibonelelo sikaHulumeni impilo yami yonke. Namhlanje ngizibona nami ngomuso ngibalwa nezinye izifundiswa ezingaboni ezinamajazi emfundo yasenyuvesi,” kuphetha uMakhoba.
Liyancomeka igalelo lababhali ikakhulukazi uma kucatshangwa isimo sabo nezinselelo ababhekene nazo. Umhleli wenze omkhulu umsebenzi eqondisa ulimi nokubhaleka kwamagama. Lokho kuzwakala ngokushelela kwamagama uma umuntu efunda incwadi. Ubuthakathaka bencwadi busekuthini izigameko ezisencwadini zicishe zifane. Bonke ababhali babalula inkinga yokubhekana nesimo sokungaboni. Lokhu kwenza kukhaleleke ukuthi mhlawumbe uma izindatshana bezihlakaziwe zafakwa emaqoqweni akhuluma ngezimo ezehlukene. Isibonelo salokhu yincwadi yezindaba ezimfishane esihloko sithi: “Emhlabeni” ebhalwe ngokuhlanganyelwa wuSolwazi u-Otty Nxumalo noS.T.Z. Khwela enezihloko ezithinta imikhakha eminingi yempilo.
Sekushiwo okungenhla, amazwi kaDkt uNakanjani Sibiya ngababhali abakuleli qoqo ayiqiniso uma ethi, “ … nanxa bekusengukuzwa amanzi ngobhoko lokhu, imiphonso yabo iyakhombisa ukuthi bangamaciko ekubhaleni futhi makhulu amangwevu esingawalindela kubo ngomuso.”