Now Reading
Izokhulisa imbokodo kukhilikithi iligi yabesifazane: Jafta
Dark Light

Izokhulisa imbokodo kukhilikithi iligi yabesifazane: Jafta

Kuvela elomhlathi kwabesifazane abathi igcagcele esokeni ngesinqumo sokuqala iligi ekhokhelayo

Usesishayele ihlombe isinqumo seCricket South Africa (CSA) sokusungula iligi yabesifazane uSinalo Jafta oyi-wicketkeeper yeqembu lesizwe lakuleli labesimame, amaProteas. Ngenyanga eyedlule iCSA imemezele ukuthi sekuzokuba neligi yabesifazane okuyigxathu elihle elibheke phambili.

UJafta utshele elaboHlanga ukuthi leligi izokwenza omkhulu umehluko uma kukhulunywa ngekhilikithi kwabesifazane. “Ngifuna ukuncoma iCSA ngokuqhamuka neqhinga lokusungula iligi yabesifazane. Lokhu kusho lukhulu kakhulu. Ikhilikithi yabesifazane kuleli ikhula ngesivinini. Besiyidinga iligi yabesifazane. Ngonyaka odlule sifinyelele kweyandulela amanqamu eNdebe yoMhlaba kwathi kulo nyaka saguqa kweyamanqamu. Sikwenze lokhu ngaphandle kokuba neligi yabesifazane. Awucabangeke manje njengoba sesineligi yabesifazane sizobanzima kanjani uma sesibhekene namazwe omhlaba,” kusho uJafta. Iligi yabesifazane ezingen elikhokhelayo izokwakhiwa ngamaqembu ayisithupha. Kulawo maqembu kukhona iTitans, iLions, iDolphins, iSWD Badgers, iFree State neWestern Province.

Iqembu lizoba nabadlali abalishuminanye abazothola izinkontileka ezigcwele. “Akukho lula neze ukudlala ikhilikithi ube usebenza eceleni. Phezu kwalokho kusamele wenze isikhathi somndeni nabantu okhule nabo. Okwesibili ikhilikithi iyahambisana. Uma ngenza umzekelo nje, akuke kuthiwe siyodlala eNew Zealand imidlalo emihlanu yeT20 nemihlanu yosuku olulodwa kusho ukuthi uma usebenza usenkingeni. Kuphoqa ukuthi uthathe izinsuku zakho emsebenzini. Izinga labadlali lizothuthuka kakhulu ngemuva kwaleli gxathu elithathwe yiCSA,” kuqhuba uJafta.

Umnyango wezeMidlalo kuzwelonke ufake isamba sika-R15 million iminyaka emithathu kuleli ligi yabesifazane. “Kumqoka ukuthi sivale igebe phakathi kwabesilisa nabesifazane uma sikhuluma ngokuthi siyalingana. Kancane kancane umehluko uyabonakala. Imbokodo ifikile kwezemidlalo. Buka nje iqembu lesizwe labesimame ebholeni lisanda kwenza kahle kweyeNdebe yoMhlaba. INetball nayo yenze okufanayo isenza siziqhenye. Ngakho ngiphonsela inselelo zonke izinkampani ezinkulu ekutheni zeseke amaligi namaqembu abesifazane. Imiphumela iyazikhulumela enkundleni,” kuchaza uJafta. Iligi yabesifazane izokwakhiwa amaligi amabili. Kuzobakhona iCSA Women’s One Day Cup bese kubakhona iCSA Women’s T20 Cup.

See Also

Kwenzeka lokhu nje izintokazi zalapha eNingizimu Afrika zilinyuse kakhulu izinga kulo mdlalo njengoba nasekuqaleni konyaka koweT20 World Cup zahlulwa i-Australia kowamanqamu. Kuyimanje iqembu lakuleli labesifazane emidlalweni ye-One Day International (ODI) likeliswe endaweni yesithathu emhlabeni, koweT20 libe kweyesihlanu. Nabadlali kwizikeliso emhlabeni bayavela njengoba kwababhethayo kweye-ODI uLaura Wolvaardt usendaweni yesine. Kwabashwibayo uShabnim Ismail uhlezi kweyesibili kuthi u-Ayabonga Khaka abe kweyesi-8.

KweyeT20 kwabashwibayo uNonkululeko Mlaba usehlele endaweni yesithathu, njengoba eke wahlala isikhathi eside kweyesibili.

Scroll To Top