Now Reading
Sebekhathele ukugilwa yi-Aussies kweyomhlaba abeProteas
Dark Light

Sebekhathele ukugilwa yi-Aussies kweyomhlaba abeProteas


Leli qembu libonakala likhombisa ubungozi obuyisimanga futhi akubuzwa ukuthi maduze lizothwalisa kanzima amanye amaningi elisazobhekana nawo emiqhudelwaneni 


Ufuna iProteas iqede iminjunju yokuphuthwa yiNdebe YoMhlaba owayedlala eqenjini lesizwe laseNingizimu Afrika uJustin Kemp.

IProteas ayikaze iyinqobe iNdebe YoMhlaba kusukela abuyiselwa emidlalweni yamazwe ngowe-1992. Isigilwe i-Aussies amahlandla amaningi emidlalweni emqoka kweyomhlaba.

Namanje isavusa amanxeba indaba kaLance Klusener no-Allan Donald abayeka ingqayizivele yokufaka iProteas kowamanqamu ngowe-1996. Babedinga umgijimo owodwa emabholeni amathathu ukuze baweze iProteas ngelibanzi.

I-Australia yayidinga iwikhethi eyodwa. La mazwe aqeda elingana ngemigijimo engama-213 kwathi i-Aussies yadlulela kowamanqamu ngoba ayede ngaphezu kweProteas kweyamaqoqo.

Ngowe-2007, i-Australia iyona eyakhipha iProteas kowandulela amanqamu eNdebe YoMhlaba kwelaseWest Indies.

Kulo nyaka i-Australia iyona ezobe isingethe iNdebe YoMhlaba.

IProteas isathungatha isicoco sawo sokuqala. UJustin Kemp owayekwenza konke kuProteas utshele elaboHlanga ukuthi kungaba ngumzuzu omnandi ukuphakamisa isicoco seNdebe YoMhlaba e-Australia.

“Kungayinto emnandi kakhulu phela leyo. Kudala i-Australia isiphula izinhliziyo kweyeNdebe YoMhlaba. Iqembu esinalo linakho konke okungalenza linqobe iNdebe YoMhlaba. Sesidinga nenhlanhla nje ngoba iyafuneka nayo kweyoMhlaba ikakhulukazi le midlalo oyinqoba ngomgijimo owodwa,” kubeka uKemp owadlala kweyeNdebe YoMhlaba eWest Indies ngowezi-2007.

IProteas izinto ziwahambela kahle ochungechungeni lwemidlalo emihlanu yeT20 ayidlala ne-India ekuhambeni. Ahamba phambili ngo-2/1. Kowokuqala anqobe ngamawikhethi ayisikhombisa kwathi kowesibili aphumelela ngamawikhethi amane. I-India inqobe umdlalo wesithathu ngamigijimo engama-48.

La mazwe azobhekana emidlalweni wesine unamuhla ngelesi-3.30 ntambama eSaurashtra Cricket Association Stadium bese kuthi owokugcina ube ngeSonto ngesikhathi esifanayo eM. Chinnaswamy Stadium.

“Bakhombisa ubungozi obuyisimanga. Bazothwalisa amaqembu amaningi kanzima. Uma ubheka ukuthi kusazobuya uQuinton De Kock, lokhu kusho ukuthi iqembu lethu liqinile. Ithimba labaqeqeshi lizothwala kanzima. Kunenqwaba yabadlali agenda kahle. Kunabanye abasazobuya abangekho ngezizathu ezahlukene. Badinga umdlalo owodwa ukuze baguqise elaseNdiya kuze kube yimanje baseza kahle. Njengoba ngishilo bakhombisa izimpawu zobungozi, bangigeze igilo bejaha izibalo zelaseNdiya ngempumelelo emidlalweni emibili yokuqala,” kuqhuba uKemp.

See Also

Njengamanje uDwaine Petrorious ubhetha endaweni yesithathu. “Banesizathu esenza uDwaine bamfake endaweni yesithathu. Leli qhinga lisebenzile emidlalweni emibili yokuqala. Ukwazile ukuthola ama-run ngokusheha emabholeni amancane,” kubeka uKemp.

Ukaputeni weqembu uTemba Bavuma isamphika ifomu.

“UTemba kumfanele ukuba sesikwatini seProteas. Indawo yakhe uyisebenzele. Akazange afakwe ngopotsho. Phambili wenze kahle. Ungukaputeni weqembu. Ungumdlali weqophelo eliphezulu. Ifomi yakhe izobuya. Ukubuya kukaDe Kock nakho kuzomehlisela umthwalo. Angingabazi ukuthi uqonda kahle ukuthi kumele alwele indawo yakhe. Akanikwe ithuba uzobuyela efomini yakhe yangempela,” kuchaza uKemp.

KweyoMhlaba elakuleli liboshelwe eqoqweni elilodwa nePakistan, India neBangladesh. Amanye amaqembu amabili asazomenyezelwa.

“Sebezame abadlali abahlukene kule ndawo yomdlali okwenza konke. Akekho osayibambe ngezandla zombili. Le ndawo ngokwami isavulekile. Iqembu liqinile. Ukuzethemba kuphezulu. Banenqwaba yabadlali abayingozi. KunoHenrich Klaasen, uDavid Miller noQuinton. Bonke basefomini. U-Adien Markram usazobuya naye kanti noRile Rossouw naye ungqongqoza.” kusho uKemp.

Scroll To Top