Isaqhubeka nokupheka ithulula iChiefs kubaqeqeshi



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
NgoMsombuluko silale nezindaba zokuthi ligqashukile igoda phakathi kukaMolefi Ntseki neKaizer Chiefs. Lezi zindaba bekuvele zilindelekile ukuthi zingenzeka noma inini, kwazise uNtseki ibimuphika imiphumela. Ngempelasonto edlule uphume ngesamagundane eFNB Stadium kwazise iChiefs iwashiswe ijezi AmaZulu FC koweBlack Label Knockout.
Bekungekhona okokuqala kwazise kuke kwenzeka lokho phambilini, ngesikhathi leli qembu lalibhekene neTS Galaxy. Leli qembu laseSoweto laphinde lahlulela ukuthi linqobe isicoco seMTN 8, lawashiswa ijezi iMamelodi Sundowns kowandulela owamanqamu.
Phezu kwakho konke leli qembu liyiqale kambi isizini njengoba emidlalweni eyi-9, lihlulwe kwemithathu ladlala ngokulingana kwemibili lahlulwa kwemine. Lokhu kungishiya nemibuzo emibili. Owokuqala umbuzo ukuthi, iChiefs kwasekuqaleni yayimuqashelani uNtseki. Useke wenzani ebholeni njengomqeqeshi, njengoba bamunika leli thuba baze bamuthwalisa nejoka lokuthi kungenzeka abuyise izinsuku zenjabulo kuleli qembu. IChiefs akulona nje iqembu elincane elingavelwe liqeqeshwa inoma ubani.
Lokho kungivezela isithombe sokuthi ngempela abantu bakaMotoung abasenendaba neqembu, kodwa sebenake amabhizinisi asemaceleni. UNtseki wagcina ukuqeqesha iBafana Bafana nakhona njengebamba akahlanga, ngoba nakhona washeshe wabona afike ngayo.
Yize ngisigxeka isenzo seChiefs sokuqasha uNtseki, ngiphinde ngizibuze ukuthi yena uqobo lwakhe wayewuvumelani lo msebenzi. Kwayena uNtseki impela ngiyamgxeka ngoba phela ukukuqeqesha iChiefs kudinga amava, ukwazi nokuqina nokhakhayi uma abalandeli sebekunqakisa amagama. Ukuqashwa kukaCavin Johnson njengebamba nakho akunginiki ukuthula, nglba naye akanawo amava atheni futhi akaze anqobe nkomishi. Yenake kodwa ungcono uma umuqhathanisa noNtseki, ngoba uyiqeqeshile iPlatinium Stars wayibeka endaweni yesibili kulogi ngesizini yangowezi-2012/13 yaphinde yahlala endaweni yesithathu kweyangowezi-2015/16. Kanti futhi uke waqeqesha kwiSupersport United nakuMaZulu FC.
Ube isekela mqeqeshi eqenjini laseGibhithe i-Al Ahly ebambisene noPitso “Jingles” Mosimane. Naye kodwa angimboni ezohlala ngoba akanawo amava atheni. Kodwake akesithule nawa akake umbombo.
Ake ngifisele Amabhokobhoko umdlalo omuhle kusasa kowamanqamu eNdebe yoMhlaba bese ebhekene neNew Zealand.