Waze wampofu umphakathi wakwaMakhukhula ube ucebile


NGITHI ake ngiphawule kwelakho ngokuqwashisa umphakathi kanye noHulumeni ngamaqola aqola umhlabathi wabantu abasuke bebuyiselwa wona.
Isihloko sami sithi, waze wampofu umphakathi ube ucebile kangaka. Ngiqondise emphakathini wakwaMakhukhula eNtshidane kwaNyandeni, onodedangendlale wamapulazi aleleyo engasetshenzwa muntu. Phambilini abelungu la mapulazi kade bewalima bephakela isizwe ngawo sebehambile. Bahamba bashiya izindlu zabo, ogandaganda, izinjini zamanzi, imishini yamazambane, amaloli, igushede kanye namahhovisi okusebenzela. Okudabukisayo kakhulu ngazo zonke lezi zinto, uma ubabuza ukuthi kungani bengalimi umhlabathi badle badayise bathi kwathiwa okwe Trust, uSihlalo wayo yiNkosi, amatayitela kwaba aweNkosi.
Mihla le ibihlale ibaqhoshela ngokuthi izwe layo leli kanye namapulazi wonke lana evile eshumini. Selokhu izwe lakhululeka iminyaka engama-25, lo mphakathi ilungelo lawo lokubuyelwa amanxiwa, umhlaba, amadlinza, amatayitela kumbe imali yesinxephezelo akaze uzuze lutho, yilokhu wabukela iNkosi idla yodwa. Izindlu ezashiywa abelungu zidiliziwe, kuqaqiwe othayela, iminyango kanye namafasitela. Iminwe ikhomba iNkosi, bathi kuqaqwe izingcingonje kwadilizwa nezindonga, abakwenzayo bathi bafundiswa yiyona iNkosi. Bathi idle yonke impahla eyasala kubelungu, ithathe ogandaganda nemishini yamanzi namaloli okunye yakudayisa ngolukhulu unya lolu, umphakathi nxa ukhuluma wesatshiswe ngezinkabi. Ikomidi le Trust, laligcina lisayina uma litshelwe ngemali efakwe uHulumeni esikhwameni seTrust, kodwa iNkosi beyihamba yodwa uma isiya ebhange.
Ngifi kelwe isibibithwane ukubona ingcebo engaka lo mphakathi ohleli phezu kwayo uthi kudla umuntu oyedwa osabisa ngezinkabi. Manje akusekho zinto zokusebenza kwaSaphikho, noma umphakathi usuhlangene ukulwa nalesi simo, kodwa azikho izinto zokulima umhlabathi, kumanje kusebiwa ebusuku. Labo akade besebenza ngaphansi kweNkosi abasaholi, isimo siyabheda eNkosini. Umphakathi uthi uzikhokhela ngakho ukweba ucingo, othayela nokunye. Imizi yakwaNyandeni kanye neyathuthayo kudliwa le ndawo uthi amaqola angene nge Trust yomphakathi. Kumanje le Nkosi iwubizile umuzi wakwa Nyandeni yacela uxolo kukho konke ekwenzileyo. Kucaca ukuthi isilucela ngoba uHulumeni ekhuthaza ukuba umhlaba namatayitela abo kubuyiselwe kubantu. AbakwaNyadeni bathi abenqabi noxolo kodwa bacela iNkosi ibuyise phela amatayitela abo nawabanye abantu. Kuze kube manje impendulo ayikabuyi.
Umphakathi ucela uHulumeni angenelele ngokushesha ukuwusiza ngogandaganda nokunye ngoba usuzihlelile ukusebenza. Noma amatayitela ekhona noma engekho, umphakathi uzimisele ngokusebenza umhlabathi wawo okade uvinjiwe yiNkosi kuwo iminyaka engama-25. Ucela uNgqongqoshe Wezolimo KwaZulu-Natal ubaba uMthembu ukuba angenelele kulolu daba.
Umfundi ogkhathazekile