Inkulumo yeSILO emndenini kaShenge


NgoMgqibelo mhla zili-9 kuMandulo izwi elimqoka lathula. Leli yizwi eNdlunkulu esazalwa sakhula likhona. Izwi izizukulwanwe ngezizukulwane kweleNdlovukazi uMthaniya naseNingizimu Afrika ezakhula zilizwa. Ukuthula kwalelizwi kuqophe ikhasi elisha eNdlunkulu kaZulu, kuZulu naseNingizimu Afrika. Leli yizwi loMntwana wakwaPhindangene.
Akukho ukungabaza ekutheni izwi loMntwana lithule ngesikhathi iNingizimu Afrika isalomele. Isikhathi lapho iNdlunkulu kaZulu isalomele kanjalo. Kithi njengeNdlunkulu ukuthula kwezwi loMntwana kusivusele iminjunju. Kithi akukhona okokuqala ukuba sihanjelwe ngumzali. Kuqale kwebuza ISILO uMdlokombane. Kuthe esikhathini esifushane kwahamba iNdlovukazi, iGwalagwala yona elandelwe ngabanye abaNtwana omunye wabo okunguMntwana wakwaNdlovu, uMntwana uThembi kaBhekuzulu.
Namuhla sihlangene ngenxa yokugoduka komunye wabadala balapha eNdlunkulu nase sizweni. UMntwana ubelikhonco nesithako esimqoka eNdlunkulu, eBukhosini kanye naseNingizimu Afrika. Ukukhuluma okumqoka bekungapheleli uma ilaka lakhe nezwi lakhe lingatholakalanga.
Ekuzalekeni nasekukhuleni kwami ngibe nenhlanhla yokukhuliswa yilaba bazali engibabalule ngenhla, uMdlokombane, iNdlovukazi, uMntwana wakwaNdlovu kanye noMntwana wakwaPhindangene. Bobane laba bazali bami ezikhathini ezahlukene benze umnikelo omangalisayo empilweni yami.
Kubo ngifunde ngomndeni engizalelwe kuwo okuyiNdlunkulu kaZulu. Ngifunde ngesizwe engiyingxenye yaso uZulu. Ngifunde nangamasiko alesi sizwe esikhulukazi kanye nangezinye izizwe esiphila nazo. Okunye engikufundile kubo kakhulukazi kuMntwana wakwaPhindangene ubumqoka bokuba nombono nokuma kulokho okholelelwa kukho inqobo nje uma lokho kuzoyisa izwe phambili.
UMntwana waKwaPhindangene akakaze esabe ukuveza umbono wakhe, akakaze esabe ukuma yedwa inqobo uma ekholwa ukuthi lokho akumele kuzoyisa isizwe nezwe phambili. Okunye engikufunde kuye yisineke sokukwazi ukungayeki ukunxenxa labo ongaboni ngasolinye nabo. Uze wagoduka uMntwana esaqhubeka nokuveza imibono yakhe kulabo abangavumelani naye. Isibonelo udaba loBukhosi, bakhona abebe ngavumelani noMntwana kepha akayekanga ukubeka umbono wakhe.

NGOKOSIKO: Umuzi wakwaPhindangene ugeze ISILO neSihlalo emuva kokugoduka koMntwana. OMdala ubehambele kwaPhindangene emuva kokulondolozwa koMntwana njengokulawula kwesiko. Izithombe: nguNhlanhla Mtaka
Esinye isifundo esimqoka engisithole kulaba bazali bami abane ngubumqoka bomndeni Bangifundisile ukuthi umndeni ngumndeni noma ningavumelani ngokuthile. Bangifundise ukuthi ukungaboni ngaso linye akusho ubutha. Kuliqiniso ukuthi ekukhuleni kwethu bekukhona ukungaboni ngasolinye phakathi kukaMdlokombane kanye noMntwana wakwaPhindangene. Kepha phezu kwalokho angikaze ngizwe uMdlokombane ethi ngalokho kungaboni ngaso linye kusho ukuthi uMntwana wakwaPhindangene akaseyena uyise.
Angikaze futhi ngizwe ukuthi kulokhu ngaboni ngasolinye kuMntwana ISILO asiseyona iNkosana kaZulu. Kanjalo noMntwana wakwaNdlovu neNdlovukazi kwakuba khona ukwehluka kwemibono kepha abakaze bangabi ngumndeni.
Ngibuhlungu ukuthi ekuhambeni kwabazali bethu iNdlunkulu iqhelile kulezi zifundiso ezimqoka kangaka. Namuhla ukuba nemibono eyehlukile kumalungu eNdlunkulu sekusenza izitha. Sesikhohliwe ukuthi sizalwa yindoda eyodwa. Ngibuhlungu nakakhulu ukuthi uMntwana uhambe phezu kwaleli chilo engikhuluma ngalo. Kanjalo noMntwana wakwaNdlovu uhambe kunjalo. Lokhu ngithi angikusho esidlangalaleni ngoba ngeshwa ichilo lethu selikapakela nakomunye umndeni
wethu omkhulu uMntwana abenguNdunankulu wawo, lapha ngikhuluma ngoZulu. Namuhla ngenxa yaleli chilo sekukhona ukwahlukana esizweni. Sekukhona abantu abazondana bengakaze baxabane kepha okubaqhathayo ngukuzondana kwethu eNdlunkulu.
Namuhla sihlangene ngokufa. Esimweni esejwayelekile njengabenyama lesi yisikhathi esibuhlungu, kwabanye lesi kuba yisikhathi sokuphela. Kepha ibhayibheli ngendlela ejulileyo liyasifundisa ngokufa. Lisifundisa ukuthi kukho kukhona okuhle okungaqhamuka. Lisifundisa ukuthi yebo, ekuvalekeni kwamehlo aloyo ongasekho ayakwazi ukuvuleka amehlo abaphilayo.
Encwadini ka-Isaya wesithupha ivesi lokuqala izwi lithi ‘Ngonyaka wokufa kwenkosi u-Uziya ngabona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi esiphezulu nesiphakemeyo umsila wengubo yakhe ugcwalise ithempeli’.
Kungumkhuleko wami namuhla ukuthi sengathi sonke namuhla kakhulu iNdlunkulu kaZulu sithi ngokugoduka nangosuku lokulondolozwa koMntwana wakwaPhindangene sakubona ukukhaya. Ngokugoduka kwakhe sazikhumbula izimfundiso zabazali bethu sabuyisana singumndeni. Kanjalo nase sizweni kungumkhuleko wami ukuba ngokugoduka koMntwana wakwaPhindangene nisibone isidingo sokubuyisana, sokwamukelana nokuphilelana.
Kumaqembu ezepolitiki alapha ukuzophelezela uMntwana nani namuhla akube khona enikunqumayo, nisho ukuthi ngokugoduka koMntwana nangosuku lokulondolozwa kwakhe sasibona isidingo sokubambisana ukuze kuphele izinhlupheko zabantu bonke baseNingizimu Afrika.
Ngalesi sikhathi ngiyafisa Ukuphawula ngobudlelwane bami kanye noNdunankulu wami kanye nowesizwe. Lokhu ngithi angikuqonde ngoba enye yezinto ISILO esidala noMntwana wakwaPhindangene abangifundisa yona wukuthi ukuba sesikhundleni kufika nomqhele wameva.
Akuyona imfihlo ukuthi ngesikhathi umunwe womlando ungikhomba njengozohlala eSihlalweni saMakhosi amadala awukhombanga mina ngedwa kepha wakhomba noMntwana ukuba kube nguye ohlelembela indlela yami. Umunwe womlando wamkhomba ukuba enze kimi lokho akwenza kumkhulu wami iNgonyama uBhekuzulu nakwiSILO esingizalayo kanjalo nalokho akwenza kwiNdlovukazi yize okwayo kwaba izinsuku ezimfushane.
Lokhu ukwenze ngenhliziyo evulekileyo ngoba azi ukuthi kwabe kuyinkonzo yakhe njengoNdunankulu kanye nomunye wezingwevu zeNdlunkulu nesizwe. Kulesi sikhathi engisondelane naye kakhulu ngaso ngikuqonde kangcono ukuthi kungani iNgonyama engumkhulu kimi kanye naleyo engizalayo kanye neNdlovukazi badondolozela ngoMntwana kuyo yonke leminyaka.
Njengoba ngishilo ekuqaleni kwenkulumo yami. UMntwana ubenemibono yakhe futhi engayifihli. Kulesi sikhathi engibe naye njengoNdunankulu akaze ayifihle imibono yakhe. Khona lapho akangivimbanga nami ukuba ngibe neyami imibono. Empeleni imibono yethu ibifana mhlawumbe lapho besehluka khona bekuba yindlela yokwenza. Kulokho uMntwana njengoba ngishilo ekuqaleni usifundisile isineke sokudayisa umbono wakho kulabo ongaboni ngaso linye nabo.
Mhlawumbe ake ngigxile kulokho esivumelana ngakho nengizokwenza isiqinsekiso sokuthi yize engasekho kepha kuyafezeka.
Sino Mntwana besivumelana ukuthi isakhiwo soBukhosi simqoka nokuthi kumele sivikelwe. Uma ngikhuluma ngesakhiwo soBukhosi angikhulumi ngoZulu kepha ngikhuluma ngazo zonke izihlalo eNingizimu Afrika. Kulokhu besivumelana ekuthini uZulu yize emkhulu ngokwezibalo kepha ngeke lempi ayinqobe eyedwa kunalokho kudingeka ubunye bezindlu zonke zoBukhosi kuleli.
Okunye ebesivumelana ngakho wukuthi uBukhosi abuyilutho ngaphandle komhlaba. Ngenxa yomsebenzi wakhe ekuvikeleni umhlaba kaZulu besivumelana noMntwana ekuthini okufanayo akwenzeke kuzo zonke izizwe eNingizimu Afrika, sivumelana ekuthini uhlaka olufana ne-Ingonyama Trust alube
khona zonke izindawo. Lokhu besivumelana ngakho ngoba sibona ukuthi kukhona abaconsela amathe imihlaba eyenganyelwe ngaMakhosi. NoMntwana besivunmelana ngobumqoka bokubuyisana kukaZulu emuva kokudlakazwa yizimpi zepolitiki umkhonto ugwaza ekhaya. Besivumelana futhi ukuthi ukubuyisana kuZulu kungaba nomthelela omuhle ezweni.
Lezi zinto ezithathu ezimqoka esikhathini esifushane kusuka manje ngizoveza izinhlelo zazo zizoba kanjani. Ukwenza njalo kumqoka njengoba ekukhulumeni kwethu noMntwana besingakhulumeli thina kepha besikhulumela isizwe esikhona naleso esizayo.
Uma sengibhekisa kuye uMntwana ngiyafisa ukubonga konke okwenzele iSihlalo Shenge. Lokhu ngikuzamile ukukubonisa ngesikhathi ezinkundleni iMabhida ngikwembesa ngesikhumba sebhubesi. Kwabanye lokhu kwabe kuyisenzo esabe singejwayelekile kepha ngakwenza ngoba ngikuvuma ukuthi nembala ungumbeki waMakhosi nodondolo lweSihlalo. Ngalesi sikhumba ngabe ngibongela iNgonyama engumza wakho iNgonyama uBhekuzulu. Ngabe ngibongela ISILO esingizalayo noZulu wonkana.
Khona lapho Shenge emsebenizini wokukulondoloza naphambi kwezinkumbi zabantu bakababa, ngixolisela iNdlunkulu kaZulu nami qobo uma ngabe ohambweni lwethu kube khona lapho ukhubeke khona. Kanjalo nawe ngiyafisa ukukuxolisela uma kukhona okungenzeka ukuthi ungaboni ubakhubile. Uma bekhona ababambele uMntwana wakwaPhindangene igama ngithi ngiyamshwelezela, ngimshwelezela njengelungu leNdlunkulu, uNdunankulu kaZulu nomzali kimi.
Ngiyazi ngikhuluma egameni likaZulu neNdlunkulu uma ngithi kithi Shenge ubulidlozi eliphilayo. Inqanawe engazikiyo. Yebo ngoMgqibelo owedlule ngokuvala kwakho amehlo uvule awethu sakubona ubumqoka kwalokho obuyikho kithi. Ngesikhathi uvala amehlo kuthule nezwi lakho. Namuhla sithi goduka ungesabi, goduka unesiqiniseko sokuthi izinkulungwane zikaZulu nabantu abaqotho baseNingizimu Afrika bazoba yizwi lakho ukuya phambili.
Nami ngiphinda amazwi eNyosi yalapha ekhaya eyathi – Unesibindi Buthelezi. Nembala ubunesibindi esinqobele uZulu kokuningi. Ndlelanhle!