Usthabile ufunga uyagomela ngokumea elakuleli eFrance



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
sethenjwa seNingizimu Afrika kowePara Table Tennis uSthabile Mnyandu uthi akaziboni ehluleka kulokhu ukuyomela elakuleli kumaParalympic Games azokuba ngonyaka ozayo eFrance.
USthabile oneminyaka yobudala engama-26 Ama-Paralympics adlule ayeseToyko ngowezi-2020 amuphutha.
Uthe kulokhu unaso isixazululo sokuthi angaphindeki esamehlela ngowezi-2020.
Ngaphambi kokuthi aye kowamaParalympics kuzomele enze kahle kowe-International Table Tennis Federation (ITTF) African Para Championships ezodlalelwa eGiza, e-Egypt kusukela mhla zingama-20 kuya 20 mhla zingama-23 kwephezulu.
Le ntokazi ifulathele elakuleli ngoLwesithathu, kwazise kuzoqale kube nekhempu ezophela mhla zili-19.
“Le midlalo imuqoka kakhulu kumina ngoba inginika ithuba lokuthi ngifeze iphupho lami lokuyomela izwe lami kumaParalympics onyakeni ozayo. Ama-Paralympics adlule angiphuthile, okuyinto engingayithandanga kodwa kubuyela ekutheni ngaleso sikhathi ngangingawalungele ngokwanele emqondweni nangokomzimba okuyinto esengiyilungisile. Ngiye e-Egypt nje ngiyazi ukuthi kumele kube yimi oziphendlela indlela yokufeza iphupho lami. Ngamafuphi konke ubunzima engizobhekana nakho ngikulindele,” kusho uSthabile.
USthabile odabuka eNdwedwe, ngokwebhodi lomphebezo walapha eNingizimu Afrika nguye okeliswe esicongweni kwabe kubadlali besifazane be-para table tennis.
“Ingcindezi ihlezi ikhona. Akukhona okokuqala ngimela iNingizimu Afrika ngiyazi ukuthi yini engizobhekana nayo. Ngiyazi ukuthi bese ngingaphandle ngizobhekana nompetha bakwamanye amazwe, njengoba ngichazile akukho engingakulindele,” kubeka uSthabile.
Ngaphandle kwe-African Paralympics Championships adlala kuyona okokuqala ngowezi-2015, eMorocco, uSthabile useke wadlala nakumaPara Champs eSlovenia naseTaiwan ngowezi-2017 nangowezi-2019.
Ebuzwa ukuthi ugcine nini ukudlala imiqhudelwano emikhulu uthe: “Ayikho miningi ngaphandle kwengiyidlale nyakenye koweNational Championships eBloemfontein nalaphonengathola khona indondo yegolide koweWomen Para Standing Open. NgoNhlangulana nonyaka ngiye eFree State nalapho engabuya nendondo yelisiva. Kusukela lapho angikaze ngiyeke ukuziqeqesha, ngikholwa ukuthi ikhona okuzongisiza e-Egypt” usho kanje.
Ubalule ukuthi akaziboni ephoxa njengoba ethole ukwesekwa okwanele ngaphambi kohambo lakhe lokuya e-Egypt.
“Sibonga kakhulu ibhodi lalapha eNingizimu Afrika ngokuthi lisiseke ngayo yonke into. Ukwazi ukuthi nginabantu abangisekile lapha eNingizimu Afrika, kuzoba iyisikhuthazi esikhulu kumina ukuthi nginqobe phambili ngizibekele indawo yokuya eFrance ngonyaka ozayo. Ngibonga kakhulu ukuthola ithuba lokuba ngaphansi kohlelo lwe-Elite Athletes Development Program (EADP) olungaphansi koMnyango wezeMidlalo nokuziqeqesha ePrime Human Perfomance Insitute, ngoba ngisizakale kakhulu ukuthi ngenze kahle kwimiqhudelwano emikhulu,” kubeka uSthabile.
Yonke lempumelelo kaSthabile yenzeka nje eminyakeni engama-20 edlule wavelelwa umshophi wokushiswa umlilo. Nalapha ahlala khona isikhathi eside kwabagula okanye abalimele kakhulu. Wafuna eThembeni Special School, eThekwini, kuze kube uphothula iziqu zeCriminology & Forensic Studies eNyuvesi yaKwaZulu-Natal njengoba esesebenza enkampanini yabammeli, i-HSG Attorneys Inc, eThekwini.
Uma ebuye e-Egypt mhla zingama-24 uzobe esezilungiselela uhambo oluya eKapa koweNational Championships azoqala mhla zingama-27 kuya mhla zingama-30 kwephezulu.