Now Reading
Ukudayiselana ngezindlu zomxhaso kuyisenzo esiphambene nomthetho
Dark Light

Ukudayiselana ngezindlu zomxhaso kuyisenzo esiphambene nomthetho

Ukuba nomuzi iphupho kubantu baseNingizimu Afrika. Izinto ezifana nobhubhane kanye nokuntuleka kwemisebenzi kunomthelela kule nselele yezindlu. kubantu abaningi baseNingizimu Afrika ukuze lifezeke leliphupho lokuba nomuzi basizwa uhlelo lokwakhiwa kwezindlu zomxhaso.

UMthethosisekelo esigabeni -26 ukhuluma ngelungelo lokuthola indlu esesimeni esilungele ukuthi kungahlala umuntu, yingakho uHulumeni ehlinzeka abantu abaningi baseNingizimu Afrika abangakwazi ukuthenga izindlu, zomxhaso.

Yize uhulumeni ezama ukuhlinzeka abantu abapomfu ngalolu hlelo, izindlu eziningi zeRDP zisemadolobheni, ukuze kube lula ukuthi abahlomuli balezi zindlu bafinyelele kalula emsebenzini.

Akuwona wonke umuntu okumele azuze kulolu hlelo kodwa kulabo abafanelekile ukuthola lezizindlu, kufanele kube  abadingayo ngoba azikho izindleko ezihambisana nokuyithola lendlu.

Abamukeli akudingeki bathenge ikhaya, futhi akudingeki banikeze noma yiluphi uhlobo lwediphozi ukuze bayithole lendlu. Kodwa-ke, ukufinyelela endlini yeRDP kudinga ukuqinisekisa ukuthi abahlwempu ngempela abathola lezizindlu futhi abaphucwa amalungelo uma sebeyitholile lezizindlu.

Inqubo yokuthenga indlu yeRDP ibandakanya izimfuno ezithile ezingokomthetho okufanele abantu baziqonde ukuze kuqinisekiswe. Siyakuqonda ukuthi izindlu zomxhaso kuhloswe ngazo ukuhlomulisa abantu abangenamali futhi abadinga izindlu. Iqiniso ukuthi ayidayisi indlu ngoba iyisibonelelo sikaHulumeni.

Iqiniso ukuthi abaningi bavame ukuzidayisa lezizindlu bakhethe esikhathini esiningi ukuqhubeke nokuhlala ezimeni ezingezinhle. Inhloso yezindlu zeRDP ukusiza abantu abahlwempu nabahluphekayo.

UMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu kudinga ukuqinisekisa ukuthi  abahlomulayo abantu abahlwempu nabahluphekayo. Ukuze umuntu akwazi ukuthola indlu , kufanele abe yisakhamuzi saseNingizimu Afrika, uhola ngaphansi kwezi-R3 500 ngenyanga.

Kufanele kube nabantu abancike kuwe ngokwezezimali, kube umuntu ongakaze abe nomuzi, futhi akaze athole indlu yomxhaso kahulumeni. ungumakadebona wezempi, udinga ukube awushadile kodwa kunabantu abancike kuwe ngokwezezimali. Uma ungumuntu osekhulile, udinga ukube awushadile kodwa kunabantu abancike kuwe ngokwezezimali.

Umhlomuli wendlu yomxhaso akavunyelwe ukuqashisa iRDP, uma ubanjwe uqashisile ngendlu yakho yeRDP, ungahlawuliswa noma ulahlekelwe ikhaya noma kokubili.

Uma ufuna ukwenza izinguquko noma ukulungiswa kwendlu yakho yeRDP, uzodinga imvume evela kuMkhandlu wakho weDolobha ngaphandle kwalokho, uzothola inhlawulo yokulungisa nokwenza izinguquko napandle kwemvume, futhi isakhiwo owakhayo singadilizwa.

Akakwazi futhi akavumelekile ukuthi ayidayise indlu yomxaso phakathi neminyaka eyisishiyagalombili (8), uma ungumnikazi futhi uhlala kwindlu yeRDP iminyaka engaphezu kuka-8, khona-ke ungakha endlini ngaphandle kwemvume evela emkhandlwini.

Lo mthethonqubo uhloselwe ukuvimbela ubungebengu kanye nokuqinisekisa ukuthi labo abahlonzwa ukuthi bathole lezizindlu kwakungabafanele hayi ukuthi abantu benze ithuba lokuthola imali noma inzuzo engafanele, ngoba ukuba nekhaya kunikeza umuzwa wokuphepha kuwe nezingane zakho, ngisho nabazukulu bakho.

Ukudluliswa kobunikazi bendlu yeRDP kubandakanya ukukhishwa kwetayitela lendlu. Ukunikezwa kwetayitela iHhovisi likaHulumeni ukuqinisekiswe ukuthotshelwa komthetho ngoba umhlomuli akangekhe akwazi ukulishinta itayitela ingekapheli iminyakha ewe8.

Ngemuva kweminyaka eyisishiyagalombili, imikhawulo ethile ingase ihlale kwitayitela lendlu yeRDP. Le mikhawulo ingase ihlanganise imikhawulo ekushintshweni, ukuqasha, noma ukuthengisa ngaphandle kokuthobela imithetho ethile.

Uma ohlomulayo efisa ukudayisa indlu yakhe yeRDP ngemva kweminyaka eyisishiyagalombili, kufanele alandele izinqubo zikahulumeni zokudayiswa kabusha. Lokhu kubandakanya ukuthola ukugunyazwa okudingekayo kanye nokuthobela izinkombandlela zokuqinisekisa ukuthi indawo idayiselwa umthengi ofanelekile.

Enye inzuzo yendlu yeRDP uma ngabe unquma ukuthengisa indlu yakho, nawe uthola ukugcina imali etholwayo futhi ungathola ikhaya elingcono.

See Also

Njengoba ungadingi ukukhokha ukuze uthole indlu, konke okutholayo ngokuthengiswa kwendlu yakho yeRDP kuyinzuzo futhi ungayisebenzisa njengisibambiso ukuthenga enye indlu.

Empeleni umnikazi nguye ozohlomula endlini yeRDP. Kodwa abancike kuye ababhalwe esicelweni ngokuvamile benza ukuma ukuthola ifa lendlu lapho umnikazi eshona, ngoba ngokuvamile yizihlobo zakhe zegazi, futhi inqubomgomo kahulumeni ukuthi izindlu zeRDP kufanele zihlale emndenini.

Indlu yeRDP ingathengiswa kuphela ngemvume ebhaliwe kamasipala. Umthetho weHousing Amendment Act, usho ngokucacile ukuthi umhlomuli unqatshelwe ukuthengisa indlu ngaphandle kwesikhathi seminyaka eyisishiyagalombili.

Incwadi yesihloko ikhishwe ngokusho komhlomuli osemthethweni futhi uma uthenga indlu, isazoqhubeka ibe ngeyomnikazi ofanele futhi akulula ukushintsha incwadi yesihloko uma indlu ithengiswe isikhathi seminyaka eyisishiyagalombili.

Ukuthenga izindlu zeRDP ngokusebenzisa abameli, kufaka phakathi ukusayina amaphepha nokuhamba akusho lutho uma kungekho mvume ebhaliwe evela kumasipala futhi iminyaka engu-8 ayizange iphele ngoba umthengi namanje akanayo indlu ngokusemthethweni ngoba umnikazi ongumthengisi kufanele alinde iminyaka eyisishiyagalombili ukushintsha incwadi yesihloko.

Lowo ozohlomula (umnikazi wendlu yeRDP) unelungelo lokukhombisa encwadini yokufa ozodla ifa lempahla lapho eshona, kodwa uma ukufa kwenzeka ngaphandle kokushiya incwadi yokufa, umnyango wezokuhlaliswa kwabantu unamagama amarekhodi abantu abancike kubo abanelungelo lokuhlala noma ukuthatha indlu.

Lenkulumo akusona iselulekho ngezimithetho kodwa ulwazi olungwayekile. abafundi balenkulumo bayagququzelwa ukthi baxumane nabameli ukuthola iselulekho ngezomthetho nolwazi okuyilona lona.

  Lombhalo  awusona  iselulekho ngezomithetho kodwa izi zolwazi olungwayekile. Abafundi balenkulumo bayagququzelwa ukuthi baxhumane nabameli ukuthola iseluleko ngezomthetho nolwazi okuyilona lona.

Scroll To Top